Okwenzeka EJerusalema Emva Kokuwa Kwalo
1Hawu, laze lafiphala igolide,
igolide elihle seligqwalile!
Amatshe endlu engcwele,
asesakazeke kuwo wonke amakhona emigwaqo.
2Amadodana aseZiyoni akhethekileyo
ayefana negolide elicolekileyo,
kodwa manje asefana nezitsha zebumba,
ezingumsebenzi wezandla zombumbi!
3Ngisho nezimpungushe ziyawancelisa amazinyane azo,
kodwa abesifazane babantu bami,
ababanaki abantwana babo,
banonya njengezintshe zasendle.
4Ulimi lomntwana oncelayo
lunamathela olwangeni ngenxa yokoma.
Izingane zicela isinkwa,
kodwa akekho ozihlephulelayo.
5Labo abebekade bedla okumnandi,
sebeyimizulane emigwaqweni.
Labo ababekhuliswe ngokububende,
manje sebelala ezaleni.
6Ukona kwendodakazi yabantu bami,
kungaphezu kwesono seSodoma
elachithwa ngokuphazima kweso,
kungengazandla zamuntu.
7Amanaziri akithi ayemhlophe kunongqoqwane,
emhlophe ukwedlula ubisi.
Imizimba yawo yondlekile,
isimo sawo sikhazimula njengesafire.
8Manje asemnyama ukwedlula ilahle,
ngeke usawakhomba ngisho emigwaqweni.
Isikhumba sawo sesishwabene
sanamathela emathanjeni awo,
sesome safana nokhuni.
9Bangcono abafe ngenkemba
kunalabo ababulewe yindlala,
babhuqwabhuqwa yinkemane,
ngenxa yokweswela ukudla
okuvela emasimini.
10Ngesikhathi sokuvinjezelwa
nokuchithwa kwabantu bami,
izandla zabesifazane ababekade benozwelo,
zapheka izingane zabo,
zaba ngukudla.
11USimakade uyikhombise ngokugcwele
intukuthelo yakhe;
wathulula ukuvutha kolaka lwakhe,
wathungela umlilo eZiyoni,
oqothule izisekelo zalo.
12Amakhosi omhlaba,
nazo zonke izakhamuzi zawo,
azikholwanga ngukuthi
izitha nabamelene neJerusalema
babengangena emasangweni alo.
13Lokho kwenzeka ngenxa yezono zabaphrofethi,
nobubi babaphristi bakhona,
ababechitha igazi labalungile kulo.
14Babephuphutheka, bezulazula emigwaqweni,
bengcoliswe yigazi
ngangokuthi akekho owayengathinta izingubo zabo.
15Abantu babebahebeza, bethi:
“Sukani lapha, ningcolile!
Sukani, sukani, ningasithinti!”
Ngakho-ke baphenduka abafokazi nemizulane;
abantu phakathi kwezizwe bathi:
“Anisoze nagogobala lapha!”
16NguSimakade luqobo obahlakazile, akasayukubanakekela.
Ababahloniphanga abaphristi,
ababanga namusa kubanumzane.
17Amehlo ethu aze akhathala,
silokhu silindele usizo oluyize,
simi emibhoshongweni yethu,
silinde isizwe esingenakusisindisa.
18Izitha zethu zasizingela
nomaphi lapho sibalekela khona,
sasingasakwazi ukuhamba emigwaqweni yakithi.
Isiphetho sethu sase sisondele,
nezinsuku zethu sezibaliwe,
nokuphela kwethu kwase kufikile.
19Abasixoshayo babenejubane
ukwedlula izinkozi zezulu;
besixosha naphezu kwezintaba,
besilalele unyendle ehlane.
20Ogcotshiweyo kaSimakade,
ongukuphila nomphefumulo wethu,
wakhalakathela emigodini yabo,
esathi ngaye:
“Uyoba ngumthunzi wethu
wokukhosela phakathi kwezizwe.”
21Jabula, uthokoze wena ndodakazi, yakwa-Edomi,
wena ohlala e-Uzi,
kodwa le ndebe izokwedlulela nakuwe,
uzodakwa, uzihlubule, ube nqunu.
22Isigwebo sakho
nesikhathi sokuthunjwa kwakho
sekuphelile, ndodakazi, yaseZiyoni.
Kodwa wena, ndodakazi, yakwa-Edomi, uzojeziswa,
Yena uzozambula izono zakho,
ngenxa yobubi bakho.