ISihlabelelo Sezihlabelelo 6
Abangani:
1Uyephi othandiweyo wakho,
wena omuhle kakhulu
phakathi kwabesifazane na?
Ushonephi othandiweyo wakho
sikufunise?
Intombi:
2Othandiweyo wami
wehlele esivandeni sakhe,
emibhedeni yamakha,
welusele ezivandeni,
ukuze akhe iminduze.
3Mina ngingowothandiweyo wami,
nothandiweyo wami ungowami.
Welusela phakathi kweminduze.
Insizwa Itusa Ubuhle Bentombi Yayo
Insizwa:
4Sithandwa sami,
umuhle njengeThirisa,
uyabukeka njengeJerusalema,
uyahlonipheka njengempi.
5Susa amehlo akho kimi,
ngokuba ayangisanganisa,
izinwele zakho
zifana nomhlambi wezimbuzi
wehla entabeni yakwaGileyadi.
6Amazinyo akho
afana nomhlambi wezimvukazi
zikhuphuka kade zigezwa,
zinamaphahla, kungekho neyodwa
efelweyo kuzo.
7Njengocezu lwehananadi,
zinjalo izihlathi zakho
ngale kwemvakazi yakho.
8Ondlunkulu bangamashumi
ayisithupha,
izancinza zingamashumi
ayisishiyagalombili,
izintombi azinakubalwa.
9Kodwa ijuba lami,
opheleleyo wami,
munye qhwaba;
uzelwe yedwa kunina,
uyikhethelo lalowo owamzalayo.
Amadodakazi ambona qede
ambize ngobusisiweyo,
ondlunkulu nezancinza
bambona maqede bamhashe.
Abangani:
10Ngubani lo obukeka
njengentathakusa,
omuhle njengenyanga,
okhanya njengelanga,
ohlonipheka njengempi na?
Insizwa:
11Ngehlele esivandeni samantongomane
ukuyobona izithelo eziluhlaza
esihosheni,
nokubona ukuthi
ngabe umvini usuqhakazile
namahananadi asekhahlele.
12Ngingazelele nje ukulangazelela kwami
kwangibeka ezinqoleni zempi,
zabantu benkosana yami.
Abangani:
13Buya, buya mShulami!
Buya, buya ukuze sikubuke!
Insizwa:
Yini enizoyibona
kumShulami na?
Kunjengokusina phakathi
kwamaqembu amabili.
Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.
Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Books © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.