Ukubhujiswa KweJerusalema
1Maye!
INkosi yembese indodakazi iZiyoni
ngamafu entukuthelo yayo!
Ibulahle phansi ubukhazikhazi
buka-Israyeli,
yabubeka emhlabeni,
busuka ezulwini.
Ngosuku lwentukuthelo yayo,
ayilikhumbulanga ithempeli
eliyisenabelo sezinyawo zayo.
2INkosi izibhubhise ngokungenaluzwelo,
zonke izindawo okuhlala kuzo uJakobe.
Ngentukuthelo yayo,
izibhidlizile izigqaba zendodakazi uJuda,
yaqumba phansi emhlabathini
umbuso, nababusi
yabathela ngehlazo.
3Ngokuvutha kolaka lwayo
inqume zonke izimpondo zika-Israyeli,
yagodla isandla sayo sokunene,
ayamvikela ezitheni zakhe.
Ulaka lwayo lwamvuthela uJakobe,
lwashisa konke nxazonke.
4Yansala umnsalo wayo njengesitha,
isandla sayo sokunene
samelana nathi,
yabulala konke okwakuthandeka emehlweni ethu;
ethendeni lendodakazi iZiyoni,
intukuthelo yayo yayikhafulisa okomlilo.
5INkosi yaphenduka yanjengesitha,
yambhubhisa u-Israyeli,
yachitha zonke izigodlo zakhe,
yabhidliza izinqaba zakhe,
yandisa ukukhala nokulila
endodakazini uJuda.
6Yachithachitha indlu yayo,
njengedlangala ensimini,
yabhubhisa indawo yayo yokuhlanganela.
USimakade wenza imikhosi emisiweyo
namaSabatha,
akwabe kusakhunjulwa eZiyoni;
ngokufutheka kolaka lwakhe,
waziqhelelanisa nenkosi nabaphristi.
7INkosi yalilahla i-althare layo,
yashiya indawo yayo engcwele;
izindonga zezigodlo zamakhosi ayo yazinikela esitheni.
Sabanga umsindo omkhulu endlini kaSimakade
kwangathi kungosuku lomkhosi.
8USimakade wayekuhlosile ukubhubhisa udonga
lwendodakazi iZiyoni;
welula intambo yokulinganisa,
akasibambanga isandla sakhe ekubhubhiseni;
washiya imigoqo nezindonga kukhala;
kuyincithakalo.
9Amasango alo abishe emhlabathini;
usakaze, waphoqoza imigoqo yalo.
Inkosi nababusi sebephakathi kwezizwe,
akasekho ofundisa umthetho,
nabaphrofethi abasaboni mbono
ovela kuSimakade.
10Izimpunga zendodakazi iZiyoni
zihleli phansi emhlabathini,
zithule du;
zizithele ngothuli emakhanda,
zibhince namasaka.
Izintombi zaseJerusalema
zigebisele amakhanda emhlabathini.
11Amehlo ami akhathele ukukhala,
kuphethuka izibilini zami;
ngiphelelwe yithemba
ngenxa yokubhujiswa kwabantu bakithi,
nokuquleka kwezingane nabancelayo
emigwaqweni yomuzi.
12Zikhalela onina,
zifuna isinkwa newayini,
lapho ziquleka njengabalimele kakhulu,
emigwaqweni yomuzi;
imiphefumulo yazo
iphumela ezifubeni zonina.
13Ngingafakaza ngithini ngawe Jerusalema na?
Ngingakuqhathanisa nani na?
Ngingathini kuwe
ukuze ngikududuze,
ntombi eyindodakazi iZiyoni na?
Ngokuba incithakalo yakho
ibanzi njengolwandle;
ngubani ongakwelapha na?
14Abaphrofethi bakho bakutshele imibono
engamanga newubuwula,
abakuvezanga obala ukuphambuka kwakho
ukuze uphenduke,
ungayi ekuthunjweni.
Bakutshele imibono engamanga neyinkohliso.
15Bonke abedlula ngakuwe,
bashaya izandla, bethi:
“Ashila!”
Bayakunximfela, benikina amakhanda,
ndodakazi Jerusalema, bathi:
“Ngabe yiwo yini lo muzi
ababewubiza ngokuthi
ungubuhle obupheleleyo,
nentokozo yomhlaba wonke na?”
16Zonke izitha zakho
ziyakuhleka, ziyakubhuqa;
zikugedlela amazinyo, zithi:
“Siligwinyile,
impela yilona lolu suku
obekukade silulindele,
manje silutholile, silubonile.”
17USimakade wenze abekusophile,
ufeze izwi lakhe ayelishilo kwasemandulo;
ubhidlizile ngokungenaluzwelo,
isitha wasenza sathokoza phezu kwethu,
waphakamisa uphondo lwezitha zethu.
18Izinhliziyo zabo mazikhale eNkosini;
wena ludonga lwendodakazi iZiyoni,
izinyembezi mazigelezise okwemifula,
mawungaphumuli imini nobusuku,
inhlamvu yeso lakho
ingakutholi ukuphumula.
19Vuka umpongoloze ezinzulwini zobusuku,
inhliziyo yakho uyithulule njengamanzi
phambi kobuso beNkosi.
Phakamisela izandla zakho kuyo,
ukhulekele izingane zakho,
ezibulawa yindlala emajikeni
ayo yonke imigwaqo.
20“Bheka, Simakade,
ngubani omunye osuwake wamphatha
ngalolu hlobo na?
Kuyikho yini ukuba onina badle
abantwana babo,
izingane zabo abazikhulisayo na?
Kuyikho yini ukuba abaphristi nabaphrofethi
babulawelwe e-althare leNkosi na?
21“Abancane nabadala badindilize emigwaqweni;
izintombi nezinsizwa zami ziwe ngenkemba.
Uzibulale ngosuku lwentukuthelo yakho;
wazibulala ngokungenaluzwelo.
22“Ubabize nxazonke abangesabisayo,
kwaba njengasosukwini owawulumisile;
akubanga bikho namunye
owaphunyula nowasindayo,
ngosuku lwentukuthelo kaSimakade.
Labo engabazala ngabakhulisa,
isitha sami sibaqothulile.”