U-Israyeli Unikwa Elinye Ithuba Lokubuyela KuSimakade
1“Uma indoda ilahla umkayo,
noma yena ahambe ayogana enye indoda,
ingabe isabuyela yini kuye na?
Lelo lizwe liyobe lingangcoliswanga kakhulu na?
Kepha wena ofebe nezithandwa eziningi
uyakubuyela kimi,” kusho uSimakade.
2“Phakamisela amehlo akho
emadulini angamaqwaqwasi, ubone,
kukuphi lapho ongazinikelanga
kwalalwa khona nawe na?
Ubahlalele ngasezindleleni,
ubufana nomArabhi ehlane,
walingcolisa izwe ngobufebe
nangobubi bakho.
3Yingakho-ke izihlambi zinqandiwe,
nemvula yakamuva ingabangabikho.
Nokho ubunesibindi sobufebe,
wenqaba ukuba namahloni.
4Awungibizile yini khona manje,
uthi kimi:
‘Baba, Wena ungumngani wobusha bami,’ na?
5Uyakuhlala uthukuthele njalonjalo na?
Uyoyigcina intukuthelo kuze kube phakade na?
Yiyona ndlela okhulume ngayo,
kodwa wenza okubi,
waphumelela ukukwenza.”
U-Israyeli NoJuda Bayafana Ngokungethembeki
6USimakade wathi kimi, ngesikhathi sokubusa kukaJosiya inkosi: “Uboneni na? U-Israyeli akahlubukanga yini na? Ukhuphukele kuzo zonke izintaba eziphakeme, nangaphansi kwazo zonke izihlahla eziluhlaza, wafeba khona. 7Ngangicabanga ukuthi emva kokwenza zonke lezo zinto, uzobuyela kimi, kodwa akabuyanga. Nodadewabo uJuda okhohlisayo, ukubonile lokho. 8Ubonile ukuthi ngakho konke ukungethembeki kwakhe u-Israyeli, ohlubukayo angenqenanga ukumnika incwadi yesehlukaniso, nokho udadewabo uJuda akesabanga, naye uhambile wayofeba. 9Ngenxa yokuba wayengenamahloni ngokufeba kwakhe, walingcolisa izwe, ephinga namatshe nezihlahla. 10Nokho kukho konke lokho lo dadewabo ombuluzayo, uJuda, akazange abuyele kimi ngenhliziyo ephelele, kodwa ngokuzenzisa nje,” kusho uSimakade.
11USimakade wayesethi kimi: “U-Israyeli ohlubukayo uzibonakalise elungile kimi kunoJuda okhohlisayo. 12Hamba umemezele lawa mazwi enyakatho, uthi:
“ ‘Buya wena Israyeli ohlubukayo,’ kusho uSimakade;
‘angizukunibheka nginyukubele,
ngokuba nginomusa,’ kusho uSimakade;
‘Angiyukuthukuthela kuze kube phakade.
13Kuphela, yazi ububi bakho
ukuthi uhlubukile kuSimakade uNkulunkulu wakho,
izindlela zakho wazihlakazela kwabezizwe,
phansi kwazo zonke izihlahla eziluhlaza;
anililalelanga izwi lami,’ ” kusho uSimakade.
14“Buyani, bantu abahlubukayo,” kusho uSimakade. “Ngokuba ngiyiNkosi yenu, ngizothatha abe munye emzini, babe babili emndenini, nginiyise eZiyoni. 15Ngizakuninika abelusi abathandwa yinhliziyo yami, abazonelusa ngokwazi nangokuhlakanipha. 16Kuyothi lapho nanda, futhi nichuma ezweni, ngalezo zinsuku,” kusho uSimakade, “abasayukusho ukuthi: ‘Umphongolo wesivumelwano sikaSimakade;’ awuyukungena enhliziyweni, abayukuwucabanga, abasayukuwukhumbula, abayukuba nesizungu sawo, awuseyukwenziwa omusha. 17Ngaleso sikhathi, abantu bayobiza iJerusalema ngokuthi liyisihlalo sobukhosi sikaSimakade. Izizwe zonke ziyobuthelwa kulo, kulo igama likaSimakade eJerusalema. Azisayukuhamba ngokwenkani yenhliziyo yazo embi. 18Ngalezo zinsuku indlu yakwaJuda iyakuhamba nendlu yakwa-Israyeli, ziyakubuya kanyekanye ezweni enyakatho, ziye ezweni engalinika okhokho benu ukuba libe yifa labo.
19“Mina bengicabanga ukuthi:
“ ‘Ngizakukubeka kanjani phakathi kwabantu,
ngikuphe izwe elinxanelekayo,
ifa elihle kakhulu ezizweni!’
Ngathi niyakungibiza nithi: ‘Baba,’
ningaguquki ekungilandeleni.
20Impela njengomfazi ekhohlisa umyeni,
kanjalo ningikhohlisile nina ndlu ka-Israyeli,” kusho uSimakade.
21Izwi liyezwakala emadulini angamaqwaqwasi,
likhala, linxusela abantu bakwa-Israyeli,
ngokuba bayihlanekezele indlela yabo,
bamkhohlwa uSimakade uNkulunkulu wabo.
22“Buyani nina bantwana enihlubukayo;
ngizoniphulukisa ekuhlubukeni kwenu.”
“Bheka, sesilapha, siza kuwe,
ngokuba unguSimakade uNkulunkulu wethu.
23Impela amagquma ayize nomsindo wezintaba.
Ngokwempela, ukusindiswa kuka-Israyeli
kukuSimakade uNkulunkulu wethu.
24Nento eyihlazo iwuqedile umshikashika wokhokho bethu,
kwasebusheni bethu;
izimvu nezimbuzi zabo, nezinkomo zabo;
namadodana abo namadodakazi abo.
25Masilale phansi sinamahloni,
ihlazo lethu lisisibekele,
ngokuba sonile kuSimakade uNkulunkulu wethu,
thina nokhokho bethu,
kusukela ebusheni bethu
kuze kube namuhla,
asililalelanga izwi likaSimakade uNkulunkulu wethu.”