Ukuhlelwa Kwezinhloko Zezigaba Nezinduna Zamabutho
1Nanti inani labantu bakwa-Israyeli ngokwezinhloko zezindlu zoyise, abakhuzi bempi bezinkulungwane nabezamakhulu, izikhulu zabo ezazikhonza inkosi kukho konke ngokwezigaba, ezazingena ziphuma inyanga nenyanga, ezinyangeni zonke zonyaka. Babekhona kuleso naleso sigaba, bekhonza, sebebonke beyizi-24 000. 2UJashobhehamu, indodana kaZabhidiyeli, wayengamele isigaba sokuqala esasingena ngenyanga yokuqala. Esigabeni sakhe kwakukhona abayizi-24 000. 3Owayengomunye wozalo lukaPherezi, esiyisikhulu sabo bonke abakhuzi bempi ngenyanga yokuqala. 4Owayephethe isigaba sesibili kwakunguDadayi, umAhohi; singena ngenyanga yesibili isigaba sakhe. Esigabeni sakhe kwakukhona umbusi, uMikhilothi, beyizi-24 000. 5Induna yempi yesithathu eyayingena ngenyanga yesithathu kwakunguBhenaya, indodana kaJehoyada, umphristi. Wayeyinhloko; esigabeni sakhe kukhona abayizi-24 000. 6Nguye lowo Bhenaya owayeyiqhawe phakathi kwabangama-30, nowayengamele. Esigabeni sakhe kwakuno-Amizabhadi, indodana yakhe. 7Owayengamele isigaba sesine esasingena ngenyanga yesine kwakungu-Asaheli, umfowabo kaJowabe, elekelelana nendodana yakhe, uZebadiya. Esigabeni sakhe kwakukhona abayizi-24 000. 8Ngenyanga yesihlanu kwakunguShamhuthi, umJizirahi, owayengamele; esigabeni sakhe kwakukhona abayizi-24 000. 9U-Ira, indodana ka-Ikheshi waseThekhowa, wayephethe ababengena ngenyanga yesithupha; esigabeni sakhe kwakukhona abayizi-24 000. 10UHelezi, umPheloni, nguyena owayengamele ababengena ngenyanga yesikhombisa, wayevela kwa-Efrayimi; esigabeni sakhe kwakukhona abayizi-24 000. 11USibhekhayi, umHushathi kwabakwaZera, nguye owayengamele ababengena ngenyanga yesishiyagalombili; esigabeni sakhe kwakukhona abayizi-24 000. 12U-Abhiyezeri, umAnathothi wakwaBhenjamini, wayengamele abangena ngenyanga yesishiyagalolunye; esigabeni sakhe kukhona abayizi-24 000. 13UMaharayi waseNethofa kwabakwaZera, wayengamele ababengena ngenyanga yeshumi; esigabeni sakhe kukhona abayizi-24 000. 14UBhenaya, umPhirathoni wakwa-Efrayimi, wayephethe ababengena ngenyanga yeshumi nanye; esigabeni sakhe kukhona abayizi-24 000. 15UHelidayi waseNethofa, ozalwa ngu-Otheniyeli, wayengamele abangena ngenyanga ye-12; esigabeni sakhe kukhona abayizi-24 000.
Ababemele Izizwana Zakwa-Israyeli
16Ababemele izizwana zakwa-Israyeli kwakuyilaba: kwesakwaRubeni, umbusi kwakungu-Eliyazeri, indodana kaZikhiri. KwesakwaSimeyoni kunguShefathiya, indodana kaMahakha. 17KubaLevi kunguHashabhiya, indodana kaKhemuweli. Ku-Aroni kunguZadoki. 18KuJuda kungu-Elihu, umfowabo kaDavide. Ku-Isakhare kungu-Omri, indodana kaMikhayeli. 19KwaZebuloni kungu-Ishimaya, indodana ka-Obhadiya; kwaNafethali kunguJeremothi indodana ka-Aziriyeli. 20Kwabakwa-Efrayimi kunguHosheya, indodana ka-Azaziya; engxenyeni yesizwana sakwaManase kunguJoweli, indodana kaPhedaya. 21Engxenyeni kaManase kwaGileyadi kungu-Ido, indodana kaZakhariya; kwabakwaBhenjamini kunguJahasiyeli, indodana ka-Abhineri; 22kwabakwaDani kungu-Azareli, indodana kaJerohamu. Yilabo ababengabakhuzi bempi ezizwaneni zakwa-Israyeli.
23UDavide akazange alibale inani lalabo ababeneminyaka engama-20 nabancane kunalokho, ngokuba uSimakade wayeshilo ukuthi uyomandisa u-Israyeli abe ngangezinkanyezi zezulu. 24UJowabe, indodana kaZeruya, waqala ukubala abantu, kodwa akazange aqede ngenxa yolaka olwaqubuka phezu kuka-Israyeli, inani labantu alizange lifakwe encwadini yezindaba zemihla ngemihla yenkosi uDavide.
Ababephethe Impahla Yenkosi
25U-Azimavethi, indodana ka-Adiyeli, wayephethe ingcebo yenkosi. UJonathani, indodana ka-Uziya, engamele izinto zasemasimini, emzini, emizaneni nasezinqabeni. 26U-Eziri, indodana kaKhelubi, wayephethe abebenza umsebenzi wasendle, belima umhlabathi. 27UShimeyi waseRama wayephethe izivini; uZabhidi ephethe iwayini eligciniweyo elithathwe ezivinini. 28UBhali Hanani, umGederi, wayephethe iminqumo nemikhiwane okwakusehlanzeni; uJowabe ephethe izigcinamafutha. 29Imihlambi eyayiklaba eSharoni yayiphethwe nguShithirayi, umSharoni; kuthi imihlambi eyayisezigodini iphathwe nguShafathi, indodana ka-Adilayi. 30U-Obhili wakwa-Ishmayeli wayephethe amakameli; uJehedeya, umMeronothi, ephethe izimbongolo. 31UJazizi, umHagiri, wayephethe izimvu. Bonke laba babeyizinduna zemfuyo yenkosi uDavide.
Abaluleki Benkosi UDavide
32UJonathani, umfowabo kayise kaDavide, wayengumeluleki engumuntu ohlakaniphileyo, futhi engumbhali. UJehiyeli, indodana kaHakhimoni, wayehlala namadodana enkosi. 33U-Ahithofeli wayengumeluleki wenkosi. UHushayi, umArikhi, engumngani wenkosi, 34owayelandela u-Ahithofeli kwakunguJehoyada, indodana kaBhenaya no-Abhiyathara. UJowabe wayengumkhuzi wempi yenkosi.