Inkulumo Yokugcina KaJobe
1UJobe waphinde waziphendulela, wathi:
2“Ngifunga ngiyagomela,
uNkulunkulu ongephuce ubulungiswa bami,
noSomandla owenze waba muncu
umphefumulo wami;
3inqobo nje uma ngisaphefumula,
nomoya kaNkulunkulu usesemakhaleni ami,
4izindebe zami aziyukuyikhuluma inkohlakalo,
nolimi lwami aluyukuyikhipha inkohliso.
5Makube kude nami
ukuba nginivumele ukuthi nilungile,
angiyukusuka ebuqothweni bami, ngize ngife.
6Ngibambelele ekulungeni kwami,
angisoze ngakuyeka,
inhliziyo yami ayizenyezi
nangolulodwa lwemihla yami.
7“Isitha sami masifane nesikhohlakali,
nomelene nami abe njengowenza okubi.
8Liyini ithemba longenankulunkulu
nxa enqunywa,
lapho uNkulunkulu ethatha umphefumulo wakhe na?
9UNkulunkulu uyakuzwa yini ukukhala kwakhe,
lapho ehlelwa wusizi na?
10Uyakuthokoza yini ngoSomandla,
ambize uNkulunkulu ngezikhathi zonke na?
11“Ngizakunifundisa ngesandla sikaNkulunkulu;
okukuSomandla angiyukukufihla.
12Bhekani, nina nonke nikubonile,
kungani senenza okuyize na?
13“Lokhu kuyisabelo somuntu oyisikhohlakali kuNkulunkulu,
nefa lezidlova ezilabelwa nguSomandla.
14Uma abantwana bakhe banda,
bandela inkemba;
nabozalo lwakhe abayukusutha ngukudla.
15Abaseleyo bakhe bayobulawa wubhubhane,
abafelokazi babo bangalili.
16Noma angambondela isiliva njengothuli,
anqwabele izembatho njengodaka,
17uyakukwenza lokho,
kodwa ziyokwembathwa ngolungileyo,
ongenacala ehlukanise isiliva.
18Indlu yakhe uyakhe njengenundu,
njengedlangala elakhiwe ngumlindi.
19Ulala eyisigwili,
kodwa ngeke esakwenza lokho,
uyothi evula amehlo akhe
ube ungasekho umcebo.
20Uvalo luyakumgabha njengesikhukhula,
ebusuku, isishingishane simphephule.
21Umoya wasempumalanga uyakumphephulela phezulu,
umphephule asuke endaweni yakhe.
22Uyakumphephula ungamhawukeli,
athi galo yephuka ebalekela amandla awo.
23Abantu bayoshaya izandla,
bamklibhizele, bamnximfele,
esendaweni yakhe.”