Inkulumo Yokuqala KaBhilidadi
1Wayesethatha uBhilidadi, umShuhi, wathi:
2“Kuyoze kube nini ukhuluma lezi zinto,
amazwi akho abe ngumoya
onamandla, na?
3Ngabe uNkulunkulu uyabuhlanekezela ubulungiswa,
uSomandla aphendukezele ukulunga na?
4Uma abantwana bakho bonile kuye,
wabanikela emandleni eziphambeko zabo.
5Kuyothi lapho umfuna uNkulunkulu,
umnxusa uSomandla,
6uma uhlambulukile, uqotho,
Yena uyokubheka,
akubuyisele endaweni yakho efaneleyo.
7Nakuba ukuqala kwakho kwakungokuncane,
nokho ikusasa lakho liyokhula kakhulu.
8Ake ubuze manje ngezizukulwane ezakwandulelayo,
uqaphele okwatholwa ngokhokho bazo,
9ngoba thina singabayizolo nje, asinalwazi;
izinsuku zethu emhlabeni ziyithunzi.
10Bona abayukukufundisa yini, bakutshele,
bakhiphe amazwi ezinhliziyweni zabo na?
11Umhlanga ungahluma yini
lapho kungenaxhaphozi khona na?
Ibhuma lingamila yini
kungekho amanzi na?
12Uma liseluhlaza, lingakakhiwa,
liyabuna phambi kwabo bonke utshani.
13“Zinjalo-ke izindlela zabo bonke
abakhohlwa nguNkulunkulu,
ithemba longenabunkulunkulu liyakushabalala.
14Ithemba lakhe liyakunqunywa,
nesisekelo sakhe siyindlu yolwembu.
15Uyakwencika endlini yakhe,
kepha ayiyukuma;
uma ebambelela kuyo, ayiyukuqina.
16Yena uluhlaza phambi kwelanga;
imixhantela yakhe iyenaba ensimini yakhe.
17Izimpande zakhe ziyathandela enqwabeni yamatshe,
zikhule phakathi kwamatshe.
18Uma ebhujiswa endaweni yakhe,
iyakumphika ithi:
‘Angikaze ngikubone.’
19Bheka, lokho kuyindlela yakhe yokuthokoza.
Kusazovela omunye othulini.
20“Phela uNkulunkulu akayukumlahla ongenasici,
akayukuzibamba izandla zabenza okubi,
21aze agcwalise umlomo wakho ngokuhleka,
nezindebe zakho ngenhlokomo yokwethaba.
22Abakuzondayo bayothelwa ngehlazo;
ithende lezikhohlakali alisayukuba bikho.”