NgoKhristu Sithola Ukuba Sibe Ngabantwana BakaNkulunkulu
1Manje ngithi, ngesikhathi indlalifa iseyingane, ayehlukile neze esigqileni nanxa iyinkosi yakho konke. 2Iphansi komqaphi nomphathi, kuze kufike isikhathi esamiswa nguyise phambilini. 3Nathi ngokunjalo, siseyizingane, sasiyizigqila phansi kwezimfundiso zomhlaba. 4Kepha lapho sesifikile isikhathi esimisiweyo, uNkulunkulu wathumela iNdodana yakhe, eyazalwa ngowesifazane, izelwe phansi komthetho, 5ukuze ikhulule labo abaphansi komthetho, samukele ukuba ngamadodana. 6Lokhu ningamadodana, uNkulunkulu uthumele uMoya weNdodana yakhe ezinhliziyweni zethu, omemeza ethi: “Abba, Baba!” 7Ngakho-ke awusesona isigqila, kodwa indodana; kepha uma uyindodana, uyindlalifa ngaye uNkulunkulu.
Ukukhathazeka KukaPawula NgabaseGalathiya
8Ngesikhathi ningakamazi uNkulunkulu, naniyizigqila zonkulunkulu mbumbulu. 9Lokhu manje seniyamazi uNkulunkulu noma seniyaziwa nguNkulunkulu, kungani pho seniphindela ezintweni ezingelutho, senifuna futhi ukuba yizigqila zazo na? 10Senigcina izinsuku, izinyanga nezikhathi, neminyaka. 11Nginovalo ngani, funa ngikhandlekele ize ngenxa yenu.
12Ngifuzeni, ngokuba nami nginjengani, ngiyanincenga bazalwane. Aningonanga ngalutho. 13Niyazi ukuthi ngenxa yokuba buthaka enyameni, ngashumayela ivangeli kini okokuqala, 14nanxa ubuthaka bami babuyijoka kini, kodwa anizange ningicunukele noma ningenyanye. Nangamukela ngokungathi ngiyingelosi kaNkulunkulu, kwangathi nginguKhristu uqobo. 15Pho selushonephi loluya gqozi enaninalo na? Ngiyaqinisa ukuthi naningawakhipha amehlo enu niwanike mina uma kwakunokwenzeka. 16Ngabe sengiphenduke isitha senu ngokunitshela iqiniso na?
17Bakhombisa intshisekelo ngani engenabuhle, bafuna ukunahlukanisa nami ukuze nihungeke nilandele bona. 18Kepha kuhle ukuba nentshisekelo ngokuhle, kodwa makungabi nxa ngikhona kini kuphela. 19Bantwana bami, enginezinseka ngani, uKhristu aze abunjwe kini; 20ngifisa sengathi ngabe nginani manje, ukuze lishintshe iphimbo lokukhuluma kwami, ngenxa yokuba ngikhathazekile kakhulu ngani.
OSara NoHagari Bayimifanekiso Yezivumelwano Ezimbili
21Ngitsheleni nina enifuna ukuba phansi komthetho, aniwuzwa yini umthetho na? 22Ngokuba kulotshiwe ukuthi u-Abhrahama wayenamadodana amabili, enye kungeyesigqilakazi enye kungeyokhululekileyo. 23Kepha eyesigqilakazi yayizelwe ngokwenyama, kodwa eyokhululekileyo izelwe ngokwesithembiso.
24Lokhu kungukufanekisa nje, ngokuba laba bayizivumelwano ezimbili. Esinye ngesasentabeni iSinayi esiletha ubugqila, esinguHagari. 25UHagari manje uyintaba iSinayi ese-Arabhiya, efanayo neJerusalema manje, ngokuba lisebugqileni nabantwana balo. 26Kepha iJerusalema eliphezulu likhululekile, lingumama wethu. 27Ngokuba kulotshiwe ukuthi:
“Thokoza wena nyumba ongazalanga,
dazuluka wena ongakaze uhelelwe,
ngokuba abantwana boyisikhwebu baningi
kunabantwana bonendoda.”
28Kepha nina bazalwane, ningabantwana besithembiso, njengo-Isaka. 29Njengalokhu owayezelwe ngokwenyama wamhlupha owayezelwe ngokukaMoya, kusenjalo namanje. 30Kepha uthini umbhalo na? Uthi: “Xosha isigqilakazi nendodana yaso, indodana yesigqilakazi ayinakulidla ifa kanye nendodana yokhululekileyo.”
31Ngakho-ke bazalwane, asisibo abantwana besigqilakazi, kodwa singabantwana bokhululekileyo.