ILevithikhusi 12
Ukuhlanjululwa Kwababeletheyo
1USimakade wakhuluma kuMose, wathi: 2“Khuluma kubantu bakwa-Israyeli, uthi: ‘Uma owesifazane ekhulelwe azale umntwana womfana uyakuba ngongcolile izinsuku eziyisikhombisa, njengalokhu kwenzeka lapho esesikhathini, uyoba ngongcolile. 3Ngosuku lwesishiyagalombili umfana uyosokwa ijwabu. 4Unina uyohlala izinsuku ezingama-33 ukuze ahlanjululwe ekopheni kwakhe. Akayukuthinta lutho olungcwele, noma angene endlini engcwele, zize ziphelele izinsuku zokuhlambuluka kwakhe. 5Kodwa uma ezale intombazane, uyobe engcolile amasonto amabili njengalokhu kwenzeka lapho esesikhathini. Isikhathi sokuhlambuluka kwakhe egazini siyoba yizinsuku ezingama-66.
6“ ‘Lapho seziphelile izinsuku zokuhlanjululwa kwakhe emveni kokubeletha umfana noma intombazane, uyoletha iwundlu leduna elinonyaka, libe ngumnikelo wokushiswa, nephuphu lejuba noma ihobhe, libe ngumnikelo wesono. Lokhu uyokuletha kumphristi ngasemnyango wethende lokuhlangana. 7Umphristi uyokunikela phambi kukaSimakade, amenzele ukubuyisana, ukuze ahlambuluke ekopheni kwakhe. Yilowo umthetho wozele umfana noma intombazane.
8“ ‘Uma engenamandla okuthola imvu, uyothatha amahobhe amabili noma amaphuphu amabili amajuba, elinye liyoba ngumnikelo wokushiswa, elinye libe ngumnikelo wesono, umphristi uyomenzela ukubuyisana; ahlambuluke.’ ”
Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.
Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Books © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.