Imingcele Nemindeni Yesizwana SakwaJuda
1Isabelo sesizwana sabozalo lukaJuda ngokwemindeni yabo sasifinyelela ngaseningizimu emngceleni kwa-Edomi, kuyofika ehlane iZini ekupheleni kweningizimu.
2Umngcele wabo ngaseningizimu wawuhamba usuka ekugcineni koLwandle Lukasawoti, kusukela ngasechwebeni elibheke ngaseningizimu; 3uqhubekela ngaseningizimu yommango i-Akhrabhimi, udlulele eZini, ukhuphukele eningizimu eKadeshi Bharineya, wedlule ngaseHezironi, wenyukele e-Adari, ujike uye eKharakha, 4udlulele e-Azimoni, uye emfuleni eGibhithe; uze ugcine olwandle. Lona kuyakuba ngumngcele wenu wangaseningizimu.
5Umngcele wangasempumalanga wuLwandle Lukasawoti kuze kube semngceleni weJordani. Umngcele kusukela echwebeni elingasenyakatho kuze kube ngasekupheleni kolwandle, kusukela eJordani, 6umngcele wenyukela eBhethi Hogila, wedlule ngasenyakatho eBhethi Araba; uqhubeke njalo uze uye emngceleni wamadodana kaRubeni etsheni likaBhohanu, 7wedlulele eDebhiri kusuka esigodini i-Akhori, uqhubeke ngasenyakatho, uphenduke ubheke eGiligali elibhekene nommango e-Adumimi ngaseningizimu yesigodi, umngcele, bese wedlula uya emanzini e-Eni Shemeshi; uze uyophela e-Eni Rogeli, 8bese ukhuphuka esigodini samadodana kaHinomu ekwehleni okungaseningizimu yamaJebhusi, okuyiJerusalema, nomngcele okhuphukela phezulu entabeni ebhekene nesigodi iHinomu, entshonalanga engasekugcineni, enyakatho yesigodi iRefa, 9bese uqhubeka usuka esiqongweni sentaba uya emthonjeni wamanzi eNefithowa, usuke lapho uze uyofika emizini esentabeni i-Efroni, umngcele usuke ujike uye eBhahala eKiriyathi Jeharimi, 10bese uzungeza ngasentshonalanga eBhahala uye entabeni iSeyiri, wedlule ngasenyakatho yomthambeka wentaba iJeharimi okuyiKhesaloni, wehlele eBheth Shemeshi, wedlulele eThimina; 11umngcele wedlule emthambekeni wegquma elisenyakatho ye-Ekhroni, bese ujikela eShikheroni wedlule entabeni iBhahala, udlulele eJabhineyeli uze uyogcina olwandle.
12Umngcele ngasentshonalanga kwakuwuLwandle Olukhulu nogu lwalo. Lona-ke ngumngcele owawuzungeze abozalo lukaJuda ngokwemindeni yabo.
13Wamnika uKhalebhu indodana kaJefune isabelo phakathi kwabozalo lukaJuda njengoba uSimakade ayemyalile uJoshuwa, umuzi ka-Arbha uyise ka-Anaki iHebhroni. 14UKhalebhu waxosha kuwo amadodana amathathu ka-Anaki: uSheshayi, u-Ahimani noThalimayi, ababeyizizukulwane zika-Anaki. 15Wasuka lapho wahlasela izakhamuzi zaseDebhiri; kuqala igama leDebhiri kwakuyiKiriyathi Seferi. 16UKhalebhu wathi: “Oyonqoba iKiriyathi Seferi, alidle, ngiyomganisela indodakazi yami, u-Akhisa, ibe ngumkakhe.”
17U-Otheniyeli, indodana kaKhenazi umfowabo kaKhalebhu, walinqoba, wayesemganisela indodakazi yakhe u-Akhisa, waba ngumkakhe. 18Lapho efika kuye, wamcela ukuba acele insimu kuyise. Lapho ehla embongolweni yakhe, uKhalebhu wathi kuye: “Ufunani, na?”
19Wathi kuye: “Ngiphe isipho, njengoba ungibeke eNegevu, ungiphe futhi imithombo yamanzi.”
UKhalebhu wayesemnika imithombo engasenhla nengasezansi.
Uhla Lwemizi YakwaJuda
20Leli yifa lesizwana sabozalo lukaJuda ngokwemindeni yabo.
21Imizi eyayingeyabozalo lukaJuda ngasekupheleni eningizimu kuya emngceleni kwa-Edomi kwakuyilena:
yiKhabhizeyeli, i-Edere, iJaguri, 22iKhina, iDimona, i-Adada, 23iKedeshi, iHazori, i-Ithinani, 24iZifi, iTheleme, iBhehalothi, 25iHazori Hadatha, iKheriyothe Hezironi eliyiHazori, 26i-Amamu, iShema, iMolada, 27iHazari Gada, iHeshimoni, iBhethi Phelethi, 28iHazari Shuwali, iBheri Sheba, iBhiziyothiya, 29iBhalala, i-Iyimi, i-Ezeme, 30i-Elitholadi, iKhesili, iHorma, 31iZikilagi, iMadimana, iSanisana, 32iLebhawothi, iShilihimi, i-Ayini neRimoni; isiyonke imizi ingama-29 nemizana yayo.
i-Eshithawoli, iZora, i-Ashina, 34iZanowa, i-Eni Ganimi, iThaphuwa, i-Enamu, 35iJarimuthi, i-Adulamu, iSoko, i-Azeka, 36iShaharayimi, i-Adithayimi, iGedera, iGederothayimi; isiyonke imizi ili-14 nemizana yayo.
37IZenani, iHadasha, iMigidali Gadi, 38iDilani, iMizpha, iJokhitheyeli, 39iLakhishi, iBhozikhathi, i-Egiloni, 40iKhabhoni, iLahimamu, iKhithilishi, 41iGederothi, iBhethi Dagoni, iNahama, iMakheda; isiyonke imizi ili-16 nemizana yayo.
42ILibhina, i-Ethere, i-Ashani, 43iJifitha, i-Ashina, iNezibhe, 44iKheyila, i-Akhizibhi, neMaresha; isiyonke imizi iyisishiyagalolunye nemizana yayo.
45I-Ekhroni nemizi yalo nemizana yalo; 46kusukela e-Ekhroni kuze kufike olwandle, yonke eyayiseceleni kwe-Ashidodi nemizana yayo.
47I-Ashidodi nemizi nemizana yalo; iGaza nemizi yalo kuze kufike emfuleni eGibhithe, nasoLwandle Olukhulu nogu lwalo.
48Ezintabeni: iShamiri, iJathiri, iSoko, 49iDana, iKiriyathi Sana eliyiDebhiri, 50i-Anabhi, i-Eshithemo, i-Animi, 51iGosheni, iHoloni, neGilo; isiyonke imizi ili-11 nemizana yayo.
52I-Arabhu, iDuma, i-Eshani, 53iJanimi, iBhethi Thaphuwa, i-Afeka, 54iHumitha, iKiriyathi Arbha eliyiHebhroni, neZiyori; isiyonke imizi iyisishiyagalolunye nemizana yayo.
55IMahoni, iKharmeli, iZifi, iJutha, 56iJizreyeli, iJokhideyamu, iZanowa, 57iKhayini, iGibheya, neThimina; isiyonke imizi iyishumi nemizana yayo.
58IHalihuli, iBhethi Zuri, iGedori, 59iMaharathi, iBhethi Anothi, i-Elithekhoni; isiyonke imizi iyisithupha nemizana yayo.
60IKiriyathi Bhali eliyiKiriyathi Jeharimi, neRaba; kuyimizi emibili nemizana yayo.
61Ehlane: iBhethi Araba, iMidini, iSekhakha, 62iNibhishani, uMuzi kaSawoti, ne-Eni Gedi; isiyonke imizi iyisithupha nemizana yayo.
63Abozalo lukaJuda abakwazanga ukuwaxosha amaJebhusi ayehlala eJerusalema, asahlala nabo kuze kube namuhla.