Isihlabelelo Sothando Sisaqhubeka (2)
1Ebusuku embhedeni wami
ngamfuna othandwa ngumphefumulo wami;
ngamfuna, kodwa angimtholanga.
2Manje ngizovuka ngizungeze emzini,
emigwaqweni nasemashashalazini,
ngizomfuna othandwa ngumphefumulo wami.
Ngamfuna, kodwa angimtholanga.
3Abalindi abazungeza emzini,
bazithela phezu kwami:
“Animbonanga yini othandwa ngumphefumulo wami na?”
4Ngithe nje ukwedlula kancane kubo,
ngase ngizithela kothandwa ngumphefumulo wami.
Ngambamba, ngamnkonkoshela
angavuma ukuba ahambe,
ngaze ngamfaka endlini kamame,
nasekamelweni lalowo engavundla esiswini sakhe.
Insizwa:
5Madodakazi aseJerusalema,
fungani nigomele ngezinsephe,
noma ngezindluzelakazi zasendle;
ngeke naluvusa uthando.
Luyekeni luziqubukele lona ngokwalo!
Isihlabelelo Sothando (3)
Abangani:
6Ngubani lowaya oqhamuka ehlane,
onjengesikhatha sentuthu,
eqhole ngemure nangenhlaka,
nangawo wonke amakha omthengisi na?
7Bheka, umbhede wakhe ngokaSolomoni!
Uzungezwe ngamaqhawe angamashumi ayisithupha
emaqhaweni ka-Israyeli.
8Wonke aphethe izinkemba,
aqeqeshelwe impi,
yileyo naleyo ndoda,
inkemba yayo isenqulwini yayo,
ngenxa yokwesaba ebusuku.
9Inkosi uSolomoni izenzele indlwana yayo
yokuyithwala ngemithi yaseLebhanoni.
10Izinsika zayo yazenza ngesiliva,
iphansi layo ngegolide,
isihlalo sayo ngokubukhwebezane,
ingaphakathi layo ligandaywe ngothando,
ngamadodakazi aseJerusalema.
11Madodakazi aseZiyoni, phumani nibuke,
inkosi uSolomoni ihlobe ngomqhele wayo
eyawuqheliswa ngunina mhlazana igcagcelwa,
ngosuku lokuthokoza kwenhliziyo yayo.