Ukuvuka KukaJesu
1Seledlule isabatha, uMariya Magdalena, uMariya unina kaJakobe, noSalome bathenga amakha ukuze bahambe bamgcobe ngawo. 2Ekuseni kakhulu ngosuku lokuqala lweviki, bafika ethuneni ekuphumeni kwelanga. 3Bakhuluma bodwa, bethi: “Ngubani oyakusigingqela itshe, lisuke emnyango wethuna na?”
4Kwathi lapho bebheka, babona ukuthi itshe ligingqiwe, ngokuba lalilikhulu kakhulu. 5Kuthe sebengena ethuneni, babona insizwa ihlezi ngakwesokunene, yembethe ingubo emhlophe; bethuka. 6Kepha yathi kubo: “Ningethuki; nifuna uJesu waseNazaretha obebethelwe esiphambanweni. Uvukile; kakho lapha; bonani nansi indawo lapho bebembeke khona. 7Kepha hambani nibikele abafundi bakhe noPhethro ukuthi uzakunandulela ukuya eGalile. Kulapho-ke nizakumbona khona, njengalokhu ayenitshelile.”
8Baphuma, babaleka ethuneni, ngokuba behlelwa ngukuthuthumela nokumangala, kabatshelanga muntu ngalokho, ngokuba babesaba.
UJesu Uzibonakalisa KuMariya Magdalena
9UJesu esevukile ekuseni ngosuku lokuqala lweviki, wabonakala kuqala kuMariya Magdalena ayekhiphe kuye amadimoni ayisikhombisa. 10Yena wahamba wayobabikela bonke labo ababehamba noJesu, ababelila, bekhala. 11Kwathi sebezwile ukuthi uyaphila nokuthi uMariya umbonile, abazange bakholwe.
12Emveni kwalokho wabonakala engesinye isimo kwababili babo ababehamba beya emzaneni. 13Nabo bahamba bayobikela abanye; nalabo abakholwanga.
UJesu Uzibonakalisa Kwabalishumi Nanye
14Kamuva wabonakala kwabali-11, behlezi bedla. Wabasola ngokungakholwa kwabo, nangobulukhuni bezinhliziyo zabo, ngokuba bengabakholwanga labo ababembonile esevukile.
15Wayesethi kubo: “Hambani niye ezweni lonke, nishumayele ivangeli kukho konke okudaliweyo. 16Okholwayo abhabhadiswe uyakusindiswa, kodwa ongakholwayo uyakulahlwa. 17Lezi zibonakaliso ziyakubonakala kwabakholwayo: Bayakukhipha amadimoni ngegama lami, bakhulume ngezilimi ezintsha. 18Bayakubamba izinyoka; uma bephuza okubulalayo, akuyukuba nangozi kubo, bayakubeka izandla phezu kwabagulayo, basinde.”
UJesu Ukhushulelwa Ezulwini
19Kwathi lapho iNkosi uJesu isibatshelile konke lokho, yakhushulelwa ezulwini, yahlala ngakwesokunene sikaNkulunkulu. 20Baphuma bashumayela ezindaweni zonke; iNkosi yayisebenza nabo, iqinisa izwi ngezibonakaliso ezazibalandela.