Isizwe Sivuma Izono Zaso
1Kwathi ngosuku lwama-24, lwaleyo nyanga, abakwa-Israyeli bahlangana ngosuku lokuzila ukudla, bembatha indwangu eyisaka, bazithela ngenhlabathi. 2Abozalo luka-Israyeli bazehlukanisa kubo bonke abezizwe, bama, bavuma izono zabo nobubi obenziwa ngokhokho babo. 3Bama ezindaweni zabo, kwase kufundwa umthetho kaSimakade uNkulunkulu wabo, kwathatha ingxenye yosuku; ngenye ingxenye yosuku bavuma izono zabo, badumisa uSimakade uNkulunkulu wabo.
4Kwase kuma endaweni ephakeme yabaLevi; uJeshuwa, uBhani, uKadimiyeli, uShabhaniya, uBhuni, uSherebhiya, uBhani noKhenani. Bamemeza ngezwi elikhulu kuSimakade uNkulunkulu wabo. 5AbaLevi: uJeshuwa, uKadimiyeli, uBhani, uHashabhineya, uSherebhiya, uHodiya, uShebhaniya noPhethahiya, bama kwenye indawo ephakeme, bamemeza bathi:
“Sukumani nidumise uSimakade uNkulunkulu wenu,
kusukela phakade, kuze kube phakade.”
“Malibongwe iGama lakho elidumisekayo
neliphakeme phezu kwakho konke
ukubonga nokudumisa.”
6“Nguwe wedwa onguSimakade,
nguwe owenza izulu,
izulu lamazulu,
nayo yonke imikhosi ekulo,
umhlaba nakho konke okukuwo,
nezilwandle nakho konke okukuzo,
konke ukuphe ukuphila,
imikhosi yasezulwini iyakukhothamela.”
7“Wena unguSimakade,
uNkulunkulu owakhetha u-Abhrama,
wamsusa e-Uri lamaKhaledi,
waguqula igama lakhe,
waba ngu-Abhrahama.
8Wayithola inhliziyo yakhe
yethembekile kuwe,
wenza isivumelwano naye,
wethembisa ukwabela abozalo lwakhe
izwe lamaKhanani, amaHithi,
ama-Amori, amaPherizi,
amaJebusi namaGirigashi,
wakufeza owawukwethembisile
ngokuba ulungile.”
9“Wakubona ukuhlupheka
kokhokho bethu eGibhithe
nasoLwandle Lomhlanga,
wakuzwa ukunxusa kwabo.
10Wenza izibonakaliso nezimangaliso ezinkulu
phambi kukaFaro nezinceku zakhe,
nabo bonke abantu baseGibhithe,
ngoba wawazi ukuthi babaphathe ngonya
olunjani abantu bakho.
Wazakhela igama elisamile kuze kube namuhla.
11Ulwandle waludabula kabili
ukuze bawele behamba emhlabathini owomileyo,
kodwa ababehubha u-Israyeli
wabaphonsa ekujuleni,
bazika njengetshe emanzini anamandla.
12Emini wawubahola ngensika yefu,
ebusuku ngensika yomlilo
eyayibakhanyisela endleleni
ababehamba kuyo.”
13“Wehlela entabeni iSinayi,
wakhuluma nabo usezulwini.
Wabanika izehlulelo ezilungileyo,
imithetho eliqiniso,
izimiso nemiyalelo emihle.
14Wabazisa ngeSabatha lakho elingcwele,
wabashayela imithetho,
izimiso nemiyalelo ngenceku yakho uMose.
15Lapho belambile,
wabanika isinkwa esivela ezulwini,
waqhumisa isiphethu edwaleni,
ukuze baqede ukoma.
Wabatshela ukuba bangene ezweni
owawubethembise lona ngesifungo,
ukuthi uyobanika lona.”
16“Kepha bona nokhokho bethu
benza ububi,
baziphakamisa,
baba nenkani,
bayephula imiyalelo yakho.
17Benqaba ukukulalela,
abaze bazikhumbula izimangaliso
owazenza phakathi kwabo,
kepha baqinisa amakhanda,
bazimisela ukubuyela ebugqileni.
Kodwa Wena unguNkulunkulu othethelelayo;
onomusa nesihe,
uyephuza ukuthukuthela,
ugcwele isihawu,
ngakho-ke awuzange ubalahle,
18ngisho lapho sebezibumbele umfanekiso wethole,
bethi: ‘Lona nguNkulunkulu wethu,
owasikhipha eGibhithe,’
nalapho benza amahlazo esabekayo.
19“Nokho awubalahlanga ehlane,
ngenxa yobubele bakho obukhulu.
Emini insika yefu ayiyekanga
ukubahola endleleni yabo,
nasebusuku insika yomlilo
yaqhubeka yabakhanyisela
endleleni yabo.
20Wabanika uMoya wakho omuhle, ukubafundisa.
Awuzange ubancishe imana yakho,
wabuye wabanika amanzi okucima ukoma.
21Iminyaka engamashumi amane,
wabanakekela ehlane;
abantulanga lutho,
izingubo zabo aziguganga,
nezinyawo zabo azivuvukalanga.
22“Wanikela kubo imibuso nezizwe,
wandisa imingcele yabo.
Badla izwe likaSihoni,
inkosi yaseHeshibhoni
nelika-Ogi, inkosi yaseBhashani.
23Izizukulwane zabo wazandisa
njengezinkanyezi esibhakabhakeni,
waziletha ezweni
owawulethembise okhokho bazo
ukuthi ziyongena kulo, zilidle.
24Izizukulwane zabo zangena
kulo, zahlala.
Labo ababehlala kulelo lizwe,
wabenza bakhonza kuzo.
AmaKhanani namakhosi awo
nabanye abantu ababehlala ezweni,
wabanikela kuzo
ukuba zibaphathe ngokuthanda kwazo.
25Banqoba imizi ebiyelweyo
nezwe elivundileyo;
badla izindlu ezigcwele
yonke into enhle,
imithombo embiweyo,
izivini, amasimu emikhiwane
nezithelo eziningi ezidliwayo.
Badla, basutha, banonophala,
bawuthokozela umusa wakho omkhulu.
26“Kodwa abalalelanga,
bakuhlubuka,
bawufulathela umthetho wakho.
Babulala abaphrofethi bakho,
ababebagqugquzela
ukuba babuyele kuwe;
benza amahlazo enyanyekayo.
27Wawusubanikela ezitheni zabo
ukuba zibacindezele.
Kepha lapho sebesenhluphekweni,
bakhala kuwe,
wabezwa usezulwini,
ngesihawu sakho esikhulu,
wabanika abakhululi
ukubakhulula ezitheni zabo.
28“Kepha kuthe sebehleli ngokuthula,
babuye benza okubi emehlweni akho.
Wawusubayekela ezitheni zabo
ukuze zibabuse.
Kwathi lapho sebekunxusa,
wabezwa usezulwini,
ngesihawu sakho wabakhulula futhi.
29Wabexwayisa ukuba babuyele
emthethweni wakho,
kodwa baba nenkani,
abaze bayilalela imiyalelo yakho
nezehlulelo zakho.
Bona bephula izimiso zakho,
okuthi uma umuntu ezigcina aphile.
Bakufulathela,
baqinisa amakhanda,
benqaba ukukulalela.
30Wababekezelela iminyaka eminingi,
wabexwayisa ngoMoya wakho,
wakhuluma ngabaphrofethi bakho,
kodwa abakugqizanga qakala lokho,
ngakho-ke wabanikela kubantu abakhelene nabo.
31Nokho ngomusa wakho omkhulu,
awubabhubhisanga,
futhi awubalahlanga,
ngokuba unguNkulunkulu onesihawu nomusa.
32“Ngakho-ke, Nkulunkulu wethu,
Nkulunkulu omkhulu,
onamandla nowesabekayo,
uhlale usigcina njalo
isivumelwano sakho somusa.
Yonke le nkathazo esehlelayo
mayingabi ncane ebusweni bakho,
thina namakhosi ethu,
nezikhulu zakithi,
nabaphristi bakithi,
nabaphrofethi,
nawokhokho,
nabo bonke abantu bakho,
kusukela ezinsukwini zamakhosi ama-Asiriya
kuze kube namuhla.
33Nokho bewufanele
ukusehlisela zonke lezo zinto;
wenze okulungileyo,
thina senza okubi.
34Amakhosi ethu,
abaholi bethu,
abaphristi nokhokho
abawugcinanga umthetho wakho;
abayinakanga imiyalelo yakho
nalapho ubaxwayisa.
35Ngisho embusweni wabo,
ebuhleni obukhulu obenzele bona,
nasezweni elibanzi nelivundileyo obanike lona,
abazange bakukhonze,
abaphendukanga emisebenzini yabo emibi.
36“Awubheke nje,
siyizigqila namuhla,
izigqila ezweni owalinika okhokho bethu
ukuze badle izithelo zalo,
nokunye okuhle elikukhiqizayo.
Bheka-ke, sesiyizigqila manje.
37Ngenxa yezono zethu,
isivuno salo esikhulu
sesidliwa ngamakhosi
owabeke phezu kwethu.
Abusa thina nemfuyo yethu
ngokuthanda kwawo.
Sisenhluphekweni enkulu.”
Abantu Benza Isivumelwano NoNkulunkulu
38“Ngenxa yakho konke lokho, manje sesenza isivumelwano, sisibhala phansi, abaholi bethu, abaLevi bethu nabaphristi bethu bashaya isigxivizo.”