UJesu Ubikezela Ngokudilizwa Kwethempeli
1Kuthe lapho ephuma ethempelini, omunye wabafundi bakhe, wathi kuye: “Mfundisi, ake ubheke ubuhle balawa matshe nobuhle balezi zakhiwo!”
2UJesu wathi kuye: “Uyazibona lezi zakhiwo ezinkulu na? Akuyukusala litshe phezu kwetshe elingayukudilizelwa phansi.”
3Esahlezi eNtabeni Yeminqumo, maqondana nethempeli, uPhethro, uJakobe, uJohane, no-Andreya bambuza ngasese, 4bathi: “Sitshele ukuthi lokhu kuyakwenzeka nini, nokuthi siyakuba yini isibonakaliso, nesikhathi okuyakufezeka ngaso konke lokhu na?”
5UJesu waqala ukukhuluma kubo, ethi: “Qaphelani, funa kube khona onidukisayo. 6Kuyakufika abaningi ngegama lami, bathi: ‘Nginguye,’ badukise abaningi. 7Kepha nxa nizwa ngezimpi nemibiko ngezimpi, ningakhathazeki; kumele ukuba lokho kwenzeke, kodwa ukuphela kuyakube kungakafiki. 8Ngokuba isizwe siyakuvukela esinye isizwe, nombuso uvukele omunye umbuso. Kuyakuba nokuzamazama komhlaba izindawo ngezindawo, kube khona nendlala. Lokhu kuyakuba ngukuqala kwemihelo.
9“Ngakho-ke ziqapheleni nina. Bayakunikhaphela emikhandlwini, nishaywe emasinagogeni, nimiswe phambi kwababusi namakhosi ngenxa yami, kube ngubufakazi kubo. 10Kepha ivangeli limelwe ukushumayelwa kuqala ezizweni zonke. 11Uma beniqhuba, benikhaphela, ningaqali nikhathazeke ngokuthi niyakuthini, kodwa lokho eniyakukunikwa ngaleso sikhathi kukhulumeni, ngokuba akunina enikhulumayo, kodwa nguMoya oNgcwele.
12“Khona umuntu uyakukhaphela ekufeni umfowabo, noyise akhaphele umntwana wakhe. Yebo, abantwana bayakubavukela abazali babo, bababulale. 13Niyakuzondwa yibo bonke ngenxa yegama lami, kodwa obekezelayo kuze kube sekupheleni, nguye oyakusindiswa.
Amanyala Achithakele
14“Kepha uma nibona amanyala echithakele lapho kungafanele khona – ofundayo makaqaphele. AbaseJudiya mababalekele ezintabeni, 15kuthi ophezu kwendlu angabe esehla, ukuba angene athathe okuthile endlini yakhe, 16nosensimini makangabuyeli emuva ukuyothatha ingubo yakhe. 17Kepha maye, kwabakhulelweyo nabancelisayo, ngalezo zinsuku! 18Khulekelani ukuthi kungabi sebusika. 19Ngokuba lezo zinsuku ziyakuba nosizi olungazange lube khona kusukela ekuqaleni kwendalo, lapho uNkulunkulu edala konke okudaliweyo kuze kube manje, nolungayukubuye lube khona. 20Ukuba iNkosi ibingazifinyezanga lezo zinsuku, ngabe akusindiswanga muntu, kodwa ngenxa yabakhethiweyo eyabakhetha, yazifinyeza lezo zinsuku. 21Uma umuntu mumbe ethi kini: ‘Bhekani, nangu uKhristu,’ noma athi: ‘Bhekani, nanguya,’ ningakholwa. 22Ngokuba kuyakuvela okhristu mbumbulu nabaphrofethi bamanga, benze izibonakaliso nezimangaliso, ukuze, uma kungenzeka, badukise abakhethiweyo. 23Kepha nina qaphelani; nginixwayisile ngalezi zinto.
Ukuza KweNdodana Yomuntu
24“Kodwa ngalezo zinsuku, selwedlule lolo sizi, ilanga liyakufiphazwa, inyanga ingakhanyi, 25izinkanyezi ezulwini ziyakuwa, namandla asezulwini ayakuzanyazanyiswa. 26Khona-ke niyakubona iNdodana yomuntu iza emafini, inamandla amakhulu nenkazimulo. 27Kulapho-ke iyakuthumela izingelosi, iqoqe abakhethiweyo bayo emagumbini omane omhlaba, kusukela emkhawulweni womhlaba kuze kube semkhawulweni wezulu.
Isifundo Ngomzekeliso Womkhiwane
28“Fundani emzekelisweni womkhiwane; nxa igatsha lawo selithamba, liveza amacembe, niyazi ukuthi ihlobo seliseduze. 29Kanjalo nani, uma nibona kwenzeka lezi zinto, niyokwazi ukuthi iNdodana yomuntu isiseduze ngasemnyango. 30Ngiqinisile ngithi kini: Lesi sizukulwane asiyukudlula, kungakenzeki konke lokhu. 31Kuyakudlula izulu nomhlaba, kodwa amazwi ami awayukudlula.
Akekho Owazi Ngalolo Lusuku Nehora
32“Kepha lolo lusuku nalelo hora akekho owazi utho ngalo, nazingelosi ezulwini, naNdodana; nguBaba kuphela. 33Qaphelani, nilinde, ngokuba anisazi isikhathi ukuthi siyakuba nini. 34Kufana nomuntu owahamba waya kwelinye izwe, washiya indlu yakhe. Wanika izinceku zakhe amandla, yileyo naleyo wayinika umsebenzi wayo, wayeseyala umlindisango ukuba alinde.
35“Ngakho-ke lindani, ngokuba anazi ukuthi umnikazi wendlu uyakufika nini, noma kusihlwa, noma kwesikabhadakazi, noma ngokukhala kwezinkukhu noma ekuseni, 36funa afike ngokuzuma, anifumane nilele. 37Lokhu engikusho kini ngikusho kubo bonke, ngithi: ‘Lindani.’ ”