Ukufa KukaJudase
1Lapho uDemetriyu ezwa ukuthi uNikhanori kanye nempi yakhe baphelile empini, wathumela ngokwesibili uBhakhidesi kanye no-Alkhimusi ezweni lakwaJuda, wathumela futhi kanye nabo impi efanelekile. 2Bahamba ngendlela eqonde eGalgala baze bakanekisa ngaseMayisalothi e-Arbelosi balidla babulala abantu abaningi. 3Ngenyanga yokuqala yonyaka we-152, bakanekisa ngaseJerusalema; 4baphinde basuka balibangisa eBeriya nempi ehamba ngezinyawo eyizi-20 000 kanye negibele amahhashi eyizi-2 000. 5UJudase yena wayekanise ngase-Elasa ehamba namadoda aqokiwe ayizi-3 000. 6Lapho bebona ubuningi bempi eyayizobahlasela, bangenwa luvalo, abanye bamonyuka lapho ikanise khona, kwaze kwasala nje amadoda angama800. 7Lapho uJudase ebona ukuthi iningi lempi yakhe libalekile, nokuthi kwase kusele kancane itholane phezulu, walimala kakhulu emoyeni, ngokuba sasingasekho isikhathi sokuphinda ahlanganise enye. 8Waphelelwa ngamandla, kodwa wathi kwabaseleyo: “Masisukume sibhekane nezitha zethu. Sinawo amandla okulwa nazo.”
9Kepha bazama ukuba bamthene amandla, bethi: “Asinawo amandla. Kodwa into esinokuyenza manje ukuba siphephise ukuphila kwethu, ngokuhamba siqoqe abahlobo bethu sibuye futhi sizokulwa nabo; thina, siyingcosana kakhulu.”
10Kepha uJudase wathi: “Makube kude nathi ukwenza ihlazo lobugwala. Uma isikhathi sethu sesifikile, masife ngesibindi sifela abafowethu, sishiye kungekho sizathu nambuzo ngokuhlonipheka kwethu.”
11Impi kaBhakhidesi yase iphuma ekamu yalungela ukubhekana nabo. Abagibele amahhashi behlukaniswa amathimba amabili, kwathi abezindwayimane kanye nabemicibisholo, bahamba phambi kwempi, kanjalo nawo wonke amabutho asekhulile. 12UBhakhidesi wayesophondweni lwesokunene, ezungezwe ngamathimba amabili. Amabutho akhe anikela ahlasela lapho kukhala amacilongo; kwathi amadoda ayehamba noJudase nawo abetha imitshingo yawo. 13Kwazamazama umhlabathi ngenxa yomsindo wempi, ngakho-ke impi yabhekana kusukela ekuseni kwaze kwaba kusihlwa.
14UJudase wabona ukuthi uBhakhidesi namandla empi yakhe kungakwesokunene, ngakho-ke onke amadoda anesibindi ahamba naye. 15Balushaya balucoboshisa uphondo lwesokunene, wayesebahubha kwaze kwaba se-Azotusi. 16Kwathi lapho ababesophondweni lwesokhohlo bebona ukuthi uphondo lwesokunene luqothuliwe, baphenduka balandela uJudase nabempi yakhe ezithendeni. 17Impi yaba nzima kakhulu, kwalimala kwafa abaningi nxazombili. 18UJudase naye wasala kuleyo kwase kuthi abaseleyo babaleka. 19UJonathani noSimoni bamthatha uJudase umfowabo bamngcwaba engcwabeni loyisemkhulu eliseModeyini 20futhi bamlilela. Wonke u-Israyeli walila kakhulu ngoJudase; balila izinsuku eziningi bathi: 21“Liwile kanjalo iqhawe nomsindisi ka-Israyeli!”
22Ezinye izindaba nezenzo zikaJudase, izimpi kanye nezenzo zakhe zobuqhawe, kanye nobukhulu bakhe, azilotshiwe, ngoba ziningi kakhulu.
UJonathani Uthatha Ubuholi Emuva KukaJudase
23Emva kokufa kukaJudase, kwavela imigundatshani kuzo zonke izingxenye zika-Israyeli; zonke izephulamthetho zaphinde zavela. 24Kulezo zinsuku kwavela nendlala enkulu, kwathi izwe lonke labuyela ezitheni. 25UBhakhidesi wakhetha ababengalungile wababeka ukuba baphathe izwe. 26Benza uphenyo bafunisisa ukuthola abangani bakaJudase, babaletha kuBhakhidesi, owaziphindiselela kubo wabukisa ngabo. 27Ngakho-ke kwaba khona ukukhathazeka okukhulu kwa-Israyeli, okungakaze kubonakale selokhu kwaphela izikhathi zabaphrofethi phakathi kwabo.
28Ngakho-ke bonke abangani bakaJudase bahlangana bathi kuJonathani: 29“Selokhu kufe umfowenu akuvelanga muntu omunye ofana naye ukuphuma abhekane nezitha zethu kanye noBhakhidesi, nokuba abhekane nalabo esizweni sakithi abasizondayo. 30Ngakho-ke manje siyakukhetha namhlanje ukuba uthathe indawo yakhe njengombusi nomholi, ukulwa izimpi zethu.”
31Ngakho-ke uJonathani wabemukela ubuholi ngaleso sikhathi endaweni yomfowabo uJudase.
Izimpi ZikaJonathani
32Lapho uBhakhidesi ezwa ngalokhu, wazama ukumbulala, 33kodwa uJonathani nomfowabo uSimoni nabo bonke ababenaye bezwa ngalokhu, babalekela ehlane laseTekhowa bakanisa ngasemanzini echibi lika-Asafari. 34UBhakhidesi wezwa ngalokhu ngosuku lwesabatha, wase yena nayo yonke impi yakhe ewela iJolidani. 35Ngakho-ke uJonathani wathumela umfowabo njengomholi wezinkumbi wabancenga abaseNabateyani, ababengabangani bakhe, ukuba bamnike imvume yokuba agcine kubo inqwaba yempahla ababenayo. 36Kepha umndeni kaJambiri owawuvela eMedaba waphumela obala wambamba uJohani nakho konke ayenakho, wahamba nakho.
37Emva kwalezi zinto kwabikwa kuJonathani nomfowabo uSimoni: “Umndeni kaJambiri ugubha umkhosi omkhulu womshado, futhi baqhuba umakoti, indodakazi yomunye wezikhulu zaseKhanani, besuka eNadabathi baphelezelwa yisixuku esikhulu.”
38Bekhumbula ukuthi umfowabo uJohani wabulawa kanjani, bakhuphuka bazifihla ngaphansi kwentaba. 39Babheka babona isinyokotho esinomsindo omkhulu futhi sithwele impahla eningi. Nomkhwenyana waphuma kanye nabangani bakhe nabafowabo ukubahlangabeza beshaya amathamborini futhi behambisana nabaculi kanye nezikhali eziningi. 40Base bebaphuthuma bevuka lapho babebhace khona baqala ukubabulala. Iningi lalimala neningi lafa, abaseleyo babalekela ezintabeni; abaJuda ayesethatha yonke impahla yabo. 41Ngakho-ke umshado waphenduka isililo kanjalo nezwi labaculi babo laphenduka iculo elinzima lomngcwabo. 42Emveni kokuba sebeziphindisele ngokupheleleyo ngegazi lomfowabo, babuyela kweliphansi laseJordani elalihlala liswakeme futhi ligcwele amanzi. 43Lapho uBhakhidesi ezwa ngalokhu, weza nempi enkulu ngosuku lwesabatha wafinyelela ogwini lomfula iJolidani.
44UJonathani wathi kulabo ababenaye: “Masiphakame manje silwele ukuphila kwethu, ngokuba namhlanje izinto azifani nanjengoba zazinjalo ngaphambili. 45Ngokuba bheka! Impi iphambi kwethu nangemuva kwethu, amanzi eJolidani angapha nangapha kwethu, kanjalo nameva nehlathi elicinene, akukho ndawo esingaphendukela kuyo. 46Ngakho-ke masikhale siphakamisele izwi lethu ezulwini, sicele ukuba sikhululwe ezandleni zezitha zethu.”
47Ngakho-ke impi yaqala, uJonathani welula isandla sakhe eshaya uBhakhidesi, kodwa wavika wase ebuyela emuva kwempi. 48UJonathani nempi yakhe base bephonseka emfuleni iJolidani babhukuda bawelela ngaphesheya, kodwa isitha asiliwelanga iJolidani ukuze sibahlasele. 49Kwawa ngalolo lusuku amadoda ayinkulungwane empi kaBhakhidesi.
50UBhakhidesi wase ebuyela eJerusalema, wakha imizi eqinile eJudiya: izinqaba eJerikho, e-Emmawuse, eBhethi Horoni, eBhetheli, eTiminathi, ePharathoni kanye naseTefoni, kwakunezingange ezinde namasango kanye nemigoqo. 51Wayesebeka amabutho kuyo ukuze ahluphe u-Israyeli. 52Waqinisa futhi nomuzi waseBhethi-zuri nowaseGazara kanye nombhoshongo, wabeka amabutho kuyo kanye nokudla. 53Wathumba amadodana amadoda ayedumile ezwe, wawagcina egadiwe eJerusalema.
54Ngomnyaka wekhulu namashumi amahlanu nantathu, ngenyanga yesibili, u-Alkhimusi wakhipha umyalo wokuba kubhidlizwe udonga olwalwehlukanise ingxenye ephakathi yendawo engcwele. Wayidabula nemisebenzi yabaphrofethi! 55Esaqala ukuyicekela phansi imisebenzi yabo, washaywa ngaleso sikhathi u-Alkhimusi wabe usunqindeka kanjalo umsebenzi, washaywa uhlangothi akabe esakhuluma. Wayengakwazi nakukhuluma gama noma ukunikeza umyalo mayelana nendlu yakhe. 56U-Alkhimusi wafa, esebuhlungwini obukhulu. 57Lapho uBhakhidesi ebona ukuthi u-Alkhimusi ufile, wabuyela enkosini, izwe lakwaJuda laba nokuthula iminyaka emibili.
58Kwase kuthi bonke abangenamthetho baceba icebo bathi: “Niyabona, uJonathani namabutho akhe bahleli ngokuthula nangokuzethemba. Ngakho-ke manje masibuyise uBhakhidesi, ukuze ababambe bonke ngabusuku bunye.”
59Bahamba babonisana naye. 60Waqala ukuza nenkulu impi le, futhi wathumela izincwadi ngesinyelela kubo bonke ababambisene naye eJudiya, ebazisa ukuba babambe uJonathani namabutho akhe, kodwa kabakwazanga ukukwenza, ngokuba icebo labo lase laziwa. 61Ibutho likaJonathani labamba amadoda angamashumi amahlanu ezwe ayehola laba ababebanyonyobela lawabulala. 62Kwase kuthi uJonathani kanye namabutho akhe, noSimoni bemuka lapho baya eBhethibhasi elisehlane; wakha izingxenye zalo ezazibhidliziwe, waliqinisa.
63Lapho uBhakhidesi ekuzwa lokhu, wabutha onke amabutho akhe, wathumela umyalo kumadoda onke ayeseJudiya. 64Ngakho-ke weza wakanekisa eBhethibhasi; walwa nalo izinsuku eziningi futhi wenza nemishini yempi yokudiliza ugange. 65Kepha uJonathani washiya umfowabo uSimoni emzini lapho esaphumile nedlanzana lamabutho. 66Wachitha u-Odomera kanye nabafowabo kanye nabantu base Phasironi emathendeni abo. 67Waqala futhi nokuhlasela waya empini namabutho akhe. USimoni namabutho akhe baphuma isinyelela emuzini bathungela ngomlilo imishini yempi. 68Balwa noBhakhidesi, bamehlula. Bamcindezela kakhulu ngokuba icebo lakhe kanye nohambo lwakhe lwalube yize. 69Wabathukuthelela kakhulu labo ababemgqugquzele ukuba eze ezweni, wabulala abaningi babo. Wase enquma ukubuyela ezweni lakubo.
70Lapho uJonathani ezwa ngalokhu, wathumela izithunywa kuye ukuba enze uxolo naye nokuba akhulule abathunjiweyo. 71Wavuma, wenza njengoba ethembisile, wafunga futhi kuJonathani ukuthi akanakuzama ukumbulala uma nje esaphila. 72Wabuyisela kuye abathunjwa ayebathathile ezweni lakwaJuda, wayesephenduka wabuyela ezweni lakubo, kaphindanga wabuyela kwelakwaJuda. 73Ngakho-ke ukulwa kwema kwa-Israyeli. UJonathani wakha eMikhimashi waqala ukwehlulela abantu; wabhubhisa bonke ababengenankulunkulu kwa-Israyeli.