Ukukhululeka Emthethweni
1Kanti anazi yini bazalwane, ngikhuluma kwabawaziyo umthetho, ukuthi umthetho uyabusa phezu komuntu ngaso sonke isikhathi esaphila na? 2Ngokuba owesifazane oganile ubophelekile ngokomthetho endodeni yakhe, inqobo nje uma isaphila; kodwa uma indoda isifile, ukhululiwe emthethweni wendoda. 3Ngalokho-ke uma indoda isaphila, yena bese eba ngowenye indoda, uyakubizwa ngesindindwa, kodwa uma indoda isifile, ukhululekile emthethweni, akasiso isindindwa, uma eba ngowenye indoda.
4Kanjalo nani bazalwane bami, nafa maqondana nomthetho ngomzimba kaKhristu, ukuba nibe ngabomunye, lowo owavuswa kwabafileyo, ukuze sithele izithelo kuNkulunkulu. 5Ngokuba sisesenyameni, izinkanuko zezono ezavela ngomthetho, zasebenza ezithweni zethu ukuze zithele izithelo zokufa. 6Kepha manje sikhululiwe emthethweni, sifile maqondana nalokho okwakusithiya ukuba sikhonze emoyeni omusha, hhayi ngendlela endala yomthetho.
Umthetho Nesono
7Pho sizakuthini na? Ngabe umthetho uyisono na? Qha nakanye, kepha ngabe angisazanga isono ukuba kwakungekho umthetho, ngokuba ngangingekwazi nokufisa ukuba umthetho awushongo ukuthi: “Ungafisi.” 8Kepha isono sathola ithuba ngomyalo, saveza kimi zonke izinhlobo zokufisa; ngokuba ngaphandle komthetho, isono sifile. 9Mina-ke ngake ngahamba ngaphandle komthetho, kodwa kwathi ukuba kufike umyalo, savuka isono, 10ngafa mina; kwathi umyalo obungowokuphila, wafunyanwa ungowokufa kimi. 11Ngokuba isono sathola ithuba ngomyalo, sangikhohlisa, kwathi ngawo, sangibulala. 12Ngakho-ke umthetho ungcwele, nomyalo ungcwele, ulungile, futhi muhle.
13Pho okuhle kwaba ngukufa kimi na? Phinde, akunjalo, kodwa isono, ukuze sibonakale ukuthi siyisono, sangibangela ukufa ngokusebenzisa okuhle, ukuba isono ngomyalo sibe sibi kakhulu.
Ubugqila Bomuntu Phansi Komthetho
14Ngokuba siyazi ukuthi umthetho ungowomoya, kodwa mina ngingumuntu othengisiwe phansi kwesono. 15Ngokuba engikwenzayo angikuqondi; engikwenzayo akusikho lokhu engikuthandayo, kodwa lokho engikuzondayo, yikho kanye engikwenzayo. 16Kepha uma ngenza lokho engingakuthandiyo, ngiyawuvumela umthetho ukuthi muhle. 17Kodwa manje akuseyimi engikwenzayo, kepha yisono esihlala kimi. 18Ngokuba ngiyazi ukuthi kimi, okungukuthi emzimbeni wami, akuhlali lutho oluhle, ngokuba ukuthanda ukwenza okulungileyo kukhona kimi, kodwa ukwenza okuhle akukho. 19Okuhle engikuthandayo angikwenzi, kodwa okubi engingakuthandiyo, yikho kanye engikwenzayo. 20Uma-ke ngenza lokho engingakuthandiyo akuseyimi engenza lokho, kodwa yisono esihlala kimi.
21Ngalokho ngithola ukuthi kunomthetho kimi, okuthi uma ngifuna ukwenza okuhle, okubi kube nami shaqa, 22nokho ngiyawuthanda umthetho kaNkulunkulu ngokomuntu ongaphakathi. 23Kodwa ngibona omunye umthetho ezithweni zami, olwayo nomthetho osengqondweni yami, ungithumbela emthethweni wesono osezithweni zami. 24Maye, kimi muntu wosizi! Ngubani oyakungikhulula kulo mzimba wokufa na? 25Kepha makabongwe uNkulunkulu ngoJesu Khristu iNkosi yethu. Ngakho-ke mina ngokwami ngikhonza umthetho kaNkulunkulu ngengqondo, kodwa umthetho wesono ngomzimba.