Ukwenziwa Kwezingubo Zabaphristi
1Benza izingubo ezinhle zokukhonza endaweni engcwele ngokuluhlaza okwesibhakabhaka, ngokubukhwebezane nangokubomvu. Benzela u-Aroni izingubo ezingcwele njengalokhu uSimakade ayemyalile uMose.
2Benza ingubo yamahlombe ngegolide, ngokuluhlaza okwesibhakabhaka, ngokubukhwebezane, ngokubomvu, nangelineni lemicu ephothiweyo elicolekileyo. 3Bacangcatha igolide laba ngamacwecwe, base bewasika aba yimidweshana bayelukela ensontweni eluhlaza okwesibhakabhaka, ebukhwebezane, ebomvu, naselinenini elicolekileyo, lokhu kwenziwa ngobuciko obukhulu. 4Bayenzela iziziba zamahlombe ezihlanganisiweyo; bayixhuma emaceleni omabili. 5Ibhande elihlotshisiwe lokuyibopha elalikuyo lalenziwe ngendlela efanayo nezingubo, lenziwe ngegolide, ngensonto eluhlaza okwesibhakabhaka, ngokubukhwebezane, ngokubomvu, nangelineni lemicu ephothiweyo elicolekileyo; njengokuba uSimakade ayemyalile uMose. 6Balungisa amatshe e-oniksi, ayezungezwe yizisekelo zegolide, eqoshwe njengendandatho, kwaqoshwa kuwo amagama amadodana kaJakobe. 7Bawabeka ezizibeni zengubo yamahlombe, ukuze abe ngamatshe esikhumbuzo samadodana ka-Israyeli, njengalokhu uSimakade ayemyalile uMose.
8Benza isivikelo sesifuba ngobuciko obufanayo njengoba benza ingubo yamahlombe, ngokuyigolide, ngokuluhlaza okwesibhakabhaka, ngokubukhwebezane, ngokubomvu nangelineni lemicu ephothiweyo elicolekileyo. 9Sasiyisikwele, isivikelo sesifuba siphindeka kabili, ubude baso bungangokuvuleka kwesandla, nobubanzi baso bungangokuvuleka kwesandla, siphindwe kabili. 10Bafaka kuso imigqa emine yamatshe; kowokuqala bafaka irubhi, ithophazi negarinethi; 11umugqa wesibili kwaba ithekhoyise, yisafire ne-emeralidi; 12umugqa wesithathu kwaba yijasinithe, i-agathe ne-amethiyisithi 13emugqeni wesine kwaba yikhrisolithe, yi-oniksi, nejasiperi; ayezungezwe yizisekelo zegolide lapho ayefakwe khona. 14Kwakungamatshe ali-12 alingana namagama amadodana ka-Israyeli; ayeqoshwe njengendandatho yokusicilela, kuqoshwe kulelo nalelo igama lesizwana ngasinye kwezili-12.
15Benza esivikelweni sesifuba amaketanga egolide elicolisekileyo anjengamagoda aphothiweyo. 16Benza izisekelo ezimbili zegolide, namasongo amabili egolide; omabili bawafaka ngenhla emachosheni esivikelo sesifuba. 17Base befaka izintambo ezimbili zegolide emasongweni omabili asemachosheni esivikelo sesifuba. 18Izihloko ezimbili zamaketanga athandelweyo bazifaka emiphethweni yomibili, bazibeka ezizibeni ezisemahlombe ukuya ngaphambili kwazo. 19Base benza amasongo amabili egolide bawafaka emachosheni omabili esivikelo sesifuba, eceleni laso eliqondene nengubo yamahlombe ngaphakathi. 20Benza amanye amasongo amabili egolide bawafaka phansi phambili ezizibeni zombili zengubo yamahlombe ngalapho ihlangana khona, ngaphezu kwebhande layo elihlotshisiweyo. 21Base bebopha isivikelo sesifuba ngamasongo aso, emasongweni engubo yamahlombe basibopha ngentambo eluhlaza okwesibhakabhaka ukuba sibe phezu kwebhande elihlotshisiweyo lengubo yamahlombe, ukuze singakhumuki kuyo, njengalokhu uSimakade ayemyalile uMose.
22Benza ijazi lokwemboza ingubo yamahlombe ngokwalukiweyo okuluhlaza okwesibhakabhaka kuphela. 23Imbobo yengubo eyayiphakathi nayo, yayifana nembobo yejazi lensimbi, inomphetho ozungeze imbobo yalo ukuba lingadabuki. 24Emphethweni wejazi ongezansi bafaka amahananadi enziwe ngokuluhlaza okwesibhakabhaka, okubukhwebezane, okubomvu nelineni elicolekileyo eliphothiweyo. 25Benza izinsimbi ezikhencezayo ngegolide elicolisekileyo, bazifaka izinsimbi phakathi kwamahananadi ngasemphethweni wayo, bawuzungeza wonke umphetho wayo. 26Kwaba yinsimbi ekhencezayo, yihananadi, yinsimbi nehananadi emphethweni ozungeze ingubo yokukhonza, njengalokhu uSimakade ayemyalile uMose.
27Benzela u-Aroni namadodana akhe amabhantshi ngelineni elicolekileyo, okwakungumsebenzi wobuciko obukhulu 28benza namaqhiya ngelineni elicolekileyo, okunye kokuthwala ekhanda ngelineni elicolekileyo, nezingubo zangaphansi ngelineni lemicu ephothiweyo elicolekileyo, 29nebhande lelineni lemicu ephothiweyo, ngokuluhlaza okwesibhakabhaka, ngokubukhwebezane, ngokubomvu, okwakwenziwe ngobuciko obukhulu ngumhlobisi, njengalokhu uSimakade ayemyalile uMose.
30Benza ucwecwe lomqhele ongcwele ngegolide elicwengekileyo, baqopha kulo umbhalo njengokuqoshwa kwendandatho othi kungcwele kuSimakade. 31Babophela kulo intambo eluhlaza okwesibhakabhaka, base bekubeka ngaphezu kweqhiya; njengalokhu uSimakade ayemyalile uMose.
Ukuphothulwa Komsebenzi Wethabanakeli
32Waphothulwa kanjalo-ke wonke umsebenzi wethabanakeli lethende lokuhlangana; abantu bakwa-Israyeli benza njengakho konke uSimakade ayemyale ngakho uMose. 33Baliletha ithabanakeli kuMose, ithende, nayo yonke impahla yalo: izinkintsho, amapulangwe, imishayo, izinsika nezisekelo zazo, 34okokufulela okwakwenziwe ngezikhumba zezinqama ezidaywe zaba bomvu, okokufulela kwezikhumba zamahlengethwa, ikhethini lokuhenqa, 35umphongolo wobufakazi, izingongolo zawo, isembozo esiyisihlalo somusa; 36itafula nayo yonke impahla yalo, nesinkwa soBukhona bukaSimakade; 37uthi lwezibani olwenziwe ngegolide elicwengekileyo nezibani zalo zihleliwe, nakho konke okuhambisana nalo, amafutha okukhanyisa, 38i-althare legolide, amafutha okugcoba, impepho enuka kamnandi, isihenqo ekungeneni kwethende, 39i-althare lethusi, inetha lalo lethusi, izingongolo zalo, nazo zonke izimpahla zalo, umcengezi nesinqe sawo, 40amakhethini egceke, izinsika nezisekelo zalo, ikhethini elihenqa isango legceke, izintambo zalo, izikhonkwane zalo, nakho konke okusetshenziselwa inkonzo yethabanakeli ethendeni lokuhlangana, 41izingubo zokukhonza endaweni engcwele ezenziwe ngokulukiwe, izingubo ezingcwele zika-Aroni umphristi, nezamadodana akhe zokukhonza bengabaphristi. 42Abantu bakwa-Israyeli bawenza wonke umsebenzi njengalokhu uSimakade ayemyalile uMose. 43UMose wawuhlola wonke umsebenzi, wawubona ukuthi wenziwe njengalokhu uSimakade ayemyalile, ngakho-ke uMose wababusisa.