UJakobe Ufika KwaLabani
1UJakobe waqhubeka nohambo lwakhe, waze wayofika ezweni labantu basempumalanga. 2Esabheka, wabona umthombo endle nemihlambi emithathu yezimvu ilele eduze kwawo, ngokuba yayiphuziswa kulowo mthombo. Itshe elalisemlonyeni wawo lalilikhulu kakhulu. 3Kwakuthi lapho imihlambi isihlangene, abelusi bagingqe itshe emlonyeni womthombo, baphuzise izimvu, bese belibuyisela endaweni yalo, bagibekele ngalo umlomo womthombo.
4UJakobe wabuza abelusi wathi: “Bafowethu, niliqhamukisaphi na?”
Bamphendula bathi: “EHarana.”
5Wathi kubo: “Niyamazi yini uLabani indodana kaNahori na?”
Bathi: “Siyamazi.”
6Wayesethi kubo: “Ngabe usaphila yini na?”
Bathi: “Yebo, usaphila. Nansi indodakazi yakhe uRaheli iza nezimvu.”
7Wathi kubo: “Ilanga lisaphakeme. Akukabi yisikhathi sokubuyisa imihlambi, phuzisani izimvu bese niyahamba niyoziklabisa edlelweni.”
8Bathi: “Asikwazi ukwenza lokho, ize imihlambi iphelele yonke, kugingqwe itshe emlonyeni womthombo, bese siyaziphuzisa izimvu.”
UJakobe Ubonana NoRaheli
9Esakhuluma nabo uJakobe, kwafika uRaheli nezimvu zikayise, ngokuba nguyena owayezelusa. 10Kuthe lapho uJakobe embona uRaheli, indodakazi kaLabani, umzala wakhe, nezimvu zikaLabani umalume wakhe, uJakobe wasondela, wagingqa itshe elisusa emlonyeni womthombo, waphuzisa izimvu zikaLabani umalume wakhe. 11UJakobe wamanga uRaheli, wayesedazuluka ekhala kakhulu ngenxa yokujabula. 12UJakobe wayesemtshela uRaheli ukuthi uhlobene noyise, ngokuba uyindodana kaRibheka. URaheli wagijima wayobikela uyise. 13Lapho uLabani ezwa udaba ngomshana wakhe uJakobe, wagijima wayomhlangabeza, wamgona, wamanga, wabuyela naye emzini wakhe. UJakobe wamlandisa uLabani zonke lezo zinto. 14ULabani wayesethi kuye: “Impela uyithambo lami nenyama yami.”
UJakobe wahlala naye inyanga yonke.
UJakobe Usebenzela Ukulobola URaheli NoLeya
15ULabani wathi kuJakobe: “Uzongisebenzela mahhala yini ngoba uyisihlobo sami na? Ngitshele ukuthi izoba yini inkokhelo yakho na?”
16ULabani wayenamadodakazi amabili, igama lenkosazana kwakunguLeya, elikathunjana kunguRaheli. 17ULeya wayenamehlo ayebuthakathaka kanti uRaheli wayemuhle ngesimo ebukeka kahle. 18UJakobe wamthanda uRaheli, wayesethi kuLabani: “Ngizokukusebenzela iminyaka eyisikhombisa ngoRaheli indodakazi yakho encane.”
19ULabani wathi: “Kungcono ukuba ngimnike wena kunokuba ngimnike enye indoda. Hlala nami.”
20UJakobe wasebenza iminyaka eyisikhombisa ukuze aganwe nguRaheli, kodwa ngenxa yothando ayemthanda ngalo uRaheli kwaba sengathi iyizinsuku ezimbalwa.
21UJakobe wayesethi kuLabani: “Nginike umkami ukuze ngilale naye, ngokuba sesiphelile isikhathi esasivumelene ngaso.”
22ULabani wabamema bonke abantu bakuleyo ndawo, wenza idili. 23Kepha kusihlwa wathatha indodakazi yakhe uLeya wayiyisa kuJakobe; uJakobe walala nayo. 24ULabani wanikela isisebenzi sakhe uZilipha ukuba sibe yisisebenzi sendodakazi yakhe uLeya.
25Ekuseni wabona ukuthi ubelele noLeya. UJakobe waya kuLabani wathi kuye: “Yini lena oyenze kimi na? Angikusebenzelanga yini ukuze ngithole uRaheli na? Ungikhohliseleni na?”
26ULabani wathi: “Akwenziwa lokho kuleli lizwe ukuba kuganiswe omncane engakagani omdala. 27Qeda iviki lalona bese sikunika omunye naye ozomsebenzela kimi eminye iminyaka eyisikhombisa.”
28UJakobe wenza kanjalo, waqeda iviki enoLeya, uLabani wayesemnika uRaheli, indodakazi yakhe, ukuba abe ngumkakhe. 29ULabani wanika uRaheli, indodakazi yakhe, isisebenzi sakhe uBhiliha ukuba sibe ngesakhe. 30UJakobe walala noRaheli, wamthanda kakhulu uRaheli ukwedlula uLeya. Wasebenzela uLabani eminye futhi iminyaka eyisikhombisa.
Abantwana BakaJakobe
31Lapho uSimakade ebona ukuthi uLeya uyisaliwakazi, wamvula isibeletho sakhe, kodwa wasivala esikaRaheli. 32ULeya wakhulelwa, wazibula ngendodana, wayiqamba igama wathi nguRubeni, ngokuba wathi: “Kungoba uSimakade ulubonile usizi lwami. Impela umyeni wami usezongithanda manje.”
33Wakhulelwa, wathola enye indodana, wayiqamba igama wathi nguSimeyoni, ngokuba wathi: “Kungoba uSimakade uzwile ukuthi ngiyisaliwakazi, wayesengipha nalena futhi indodana.”
34Wakhulelwa futhi, wathola indodana, wayiqamba igama wathi nguLevi, ngokuba wathi: “Impela manje umyeni wami uzonamathela kimi, ngoba sengimzalele amadodana amathathu.”
35Wakhulelwa futhi wathola indodana, wathi: “Manje ngizodumisa uSimakade,” wayiqamba igama wathi nguJuda, wayesema ukuthola abantwana.