UHezekiya Uthumela U-Eliyakimi NoShebhina Ku-Izaya
1Kwathi ukuba inkosi uHezekiya izwe lokho, yaklebhula izingubo zayo, yembatha indwangu eyisaka, yangena endlini kaSimakade. 2Yathumela u-Eliyakimi owayengamele isigodlo, noShebhina, umbhali, namalunga wonke, begqoke indwangu eyisaka, baya ku-Izaya, umphrofethi, indodana ka-Amose. 3Bathi kuye: “Usho kanje uHezekiya, uthi: ‘Lolu lusuku losizi, nolokusolwa nolokwedelelwa, ngokuba abantwana sebekulungele ukuzalwa, kodwa awekho amandla okubazala. 4Mhlawumbe uSimakade uNkulunkulu wakho uwezwile wonke amazwi kaRabi Shake othunywe yinkosi yakhe, inkosi yase-Asiriya, ukuzokwedelela ngawo uNkulunkulu ophilayo. USimakade uNkulunkulu wakho athi angawezwa, awasole lawo mazwi, bese kuthi ngenxa yensali, awuzwe umkhuleko wakho.’ ”
5Izinceku zenkosi uHezekiya zafika ku-Izaya. 6U-Izaya wathi kuzo: “Niyakusho kanje enkosini yenu, nithi: ‘Usho kanje uSimakade, uthi: “Ungawesabi amazwi owezwileyo, izinceku zenkosi yase-Asiriya ezingithuke ngawo. 7Bheka, ngizothumela kuye umoya, uyakuzwa umbiko, bese ebuyela ezweni lakubo, ngimwise khona ngenkemba.” ’ ”
Ukuthunyelwa Kwezinye Izithunywa KuHezekiya
8URabi Shake waphindela emuva, emveni kokuba ezwe ukuthi inkosi isukile eLakhishi, wayifumana inkosi yase-Asiriya ilwa neLibhina. 9Esezwile ngoThirahaka, inkosi yaseKhushe, kuthiwa: “Bheka, iphumile ukuba izokulwa nawe, wabuyela emuva, wathumela izithunywa kuHezekiya, ethi: 10‘Niyokuthi kuHezekiya, inkosi yakwaJuda: “Ungavumi uNkulunkulu wakho omethembayo akukhohlise ngokuthi iJerusalema aliyukunikelwa esandleni senkosi yase-Asiriya.”
11“ ‘Uyabona-ke, uzizwele nawe okwenziwe ngamakhosi ase-Asiriya kuwo wonke amazwe, awabhubhisa. Pho wena uyakusinda na? 12Onkulunkulu balezo zizwe ezabhujiswa ngokhokho bami, iGozani, iHarana, iRezefi, abase-Edene, nabaseThelasari, bakwazi yini ukuzisindisa na? 13Iphi inkosi yaseHamathi, eyase-Ariphadi, eyomuzi iSafarivayimi, eHena, nase-Iva na?’ ”
Umkhuleko KaHezekiya
14UHezekiya wayamukela incwadi eyayilethwe yizithunywa, wayifunda. UHezekiya wayesekhuphukela endlini kaSimakade, wafike wayeneka phambi kukaSimakade.
15UHezekiya wakhuleka phambi kukaSimakade, wathi: “Simakade Nkulunkulu ka-Israyeli ohleli phezu kwamakherubhi, Wena wedwa unguNkulunkulu, nguwe wedwa owenze izulu nomhlaba. 16Simakade, beka indlebe yakho ulalele; vula amehlo akho, Simakade, ubone, uzwe amazwi kaSaneheribhi awathumele ukweyisa ngawo uNkulunkulu ophilayo.
17“Kuliqiniso impela Simakade ukuthi amakhosi ase-Asiriya azibhubhisile izizwe, namazwe azo, 18aphonsa onkulunkulu bawo emlilweni, ngokuba babengeyibo onkulunkulu, babe ngumsebenzi wezandla zabantu nje, imithi, namatshe, yingakho ebabhubhisile. 19Manje, Simakade Nkulunkulu wethu, ake usisindise esandleni sakhe, ukuze yonke imibuso yomhlaba yazi ukuthi Wena, Simakade, unguNkulunkulu, Wena wedwa.”
U-Izaya Uthumela Umyalezo KuHezekiya
20U-Izaya, indodana ka-Amose, wathumela kuHezekiya, wathi: “Usho kanje uSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: ‘Lokho obukukhulekela kimi ngoSaneheribhi, inkosi yase-Asiriya, ngikuzwile.’
21“Nanti izwi uSimakade alikhulumile ngaye, uthi:
“ ‘Ikwedelele, yakuhleka usulu intombi;
indodakazi yaseZiyoni,
ikunikinele ikhanda indodakazi yaseJerusalema.
22Weyise bani,
wathuka bani na?
Uliphakamisele bani izwi,
uwabhekisele bani
amehlo akho phezulu na?
Ongcwele ka-Israyeli!
23Ngesandla sezithunywa zakho,
uyijivazile iNkosi,
wathi: “Ngobuningi bezinqola zami,
ngikhuphukele phezulu ezintabeni,
phakathi kweLebhanoni,
ngigawula imisedari yalo emide,
nemisayiphuresi yalo ekhethekileyo,
ngingene endaweni yalo esekugcineni
nasehlathini lalo eliminyeneyo.
24Ngemba, ngaphuza amanzi angaziwayo;
ngomisa ngamathe onyawo lwami,
yonke imifula eGibhithe.”
25“ ‘Awuzwanga yini kwakudala
ukuthi ngakuhlela kwasemandulo na?
Ngakunquma;
manje sengikufikisile
ukuba ubhubhise imizi ebiyelweyo,
ibe yizinqwaba.
26Abakhe kuyo babe namandla amancane,
besaba, bajabha;
baba njengotshani basendle,
nembali notshani obuluhlaza,
nokuluhlaza ophahleni lwezindlu,
nokusanhlamvu okuhamukile kungakakhuli.
27“ ‘Kepha ukusukuma kwakho,
nokuhlala kwakho,
ukuphuma nokungena kwakho, ngiyakwazi,
nokungithukuthelela kwakho.
28Ngenxa yokuba ungithukuthelele,
nokuzidla kwakho kwenyukele ezindlebeni zami,
ngiyakubeka ingwegwe yami emakhaleni akho,
netomu lami emlonyeni wakho,
ngiyakukubuyisela endleleni oweza ngayo.’
29“Lokhu kuyakuba yisibonakaliso kuwe:
niyakudla ngalo nyaka okuzikhulelayo,
nangonyaka wesibili isihlabane,
nangonyaka wesithathu hlwanyelani, nivune,
nitshale izivini,
nidle izithelo zazo.
30Abasindileyo bendlu yakwaJuda,
abaseleyo bayakubuye bagxile phansi,
bathele izithelo phezulu.
31Ngokuba kuyakuphuma eJerusalema insali,
nasentabeni iZiyoni abayakusinda;
ukushisekela kukaSimakade kuyakufeza lokho.
32“Ngalokho usho kanje uSimakade enkosini yase-Asiriya, uthi:
“ ‘Ayiyukungena kulo muzi,
ayiyukucibishela mcibisholo khona;
ayiyukubhekisa kuwo isihlangu,
ayiyukunqwabela iduli kuwo.
33Ngendlela eyafika ngayo,
iyakubuyela ngayo;
ayiyukungena kulo muzi,
kusho uSimakade.
34Ngiyakuwuvikela lo muzi, ngiwusindise
ngenxa yami,
nangenxa yenceku yami, uDavide.’ ”
35Kwathi ngalobo busuku, kwaphuma ingelosi kaSimakade, yabulala enkanjini yabase-Asiriya abayizi-185 000; sebevuka ekuseni, bheka, kwakuyizidumbu zodwa. 36Wayesesuka uSaneheribi, inkosi yase-Asiriya, wahamba, wabuya, wahlala eNinive.
37Kwathi ekhuleka endlini kaNisiroki, unkulunkulu wakhe, u-Adirameleki noSarezeri, amadodana akhe, ambulala ngenkemba, abalekela e-Ararathi. U-Esari Hadoni, indodana yakhe, waba yinkosi esikhundleni sakhe.