Umbhoshongo WaseBhabhele
1Emhlabeni wonke abantu babekhuluma lulimi lunye. 2Basuka empumalanga baze bayofika emathafeni eShinari, bahlala khona. 3Babonisana, bathi: “Wozani sibumbe izitini, sizipheke emlilweni ukuze ziqine!”
Esikhundleni samatshe babumba izitini, esikhundleni sodaka benza ibhithumeni. 4Base bethi: “Wozani sizakhele isithabathaba somuzi onombhoshongo omude ofinyelela esibhakabhakeni, ukuze ngawo sizakhele igama emhlabeni, singahlakazeki nezwe lonke!”
5USimakade wehla ukuzobona umuzi nombhoshongo owawakhiwe ngabantu. 6Wathi: “Bheka, laba bantu basizwe sinye, bakhuluma lulimi lunye. Lokhu kuseyisiqalo nje sezinto abazozenza. Manje sebezokwenza noma yini abazimisele ukuyenza. 7Wozani sehle, siphambanise ulimi lwabo, khona bezogcina bengasezwani ukuthi omunye uthini komunye.”
8USimakade wabahlakaza kanjalo-ke bagcwala umhlaba wonke, bakuyeka ukwakha umuzi. 9Lowo muzi wabizwa ngokuthi yiBhabhele, ngokuba kulapho uSimakade aphambanisa khona ulimi lomhlaba wonke, wayesebahlakaza bagcwala umhlaba wonke.
Izizukulwane ZikaShemu
10Nanku umlando wezizukulwane zikaShemu. Kwaphela iminyaka emibili unqamukile uzamcolo, uShemu eseneminyaka eyikhulu, wazala u-Arifaksadi. 11Esemzele u-Arifaksadi, waphila iminyaka engama-500: wayezele namanye amadodana namadodakazi.
12Kuthe u-Arifaksadi eseneminyaka engama-35, wazala uShela. 13Emva kokuzala uShela, u-Arifaksadi waphila iminyaka engama-403, wabuye wazala amadodana namadodakazi.
14UShela wayeseneminyaka engama-30 ezala u-Ebhere. 15Esemzele u-Ebhere, waphila iminyaka engama-403, wabuye wazala amadodana namadodakazi.
16Kuthe u-Ebhere eseneminyaka engama-34, wazala uPhelegi. 17Esemzele uPhelegi, u-Ebhere waphila iminyaka engama-430, wabuye wazala amadodana namadodakazi.
18UPhelegi eseneminyaka engama-30, wazala uRegu. 19Esemzele uRegu, uPhelegi waphila iminyaka engama-209, wabuye wazala amadodana namadodakazi.
20URegu eseneminyaka engama-32, wazala uSerugi. 21Esemzele uSerugi, uRegu waphila iminyaka engama-207, wabuye wazala amadodana namadodakazi.
22USerugi eseneminyaka engama-30, wazala uNahori. 23Esemzele uNahori, uSerugi waphila iminyaka engama-200, wabuye wazala amadodana namadodakazi.
24UNahori eseneminyaka engama-29, wazala uThera. 25Esemzele uThera, uNahori waphila iminyaka eyi-119, wabuye wazala amadodana namadodakazi.
26Kuthe uThera eseneminyaka engama-70, wazala u-Abhrama, uNahori, noHarana.
Izizukulwane ZikaThera
27Nanku umlando wezizukulwane zikaThera. UThera wazala u-Abhrama, uNahori, noHarana. UHarana wazala uLothi. 28UHarana wafa kuqala kunoyise uThera ezweni ayedabuka kulo i-Uri lamaKhaledi. 29U-Abhrama noNahori baganwa. U-Abhrama waganwa nguSarayi, uNahori waganwa nguMilikha, owayeyindodakazi kaHarana, owayezala u-Isikha. 30USarayi wayeyinyumba, engenabantwana.
31UThera wathatha indodana yakhe u-Abhrama noLothi owayezalwa nguHarana, nomalokazana wakwakhe uSarayi owayegane u-Abhrama, bonke base belifulathela i-Uri lamaKhaledi, balibangisa eKhanani. Bafika bahlala eHarana. 32UThera waphila iminyaka engama-205, wafela eHarana.