Uma Uphenduka Israyeli
1“Uma uphenduka, Israyeli,” kusho uSimakade,
“uyakubuyela kimi;
uma ususa phambi kwami izinengiso zakho,
awuyukuntengantenga.
2Uyakufunga ngeqiniso, ngobulungiswa, nangokulunga, uthi:
‘Ngifunga phambi kukaSimakade,’
izizwe ziyakuzibusisa ngaye,
zizishaye isifuba ngaye.”
3Usho kanje uSimakade kubantu bakwaJuda nabaseJerusalema, uthi:
“Qathani umqatho wenu,
ningatshali phakathi kwameva.
4Zisokeleni uSimakade,
nisuse amajwabu ezinhliziyo zenu,
nina bantu bakwaJuda,
nani zakhamuzi zaseJerusalema,
funa intukuthelo yami iphume njengomlilo,
ivuthe, kungabi bikho oyicimayo,
ngenxa yobubi bezenzo zenu.
Ukumenyezelwa Kwenhlekelele KwaJuda
5“Memezelani kwaJuda,
nihlabe umkhosi eJerusalema, nithi:
‘Bethani amacilongo ezweni,’
nimemeze, nithi:
‘Buthanani,
masihambe siye emizini ebiyelweyo.’
6Misani ibhanela libheke eZiyoni,
nibaleke niyocasha, ningemi,
ngokuba ngiyakwehlisa inhlekelele ivela enyakatho,
nokubhujiswa okukhulu.”
7Ingonyama iphumile ehlokozini,
umbhubhisi wezizwe uyeza;
uphumile endaweni yakhe
ukuba enze izwe lakho libe yincithakalo,
imizi yakini icekelwe phansi,
kungabi bikho ohlala kuyo.
8Ngalokho bhincani indwangu eyisaka,
nikhale, nilile,
ngokuba intukuthelo kaSimakade evuthayo ayikasuki kithi.
9“Kuyakuthi ngalolo lusuku,” kusho uSimakade,
“inhliziyo yenkosi idangale
nezinhliziyo zezikhulu;
abaphristi bayakumangala,
abaphrofethi bathuthumele.”
10Ngase ngithi: “Awu, Nkosi Simakade, impela ubakhohlisile laba bantu neJerusalema, wathi: ‘Niyakuba nokuthula,’ kodwa inkemba isemqaleni.”
11Ngaleso sikhathi kuyakuthiwa kulaba bantu, nakulo iJerusalema: “Ishisandlu elivela ezindaweni eziphakeme ezingamaqwaqwasi liya endodakazini yabantu bami, aliyukubahlakaza, aliyukubahlambulula. 12Umoya omkhulu kunalokho uyakuphuma kimi. Manje ngiyakukhuluma, ngibagwebe.”
13Bhekani, uyakhuphuka njengamafu,
izinqola zakhe zinjengesivunguvungu,
amahhashi akhe anejubane kunezinkozi.
Maye, kithi, ngokuba sichithiwe!
14Jerusalema, hlanza ububi obusenhliziyweni yakho,
ukuze usindiswe.
Kuyoze kube nini imicabango yakho
emibi ihleli ezibilini zakho na?
15Ngokuba izwi liyamemezela, liphuma kwaDani;
limemezela inhlekelele ivela kwelezintaba kwa-Efrayimi.
16“Xwayisani izizwe ngalokhu;
bhekani, kumemezeleni eJerusalema
ukuthi abavimbezeli bayeza,
bavela kwelikude izwe;
bayalizwakalisa izwi labo emizini yakwaJuda.
17Njengabalindi bensimu,
balithelekele nxazonke,
ngokuba lingihlubukile,” kusho uSimakade.
18“Ukuziphatha kwakho
nezenzo zakho kukulethele lezi zinto;
lokhu kungenxa yokukhohlakala kwakho,
ngokuba umunyu ufinyelele enhliziyweni yakho.”
Inhliziyo KaJeremiya Iyaqaqamba Ngakubonayo
19O, buhlungu bami,
buhlungu bami,
inhliziyo yami iyaqaqamba;
iyabubula inhliziyo yami,
anginakuthula, ngokuba umphefumulo wami
uwuzwile umsindo wecilongo,
kuhlatshwa umkhosi wempi.
20Kumenyezelwa ukubhujiswa phezu kokubhujiswa,
ngokuba izwe lonke lenziwe incithakalo.
Amathende ami ashatshalaliswe ngokushesha,
namakhethini ami ngokuphazima kweso.
21Kuyoze kube nini ngibona ibhanela,
ngizwa umsindo wecilongo na?
22“Yebo, abantu bami bayiziwula, abangazi;
bangabantwana abayiziphukuphuku,
abanakuqonda;
bayizingcweti ekwenzeni okubi,
abakwazi ukwenza okuhle.”
23Ngawubuka umhlaba;
bheka, wawuyize, ungenalutho,
nezulu lalingenakukhanya.
24Ngabuka izintaba,
bheka, zazamazama,
namagquma wonke anyakaza.
25Ngabuka;
uyabona-ke, kwakungekho muntu;
zonke izinyoni zezulu zazibalekile.
26Ngabuka;
bheka, izwe elivundileyo laliyihlane,
nemizi yalo yonke yayidiliziwe
phambi kukaSimakade,
naphambi kwentukuthelo yakhe evuthayo.
27Ngokuba usho kanje uSimakade, uthi:
“Izwe lonke liyakuba yincithakalo,
kepha angiyukuliqeda liphele nya.
28Umhlaba uyakhala ngalokhu,
izulu phezulu liyakuba mnyama,
ngokuba ngikukhulumile,
nginqumile;
anginakuguquka,
anginakuphenduka kulokhu.”
29Yonke imizi iyabaleka
ngenxa yomsindo wabamahhashi,
nowabaciba ngemicibisholo;
abantu bangena emahlokozini,
bakhuphukele emadwaleni;
imizi yonke isele dengwane,
akusekho ohlala kuyo.
30Wena ochithiweyo,
wenzani ngokuvunula
ngokubomvu nangemvunulo yegolide,
nokugqaba amashiya akho ngomuthi,
uzenza muhle ngeze na?
Izithandwa zakho ziyakwedelela,
zifuna ukukubulala.
31Ngizwile izwi kungathi ngelowesifazene ohelelwayo,
usizi lozibulayo,
izwi lendodakazi uZiyoni
ihefuzela, yelula izandla zayo, ithi:
“Maye, kimi!
Ngokuba umphefumulo wami udangele,
phambi kwababulali bami.”