1 KwabaseKhorinte 5
Ukudlanga Kobufebe KwabaseKhorinte
1Impela kubikwa ukuthi kudlange ubufebe phakathi kwenu, futhi lobu obungekho ngisho nakwabezizwe: njengokuba kubikwa ukuthi omunye wenu ulala nomkayise. 2Kodwa nina nilibele wukuzigabisa kunokuba nilile, ukuze asuswe kini lowo owenze leso sono. 3Ngokuba mina, nakuba ngingekho phakathi kwenu ngokomzimba, kodwa ngikhona ngokomoya, futhi sengimahlulele lowo muntu okwenzileyo lokho, sengathi nami ngikhona lapho. 4Ekuhlanganeni kwenu egameni leNkosi uJesu, nami nginani ngomoya nangamandla eNkosi yethu uJesu, 5ukuba lowo muntu anikelwe kuSathane, kubhujiswe umzimba, ukuze kusindiswe umoya wakhe ngosuku lweNkosi uJesu.
6Ukuzigabisa kwenu akukuhle neze. Kanti anazi yini ukuthi imvubelo encane iyikhukhumalisa yonke inhlama na? 7Khiphani imvubelo endala ukuze nibe yinhlama entsha, njengokuba ningenamvubelo. Ngokuba nelethu iPhasika elinguKhristu lihlatshiwe. 8Ngakho-ke asiwugubhe umkhosi, hhayi ngemvubelo endala yokonakala nobubi, kodwa ngesinkwa esingenamvubelo sobumsulwa neqiniso.
9Encwadini yami nganibhalela ukuthi ningahlangani nezifebe. 10Angisho nje izifebe zakuleli lizwe, noma abahahayo, noma abaphangi, noma abakhonza izithombe; ngokuba uma kunjalo kungamele niphume ezweni. 11Kepha manje-ke nginibhalela ukuba ningazibandakayi nomuntu obizwa ngokuthi ungumzalwane, kodwa ebe eyisifebe, noma ohahayo, noma okhonza izithombe, noma othuka inhlamba, noma eyisidakwa, noma engumphangi; ningalokothi nidle nomuntu onjalo.
12Kambe nginandabani nokwehlulela abangaphandle na? Akusibo yini abangaphakathi okumele nibehlulele na? 13Kepha uNkulunkulu uyakubahlulela abangaphandle. Mxosheni-ke lo omubi phakathi kwenu.
Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.
Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Books © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.