UJobe Ubuza USomandla Ngokungazigcini Izikhathi Zokwehlulela
1“Kungani ukuba izikhathi zokwehlulela
zingagcinwa nguSomandla,
futhi kungani labo abamaziyo
bengaziboni lezo zinsuku zakhe na?
2Abantu bagudluza izikhonkwane zemingcele,
baphange imihlambi, bayiklabise.
3Bathumba imbongolo yentandane,
bathathe inkomo yomfelokazi ibe yisibambiso.
4Basusa abantulayo emgwaqweni,
bonke abampofu bomhlaba
bayacasha ndawonye.
5Bheka, njengezimbongolo ehlane,
bayahamba beya emsebenzini wabo,
bedabula ehlane,
befunela abantwana babo ukudla.
6Bayavuna ifoliji ensimini,
bayakhothoza esivinini sesikhohlakali.
7Balala nqunu ebusuku bengenangubo,
abanakho okokwembatha emakhazeni.
8Banethwe yimvula ezintabeni,
babambelela edwaleni
ngoba bengenayo indawo yokuphephela.
9Intandane ihlwithwa ebeleni,
nengane yompofu ithathwa ibe yisibambiso.
10Bahamba nqunu bengenazembatho,
bathwale izithungo, belambile.
11Bakhama amafutha phakathi kwezingange,
banyathela izikhamo zewayini,
kepha bomile.
12Kusukela emzini kububula abafayo,
amaphimbo abalimele kakhulu ayakhala ecela usizo,
kodwa uNkulunkulu akayinaki imithandazo yabo.
13“Kukhona abamelene nokukhanya,
abangazibandakanyi nezindlela zakho,
abanganamatheli emikhondweni yakho.
14Umbulali uvuka ngovivi,
abulale ompofu nontulayo;
ebusuku ufana nesela.
15Iso lesiphingi lilindela ukuhlwa,
lithi: ‘Akukho liso elisazakungibona,’
bese sizemboza ubuso.
16Ngobumnyama bagqekeza imizi,
emini bazivalele, abakwazi ukukhanya.
17Ngokuba ubumnyama obukhulu
kubo bonke labo bunjengokusa,
lokhu bayakwazi ukwesabeka kwesigayegaye.
18“Banejubane ebusweni bamanzi,
izabelo zabo ziqalekisiwe emhlabeni,
abasayukuphendukela endleleni yezivini.
19Isomiso nokushisa kuyawomisa amanzi eqhwa;
yenza kanjalo-ke nendawo yabafileyo
kulabo abonileyo.
20Isibeletho siyabakhohlwa,
basobozelwe yizimpethu, abasayukukhunjulwa,
ukungalungi kwephulwa njengesihlahla.
21Balimaza oyinyumba,
abakwenzi okuhle kumfelokazi.
22UNkulunkulu uyazandisa izinsuku
zokuphila kwamaqhawe ngamandla akhe,
uyasukuma lapho kungasekho osenethemba lokuphila.
23Umupha ukuvikeleka, ameseke;
amehlo akhe asezindleleni zabo.
24Bayaphakanyiswa okwesikhashana,
babuye bashabalale;
bayabuna, banqunywe njengamazimba.
25“Uma kungenjalo ngubani ongakhombisa
ukuthi ngingumqambimanga,
awenze ize amazwi ami na?”