Isingeniso
1UPawula, inceku kaKhristu uJesu, obiziwe ukuba ngumphostoli nowehlukaniselwe ivangeli likaNkulunkulu, 2alethembisa phambilini ngabaphrofethi bakhe emibhalweni engcwele, 3mayelana neNdodana yakhe evela olibeni lukaDavide ngokwenyama, 4kodwa ebizwe ngeNdodana kaNkulunkulu ngamandla ngokoMoya wobungcwele nangokuvuka kwabafileyo, uJesu Khristu iNkosi yethu, 5okungaye samukela umusa nobuphostoli ukuze kube khona ukulalela kokukholwa ezizweni zonke ngenxa yegama lakhe, 6okukhona phakathi kwabo nani eningababiziweyo bakaJesu Khristu, 7kubo bonke abathandiweyo bakaNkulunkulu abaseRoma, ababizwa ngabangcwele: makube kini umusa nokuthula okuvela kuNkulunkulu uBaba wethu naseNkosini uJesu Khristu.
UPawula Ufisa Ukuyoshumayela Ivangeli ERoma
8Kuqala, ngibonga uNkulunkulu wami ngoJesu Khristu ngani nonke, ngokuba ukukholwa kwenu kukhulunywa ngakho emhlabeni wonke. 9Ngokuba uNkulunkulu, engimkhonzayo ngenhliziyo yami yonke ngokulishumayela ivangeli leNdodana yakhe, ungufakazi wami, ukuthi nginikhumbula njalo 10ngingaphezi emikhulekweni yami, nginxusa ukuba uma kungenzeka ngokwentando kaNkulunkulu ngiphumelele ukufika kini.
11Ngokuba ngilangazelela ukunibona ukuze nginabele isipho esithile sokomoya ukuba niqiniswe, 12okungukuthi sikhuthazane, omunye ngokukholwa komunye, okwenu nokwami. 13Angithandi bazalwane, ukuba ningazi ukuthi kukangakanani ngihlela ukuza kini, kodwa ngithiyeka kuze kube manje ukuba nakini ngibe nesithelo phakathi kwenu njengalokhu nginaso kwezinye izizwe.
14Nginomthwalo omkhulu emahlombe ami ngamaGriki nabezizwe, kwabahlakaniphileyo nakwabayiziwula. 15Ngokwami ngiyalangazelela ukushumayela ivangeli nakinina baseRoma.
Amandla Evangeli
16Ngokuba anginamahloni ngevangeli, ngokuba lingamandla kaNkulunkulu, kube yinsindiso kulowo nalowo okholwayo, kumJuda kuqala, nakumGriki; 17ngokuba ukulunga kukaNkulunkulu kwambulwa kulo, kuvela ngokukholwa kuya ekukholweni, njengalokhu kulotshiwe ukuthi: “Olungileyo uzakuphila ngokukholwa.”
Intukuthelo KaNkulunkulu Ngezono Zabezizwe
18Ngokuba intukuthelo kaNkulunkulu yambuliwe, ivela ezulwini, phezu kwakho konke ukungamesabi uNkulunkulu nokungalungi kwabantu abathiya iqiniso ngokungalungi kwabo; 19ngokuba lokho okwazeka ngokusobala ngoNkulunkulu kwambuliwe kwaba sobala kubo, ngokuba uNkulunkulu ukwambulile kubo. 20Ngokuba selokhu kwadabuka umhlaba, amandla akhe aphakade nobuNkulunkulu bakhe, nakuba kungabonakali, kwambuliwe kwaba sobala ezintweni ezidaliweyo; ngakho-ke abanazaba zokuzilandulela. 21Ngokuba kuthe bemazi uNkulunkulu, kabaze bamdumisa noma bambonge njengoNkulunkulu, kodwa balutheka ekucabangeni kwabo, ingqondo yabo nenhliziyo yabo yafiphazwa. 22Bezitshela ukuthi bahlakaniphile, baba yiziwula, 23baguqula inkazimulo kaNkulunkulu ongabhubhiyo ukuba ifane nomfanekiso womuntu obhubhayo, owezinyoni, nowezilwane ezinezinyawo ezine nezinwabuzelayo.
24Ngakho-ke uNkulunkulu wabanikela ezinkanukweni zezinhliziyo zabo ukuba baqhubeke ekungcoleni, bathela ngehlazo imizimba yabo. 25Baguqula iqiniso likaNkulunkulu, balenza amanga, badumisa futhi bakhonza okudaliweyo kunoMdali odumisekayo kuze kube phakade. Amen.
26Ngenxa yalokho, uNkulunkulu wabanikela ezinkanukweni eziyihlazo; ngokuba ngisho nabesifazane babo baguqula ukwenza kwemvelo, kwaba ngokuphambene nemvelo. 27Kanjalo nabesilisa, bayeka ukwenza kwemvelo kowesifazane, basha ukukhanukelana bodwa. Abesilisa benza okuyichilo kwabesilisa, bazitholela umvuzo ofanele ukuduka kwabo.
28Njengalokhu benqaba ukukubona, kuyinto enhle ukumazi uNkulunkulu, uNkulunkulu wabayekela ekungaqondini kwabo ukwenza okungemukelekile. 29Bagcwele konke ukungalungi; ukonakala, umhobholo nobubi; begcwele umhawu, ukubulala, ukuphikisana, inkohliso, ubuqili nokuhleba. 30Banyembenya abanye, bazonda uNkulunkulu; bayizidlova, bayazidla, bayazigabisa, bangabaqambi bokubi, nabangabalaleli abazali; 31abanangqondo, abathembekile, abanaluthando, futhi abanasihe. 32Bathi nakuba bezazi izimiso ezilungileyo zikaNkulunkulu zokuthi abenza lezi zinto bafanele ukufa, kabagcinanga nje ngokuzenza, kodwa babuye bavuna labo abazenzayo.