Umkhuleko Wokucela Uzwelo
1Khumbula Simakade, okusehleleyo!
Bheka, ubone ihlazo lethu!
2Ifa lethu seliphendulwe laba ngelabafokazi,
izindlu zethu zaba ngezabezizwe.
3Siyizintandane, asinababa,
omama bethu sebefana nabafelokazi.
4Amanzi ethu siwaphuza ngemali,
izinkuni zethu sesizithola ngokuzithenga.
5Abasixoshayo basihleli entanyeni,
sikhathele, asikutholi ukuphumula.
6Sizinikele kwabaseGibhithe nakwabase-Asiriya,
ukuze sithole isinkwa, sisuthe.
7Okhokho bethu benza okubi,
manje abasekho,
kodwa sekuyithi esesithweswe ububi babo.
8Sesibuswa yizigqila;
akekho ongasikhulula esandleni sazo.
9Uma sifuna ukuthola ukudla,
sibeka impilo yethu engcupheni
yokudliwa yinkemba ogwadule.
10Isikhumba sethu sishisisa okweziko
ngenxa yokubhuqwabhuqwa yindlala.
11Badlwengula abesifazane eZiyoni,
nezintombi emizini yakwaJuda.
12Izikhulu ziphanyekwa ngezandla zazo;
abahlonishwa nabadala.
13Izinsizwa zithwaliswa amatshe okusila.
Abafana babhamazeliswa yimithwalo yezinkuni.
14Akusahlali zingwevu esangweni,
nezinsizwa azisayivumi ingoma yazo.
15Iphelile intokozo yenhliziyo yethu,
ukusina kwethu sekuphenduke ukulila.
16Umqhele uwile ekhanda lethu.
Maye, kithi, ngokuba sonile!
17Ngalokho-ke inhliziyo yethu idangele;
ngenxa yalezo zinto,
amehlo ethu afiphele.
18Phezu kwentaba iZiyoni esiyincithakalo,
sekuzulazula amanketshane.
19Wena Simakade, umi ingunaphakade,
isihlalo sakho sobukhosi
siyoba khona izizukulwane ngezizukulwane.
20Usikhohlweleni isikhathi eside kangaka na?
Usilahleleni izinsuku eziningi kangaka na?
21Sibuyisele kuwe, Simakade, siyakubuya;
yenza izinsuku zethu zibe zintsha njengasemandulo;
22ngaphandle uma ususilahle unomphelo,
wasithukuthelela kakhulu.