Ukubuya Kwenkazimulo KaSimakade
1Umuntu wayesengithatha engiyisa esangweni elibheke ngasempumalanga. 2Bheka, inkazimulo kaSimakade yavela empumalanga, izwi lakhe lezwakala njengokuhaza kwamanzi amaningi, inkazimulo yakhe yawukhanyisa umhlaba. 3Isimo sombono engawubonayo sasifana nombono engangiwubone ngesikhathi ngiza ngizobhubhisa umuzi. Imibono yayinjengombono engangiwubone ngasemfuleni iKhebhari; ngase ngiwa ngobuso, ngathi mbo emhlabathini. 4Inkazimulo kaSimakade yangena endlini ngendlela yesango elibheke ngasempumalanga. 5UMoya wangiphakamisa, wangingenisa egcekeni elingaphakathi; bheka, inkazimulo kaSimakade yayigcwalisa indlu.
6Ngase ngizwa okhuluma kimi ephakathi endlini; kwakumi umuntu eceleni kwami. 7Wathi kimi: “Ndodana yomuntu, le ndawo iyisihlalo sami sobukhosi, nendawo yamathe ezinyawo zami, lapho ngiyakuhlala khona phakathi kwabantu bakwa-Israyeli kuze kube phakade. Indlu yakwa-Israyeli ayisayukulingcolisa igama lami elingcwele, yona namakhosi ayo, ngokuphinga kwayo nangezidumbu zamakhosi ayo ezindaweni zayo eziphakemeyo. 8Umbundu wabo bawubeka ngasembundwini wami, nensika yabo yomnyango eceleni kwensika yami, kwaba ludonga kuphela oluphakathi kwami nabo, balingcolisa igama lami elingcwele ngezinengiso zabo abazenzayo, yingakho-ke ngabaqeda ngolaka lwami. 9Manje-ke mabakudedisele kude nami ukuphinga kwabo, nezidumbu zamakhosi abo, ukuze ngihlale phakathi kwabo kuze kube phakade.
10“Wena ndodana yomuntu, chaza ngendlu kwabendlu yakwa-Israyeli ukuze babe namahloni ngobubi babo, bacabangisise ngesimo sayo. 11Uma benamahloni ngakho konke abakwenzileyo, mawubazise ngesimo sendlu, ngokuhleleka kwayo, ngezindawo zayo zokuphuma nezokungena, impela, sonke isimo sayo nazo zonke izimiso zayo, izimo zayo zonke nemithetho yayo yonke, ukulobe bezibonela ngawabo amehlo, ukuba basigcine sonke isimo sayo, nazo zonke izimiso zayo, bakwenze lokho.”
Inkonzo Yethempeli Elisha
12“Nanku umthetho wendlu: Esiqongweni sentaba, wonke umngcele wayo oyizungeze gimbici, uyakuba ngcwele kakhulu. Uyabona-ke, lokho kungumthetho wendlu.
Izilinganiso Ze-Althare
13“Nazi izilinganiso ze-althare ngokwamakhubhithi, ikhubhithi nengxenye ububanzi, isisekelo salo sinomsele oyikhubhithi ukuphakama kwawo, nobubanzi bawo buyikhubhithi. Umngcele walo, emaceleni nxazonke, wawunjengokuvuleka kweminwe: kwakunjalo-ke ukuphakama kwe-althare. 14Kusukela phansi esisekelweni esinomsele kuze kube sonqenqemeni oluphansi, kwakungamakhubhithi amabili, ububanzi buyikhubhithi. Ukusuka onqenqemeni oluncane kuze kube sonqenqemeni olukhulu, kwakungamakhubhithi amane, ububanzi buyikhubhithi. 15Iziko le-althare lalingamakhubhithi amane, kusukela kulo kuya phezulu, kukhona nezimpondo ezine. 16Iziko le-althare ubude balo babungamakhubhithi ali-12, kanjalo nobubanzi balo; lalinezinhlangothi ezine ezilinganayo. 17Ubude bonqenqema babungamakhubhithi ali-14, kanjalo nobubanzi balo, lunezinhlangothi ezine ezilinganayo. Umngcele walo, nxazonke, wawuyingxenye yekhubhithi, umsele walo wawuyikhubhithi nxazonke, izikhwelo zalo zibheke ngasempumalanga.”
Ukuhlanjululwa Kwe-Althare
18Wayesethi kimi: “Ndodana yomuntu, isho kanje iNkosi uSimakade, ithi nazi izimiso ze-althare ngosuku abayakulenza ngalo, ukuba banikele phezu kwalo umnikelo wokushiswa, balifafaze ngegazi. 19Uyakunika abaphristi abangabaLevi, ozalweni lukaZadoki, abaseduze nami ukuba bangikhonze, balethe iduna libe ngumnikelo wesono,” kusho iNkosi uSimakade.
20“Uyakuthatha igazi ulibhece kuzona zozine izimpondo zalo, emagumbini omane onqenqema, nasemaphethelweni nxazonke, ulihlambulule, ulenzele ukubuyisana. 21Uyakuthatha inkunzi yomnikelo wesono, ishiswe endaweni yendlu ekhethiweyo, engaphandle kwendlu engcwele.
22“Ngosuku lwesibili uyakunikela ngempongo engenasici, ibe ngumnikelo wesono; bayakuhlambulula i-althare njengoba lihlanjululwa ngenkunzi. 23Kuyakuthi lapho usuqedile ukulihlambulula, bese unikela ngeduna elingenasici, nangenqama engenasici. 24Uyakukusondeza phambi kukaSimakade, abaphristi bathele usawoti kukho, banikele ngakho, kube ngumnikelo wokushiswa kuSimakade.
25“Izinsuku eziyisikhombisa uyakunikela ngempongo, ibe ngumnikelo wesono, usuku nosuku, kunikelwe nangeduna nenqama, kuthathwe emhlanjini, kungabi nasici. 26I-althare bayakulenzela ukubuyisana izinsuku eziyisikhombisa, balihlambulule, balingcwelise. 27Kuyakuthi uma seziphelile lezo zinsuku, kube ngusuku lwesishiyagalombili kuya phambili, bese abaphristi benikela iminikelo yenu yokushiswa e-althare, neminikelo yenu yokuthula; ngiyakunamukela-ke,” kusho iNkosi uSimakade.