Isiphrofetho SikaJeremiya NgoMowabi
1Mayelana noMowabi. Usho kanje uSimakade Wamabandla, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi:
“Maye, kulo iNebho,
ngokuba liyakubhujiswa,
lithelwe ngehlazo,
libanjwe iKiriyathayimi,
ngokuba liyakuthelwa ngehlazo,
izinqaba zalo zibe yimvithi!
2Udumo lukaMowabi luphelile;
iHeshibhoni bacebe okubi ngalo, bathi:
wozani sisiqede nya lesi sizwe.
Nawe Madimeni uyakuthuliswa;
inkemba iyakukuxosha.
3Umsindo wokukhala okulusizi uvela eHoranayimi,
incithakalo, incithakalo enkulu.
4UMowabi ubhujisiwe;
abancane bakhe nezinceku zakhe
bakhala kalusizi.
5Impela benyukela eLuhithe,
behamba bekhihla isililo,
nalapho sebehlela eHoronayimi,
kuzwakala ukukhala okulusizi,
ngenxa yencithakalo.
6Balekani, nisindise impilo yenu,
ukuze nibe njengesihlahla esiyize ehlane.
7Ngokuba ngenxa yokwethembela
emisebenzini nasengcebeni yakho,
nawe uyakubanjwa,
uKhemoshi aye ekuthunjweni;
abaphristi bakhe nezikhulu zakhe, kanyekanye.
8Umbhubhisi uyakutheleka kuyo yonke imizi,
akuyukuphunyuka muzi;
isigodi siyobhujiswa,
ithafa liqothulwe;
lokho ukushilo uSimakade.
9Nikani uMowabi amaphiko,
ngokuba uyakundiza,
aphume;
imizi yakhe iyakuba yincithakalo,
kungabi bikho ohlala kuyo.
10“Makaqalekiswe lowo owenza
umsebenzi kaSimakade ngokunganakekeli,
aqalekiswe lowo onganindi inkemba yakhe ngegazi.
11“UMowabi ubephumule kwasebusheni bakhe,
ephumule njengenzika yewayini;
akathululwanga esitsheni, ethululelwa kwesinye;
akayanga ekuthunjweni,
ngakho-ke usanambitheka njengoba enjalo,
nephunga lakhe aliguquki.
12Ngakho-ke bheka, izinsuku ziyeza,” kusho uSimakade,
“engiyakuthumela kuye abagumbuqeli
abayogumbuqela izitsha zakhe,
bathulule izimvaba zakhe,
baziphohloze.
13UMowabi uyakujabha ngoKhemoshi,
njengalokhu indlu ka-Israyeli yajabha ngeBhetheli,
ithemba layo.
14“Ningasho kanjani, nithi:
‘Singamaqhawe namabutho anamandla okulwa na?’
15UMowabi uyakubhujiswa,
nemizi yakhe ihlaselwe;
izinsizwa zakhe zekhethelo zehlele ukuyobulawa,”
kusho iNkosi egama layo nguSimakade Wamabandla.
16“Inhlekelele kaMowabi iseduze,
usizi lwakhe luza ngokushesha okukhulu.
17Nina nonke enimzungezile, mkhaleleni;
nani nonke enazi igama lakhe, yishoni nithi:
‘Yeka ukwaphuka kwenduku enamandla,
udondolo oluhle!’
18“Yehla ebukhosini bakho,
uhlale womile, wena sakhamuzi,
ndodakazi ehlala eDibhoni,
ngokuba umbhubhisi kaMowabi usefikile,
uzobhubhisa izinqaba zakho.
19Yima endleleni, uqaphele wena ohleli e-Aroweri,
buza kobalekayo nakowesifazane ophunyukile, uthi:
‘Kwenzenjani na?’
20UMowabi ujabhisiwe,
uphelelwe ngamandla;
khihlani isililo, nikhale,
nimemezele e-Arinoni
ukuthi uMowabi ubhujisiwe.
21Ukwehlulela kwehlele ezweni eliyithafa:
eHoloni, eJahazi, naseMefahathi;
22eDibhoni, eNebho,
naseBhethi Dibhilathayimi;
23eKiriyathayimi, eBhethi Gamuli, naseBhethi Mehoni;
24eKeriyothe, eBhozira,
nakuyo yonke imizi yakwaMowabi,
ekude neseduze.
25Uphondo lukaMowabi lunqunyiwe,
nengalo yakhe yaphuliwe,” kusho uSimakade.
26“Mdakiseni, ngokuba uzikhukhumezile kuSimakade;
uMowabi makahuquzele ebuhlanzweni bakhe,
abe yinhlekisa futhi.
27U-Israyeli wayengesiyo yini
inhlekisa kuwe na?
Watholakala enamasela yini,
njengoba uma ukhuluma ngaye unikina ikhanda.
28Shiyani imizi,
nihlale phakathi kwamadwala;
nina zakhamuzi zakwaMowabi,
yibani njengejuba,
elakha isidleke emlonyeni wesiwa.
29Sizwile ngokuzidla okukhulu kakhulu, kukaMowabi;
ukuziphakamisa kwakhe,
ukuzithwala kwakhe,
ukuziqhenya kwakhe,
nokuzikhukhumeza kwenhliziyo yakhe.
30Ngiyakwazi ukuzidla kwakhe,” kusho uSimakade
“ukuzikhukhumeza kwakhe kuyize,
nezenzo zakhe azisizi ngalutho.
31Ngakho-ke ngizokhihla isililo ngoMowabi,
ngimkhalele wonke uMowabi,
ngizakububulela abantu baseKhiri Heresi.
32Ngiyakukhalela wena mvini waseSibhina,
ngikukhalela kakhulu kuneJazeri,
ngokuba amagatsha akho alwedlulile ulwandle,
aze afinyelela olwandle eJazeri.
Umbhubhisi uzakuthelekela izithelo zenu
namagilebhisi enu.
33Ukuthokoza nokujabula kususiwe ensimini,
nasezweni lakwaMowabi.
Ngalenza laphela iwayini ezikhamweni;
akusayukunyathelwa ngokujabula,
ukumemeza akuseyikho ukumemeza.
34“EHeshibhoni, e-Elehale naseJahazi kukhalwa kalusizi;
bayezwakalisa izwi labo,
kusukela eZowari kuya eHoronayimi,
kuya e-Egilathi Shelishiya;
ngokuba namanzi aseNimrimi aseshile.
35Ngiyakumqeda nya uMowabi,
lowo onikela ezindaweni eziphakemeyo,
ashisele impepho onkulunkulu bakhe,” kusho uSimakade.
36“Ngakho-ke inhliziyo yami ikhalela uMowabi njengomtshingo,
ibubulela futhi abantu baseKhiri Heresi njengemitshingo,
ngokuba umcebo ababewutholile usushabalele.
37Wonke amakhanda ayizimpandla,
zonke izilevu zigundiwe,
nazo zonke izandla zinqunyiwe;
kukhona indwangu eyisaka okhalo.
38Kukhona isililo phezu kophahla lwakwaMowabi,
nasemashashalazini akhona,
ngokuba uMowabi ngizakumphohloza
njengesitsha esingafunwa muntu,” kusho uSimakade.
39“Yeka ukuphahlazeka kwakhe!
Yeka ukukhala kwabo!
UMowabi ufulathele enamahloni,
usephenduke inhlekisa,
into esabekayo kubo bonke abakhelene naye.”
40Ngokuba usho kanje uSimakade, uthi:
“Bheka, uyakundiza njengokhozi,
elulele amaphiko akhe kuMowabi.
41Imizi iyakudliwa,
nezinqaba zithathwe.
Ngalolo lusuku, izinhliziyo zamaqhawe akwaMowabi
ziyakuba njengenhliziyo yowesifazane ohelelwayo.
42UMowabi uyobhujiswa,
angabe esaba yisizwe,
ngokuba uzikhukhumezile kuSimakade.
43Ukwesaba, nomgodi nogibe,
kuphezu kwabakhileyo kwaMowabi,” kusho uSimakade.
44“Obalekela ukwesaba,
uyakuwela emgodini;
okhuphuka emgodini,
abanjwe wugibe;
ngokuba ngiyakwehlisela lezi zinto
phezu kwabakwaMowabi,
ngonyaka wokujeziswa kwabo,” kusho uSimakade.
45“Ababalekileyo bayokuma emthunzini waseHeshibhoni, bekhathele,
ngokuba umlilo uyakuqubuka eHeshibhoni,
nelangabi eSihoni,
ungqongqise ibunzi likaMowabi,
nokhakhayi lwabantu abanomsindo.
46Maye kuwe Mowabi!
Abantu bakaKhemoshi bayakubhubha,
ngokuba amadodana akho athunjiwe,
namadodakazi akho, ayiswa ekuthunjweni.
47Kepha ngiyakukuguqula ukuthunjwa kukaMowabi
ngezinsuku ezizayo,” kusho uSimakade.
Kuphela lapha ukwehlulelwa kukaMowabi.