Eminye Imisebenzi KaSolomoni
1Kwathi ekupheleni kweminyaka engama-20, uSolomoni eyakhile indlu kaSimakade nesigodlo sakhe, 2uSolomoni wakha kabusha imizi ayeyinikwe nguHuramu, wayesehlalisa kuyo abantu bakwa-Israyeli. 3USolomoni wahlasela iHamathi Zobha, walinqoba. 4Wakha iThadimori ehlane, kwathi eHamathi wakha imizi eyizinqolobane. 5Wakha iBhethi Horoni engenhla, neBhethi Horoni engezansi, imizi ebiyelweyo enezingange, amasango, nemigoqo. 6Wakha neBhalathi, nayo yonke imizi eyizinqolobane. Yonke imizi yezinqola, imizi yabamahhashi, kwakungekaSolomoni, nakho konke ayefisa ukukwakha eJerusalema, eLebhanoni nakulo lonke izwe ayelibusa.
7Bonke abantu ababeyinsali yamaHithi, ama-Amori, amaPherizi, amaHivi namaJebusi, ababengesibo abozalo lwabaka-Israyeli, 8abozalo lwabo ababesele ezweni, ababengababhubhisanga abantu bakwa-Israyeli, uSolomoni wabenza izigqila kuze kube namuhla. 9Kepha uSolomoni akabenzanga abantu bakwa-Israyeli izigqila ezenza umsebenzi wakhe, kodwa babengamabutho, bengabakhuzi bempi beyizikhulu zakhe, nezinduna zezinqola zakhe. 10Labo ababeyizikhulu ezinkulu zenkosi uSolomoni babengama-250, bephethe abantu.
11USolomoni wakhuphula indodakazi kaFaro emzini kaDavide, wayiyisa endlini ayakhela yona, ngokuba wathi: “Umkami akanakuhlala endlini kaDavide, inkosi yakwa-Israyeli, ngokuba ingcwele, kulapho kwafikela khona umphongolo kaSimakade.”
12USolomoni wanikela lapho ngeminikelo yokushiswa kuSimakade, e-althare likaSimakade ayelakhe phambi kompheme, 13njengalokhu kufanele, imihla ngemihla. Wayenikela njengokomyalo kaMose, ngamasabatha, ngokwethwasa kwenyanga, nangemikhosi emisiweyo. Wayenikela kathathu ngonyaka: ngomkhosi wesinkwa esingenamvubelo, ngomkhosi wamasonto, nangomkhosi wamadokodo. 14Njengokomthetho kayise uDavide, abaphristi wabamisa ngokwezigaba zabo enkonzweni, nabaLevi ezikhundleni zabo, ukuba badumise, bakhonze phambi kwabaphristi njengemfanelo imihla ngemihla. Abalindimasango nabo wabamisa ngezigaba zabo emasangweni; kulelo nakulelo sango, ngokuba uDavide, umuntu kaNkulunkulu, wayeyale ukuba kube kanjalo. 15Kabazange baphambuke emiyalweni yenkosi, kubaphristi nakubaLevi, nakokuphathelene nengcebo.
16Wonke umsebenzi kaSolomoni wahlelwa kusukela osukwini okwabekwa ngalo isisekelo sendlu kaSimakade kwaze kwaba sekupheleni kwendlu kaSimakade.
Imikhumbi KaSolomoni
17USolomoni wayesesuka waya eZiyoni Gebheri nase-Elathi, ogwini lolwandle, kwa-Edomi. 18UHuramu wathumela kuye ngezinceku zakhe imikhumbi nezinceku ezazilujwayele ulwandle. Zahlangana nezinceku zikaSolomoni, zaya e-Ofiri, zalanda khona amathalenta angama-450 egolide, zawayisa enkosini uSolomoni.