1Sengathi ngabe ungumfowethu
esancela bele linye naye kumame!
Uma bengingakuthola ngaphandle bengiyakukuqabula,
ngingabe ngisabukelwa muntu phansi.
2Bengizakukuhola ngikuse endlini kamame owangifundisa;
mina ngikuphuzise iwayini elithakwe ngezinongo,
nesiphuzo sami samahananadi.
3Isandla sakho sokhohlo
besiyokuba phansi kwekhanda lami,
nesokunene, singigone.
4Madodakazi aseJerusalema ngiyaniyala,
ningalunyakazisi noma niluvuse uthando
luze luzivukele lona.
Abangani:
5Ngubani lo owenyukayo evela ehlane
encike kothandiweyo wakhe na?
Intombi:
Ngakuvusa phansi kwesihlahla samahhabhula,
lapho unyoko wahelelwa khona;
wasikwa waze wakuzala.
6Ngifake njengophawu enhliziyweni yakho,
nanjengophawu engalweni yakho.
Ngokuba uthando lunamandla njengokufa,
isikhwele sinonya njengendawo yabafileyo,
amalangabi alo angamalangabi omlilo,
ilangabi elinamandla.
7Amanzi amaningi ngeke alucima uthando,
nemifula ayinakulukhukhula.
Uma umuntu engakhipha yonke
ingcebo yomuzi wakhe
ngenxa yothando,
impela bayomedelela nokumedelela.
Intombi nabafowabo:
8Sinodadewethu omncane, ongakahlosi.
Siyokwenzenjani ngaye ngosuku ayocelwa ngalo na?
9Ukuba ubeludonga,
besizokwakha umbhoshongwana wesiliva phezu kwakhe.
Ukuba ubeyisivalo,
besizomvalela ngamapulangwe omsedari.
Intombi:
10Ngangilugange,
namabele ami ayenjengemibhoshongo emehlweni akhe,
njengofumene ukuthula.
Isivini SikaSolomoni
11USolomoni wayenesivini eBhali Hamoni.
Wasiqashisela abalindi;
yilowo nalowo mlindi
wayezokhokha izinhlamvu zesiliva eziyinkulungwane,
ngezithelo zaso.
12Isivini sami siphambi kwami,
inkulungwane mayibe ngeyakho, Solomoni,
namakhulu amabili abe ngawabaphathi
bezithelo zaso.
Insizwa Nentombi Bayabizana
Insizwa:
13Wena ohlala ezivandeni,
abangani balalela izwi lakho;
nami ake ungizwise lona.
Intombi:
14Shesha, njengensephe,
noma isixhumo sendluzelekazi ezintabeni zamakha,
wena othandiweyo wami.