Umthetho Weminikelo Yesono
1USimakade wakhuluma kuMose, wathi: 2“Yisho kubantu bakwa-Israyeli, uthi: ‘Uma umuntu ona engahlosile, ephule imiyalo kaSimakade ngezinto okungafanele zenziwe, yena aphikelele azenze, 3uma kungumphristi ogcotshiweyo owonayo, ngaleyo ndlela ehlisele icala kubantu, uyonikela ngenxa yesono sakhe, ngeduna elingenasici liphuma emhlanjini wakhe libe ngumnikelo wakhe wesono kuSimakade. 4Uyoliletha iduna phambi kukaSimakade ngasekungeneni kwethende lokuhlangana, abeke isandla sakhe enhloko yalo, iduna lihlatshwe phambi kukaSimakade. 5Umphristi ogcotshiweyo uyothatha ingxenye yegazi leduna alilethe ethendeni lokuhlangana. 6Umphristi uyogcobhoza umunwe wakhe egazini, achinse ingxenye yalo kasikhombisa phambi kukaSimakade phambi kwesihenqo sendlu engcwele. 7Umphristi uyobheca ingxenye yegazi ezimpondweni ze-althare lempepho enephunga elimnandi elisethendeni lokuhlangana, phambi kukaSimakade: lonke igazi leduna eliseleyo uyolithululela esinqeni se-althare lomnikelo wokushiswa, elisemnyango wethende lokuhlangana. 8Uyosusa wonke amanoni enyameni yeduna lomnikelo wesono; umhlwehlwe, nawo wonke amanoni aphezu kwezangaphakathi, 9nezinso zombili namanoni azembozile nasokhalo, namanoni aphezu kwesibindi, awasuse nezinso, 10njengalokhu enzile eduneni lomhlatshelo weminikelo yokuthula, bese umphristi ekushisa e-althare lomnikelo wokushiswa. 11Isikhumba seduna nayo yonke inyama yalo, inhloko, amanqina, ezangaphakathi nomswani, 12zonke izitho zeduna uyokukukhiphela ngaphandle kwenkambu, endaweni ehlambulukileyo lapho kuchithwa khona umlotha, akushise ezinkunini ezisemlilweni kuze kube ngumlotha.
13“ ‘Uma kone yonke inhlangano yakwa-Israyeli ingahlosile, leyo nto ifihleke emehlweni ebandla, yenza noma ikuphi okunye okusemthethweni kaSimakade ayale ukuba kungenziwa, yaze yazenzela icala; 14uma isono abasenzileyo sesaziwa, inhlangano iyonikela ngeduna livela emhlanjini libe ngumnikelo wesono, iyoliletha phambi kwethende lokuhlangana. 15Amalunga enhlangano ayakubeka izandla zawo enhloko yeduna phambi kukaSimakade, bese lihlatshwa phambi kukaSimakade. 16Umphristi ogcotshiweyo uyoletha ingxenye yegazi leduna ethendeni lokuhlangana. 17Umphristi uyogcobhoza umunwe wakhe egazini, afafaze i-althare kasikhombisa phambi kukaSimakade naphambi kwesihenqo. 18Enye ingxenye yegazi uyolibheca ezimpondweni ze-althare eliphambi kukaSimakade, ethendeni lokuhlangana, athululele lonke igazi elisele ngasesinqeni se-althare lomnikelo wokushiswa elingasemnyango wethende lokuhlangana. 19Uyosusa wonke amanoni kulo awashise e-althare. 20Uyokwenza ngaleli duna njengoba kwenziwe eduneni lomnikelo wesono; nakuleli uyokwenza kanjalo. Umphristi uyakubenzela ukubuyisana, bathethelelwe. 21Uyolikhiphela iduna ngaphandle kwenkambu, alishise njengoba eshise elokuqala; lingumnikelo wesono webandla.
22“ ‘Uma kona umholi ngokungenhloso, wephula omunye wale miyalo uSimakade uNkulunkulu wakhe ayale ngayo ukuba ingenziwa, aze azilethele icala, 23uma azisiwe isono sakhe one ngaso, uyakuletha umnikelo wesiphongwane esingenasici. 24Uyakubeka isandla sakhe phezu kwenhloko yesiphongwane; sihlatshelwe lapho kuhlatshelwa khona iminikelo yokushiswa phambi kukaSimakade, singumnikelo wesono. 25Umphristi uyakuthatha ingxenye yegazi lomnikelo wesono ngomunwe wakhe alibhece ezimpondweni ze-althare lomnikelo wokushiswa, kuthi ingxenye yegazi eseleyo ayithululele ngasesinqeni se-althare lomnikelo wokushiswa. 26Wonke amanoni aso uyowashisa kube nentuthu e-althare njengamanoni omhlatshelo wokuthula, umphristi amenzele ukubuyisana, athethelelwe.
27“ ‘Uma umuntu ona engahlosile, ephula noma yimuphi umyalo kaSimakade ayale ukuba ungephulwa, aze azilethele icala, 28uma azisiwe isono asenzileyo, uyoletha umnikelo wembuzi yensikazi engenasici, ngesono sakhe asenzileyo. 29Uyobeka isandla sakhe enhloko yomnikelo wesono, awuhlabe umnikelo wesono endaweni yomnikelo wokushiswa. 30Umphristi uyothatha igazi layo ngomunwe wakhe alibhece ezimpondweni ze-althare lomnikelo wokushiswa, kuthi lonke igazi layo alithululele ngasesinqeni se-althare. 31Uyowasusa wonke amanoni ayo ngendlela okususwe ngayo amanoni emnikelweni wokuthula, umphristi ayishise kube nentuthu e-althare, kube yiphunga elimnandi kuSimakade, umphristi amenzele ukubuyisana, athethelelwe.
32“ ‘Uma elethe iwundlu laba ngumnikelo wakhe wesono, uyoletha insikazi engenasici. 33Uyobeka isandla sakhe enhloko yomnikelo wesono, awuhlabe ube ngumnikelo wesono lapho kuhlatshelwa khona umnikelo wokushiswa. 34Umphristi uyothatha ingxenye yegazi lomnikelo wesono ngomunwe wakhe, alibhece ezimpondweni ze-althare lomnikelo wokushiswa, kuthi lonke eliseleyo alithululele ngasesinqeni se-althare. 35Wonke amanoni ayo uyowasusa ngendlela okususwe ngayo amanoni emnikelweni wewundlu elinikelelwe ukuthula, umphristi awashise kube nentuthu e-althare, phezu kweminikelo yokushiswa kaSimakade, amenzele ukubuyisana ngesono sakhe asenzile, athethelelwe.