Ihubo Lokudumisa Kuka-Israyeli
1UMose nabantu bakwa-Israyeli bahuba leli hubo kuSimakade, bathi:
“Ngizohlabelela kuSimakade,
ngokuba uphakeme kakhulu,
ihhashi nomgibeli walo ukuphonse olwandle.
2USimakade ungamandla ami nesivikelo sami,
uyinsindiso yami,
lona nguNkulunkulu wami,
ngizokumtusa,
nguNkulunkulu kababa,
ngizokumphakamisa.
3USimakade uyindoda yempi,
nguSimakade igama lakhe.
4Izinqola zikaFaro nempi yakhe
ukuphonse olwandle;
izikhulu zakhe ezikhethekileyo
uziminzise oLwandle Lomhlanga.
5Utwa lwabasibekela;
bashona ezinzulwini njengetshe.
6“Isandla sakho sokunene Simakade
siyakhazimula ngamandla,
isandla sakho sokunene Simakade
sifihlize isitha.
7Ebukhulwini bobukhosi bakho
uthele phansi labo
abamelana nawe,
uthumele intukuthelo yakho
yabaqothula njengamahlanga.
8Ngokufutha kwamakhala akho
amanzi ema aba yinqwaba,
izikhukhula zaphakama njengendunduma,
utwa lwashuba enhliziyweni yolwandle.
9“Isitha sathi: ‘Ngizokubahubha,
ngize ngibafice,
ngehlukanise impango,
ngizitike ngize ngidele ngabo.
Ngiyakuhosha inkemba yami,
isandla sami sibabhubhise.’
10Uphephethe ngomoya wakho,
ulwandle lwabemboza,
bacwila njengomthofu
emanzini anamandla.
11“Ngubani onjengawe Simakade
phakathi konkulunkulu na?
Ngubani onjengawe ngobukhosi nangobungcwele,
omangalisayo ngendumiso,
owenza izimangaliso na?
12Welule isandla sakho sokunene,
umhlaba wabagwinya.
13“Ngomusa wakho omiyo njalo
uhole abantu bakho obakhululileyo;
wabahola ngamandla akho
wabayisa endaweni okuhlala kuyo
ubungcwele bakho.
14Izizwe zizwile,
zathuthumela;
iminjunju yehlela izakhamuzi zaseFilistiya.
15Izikhulu zakwa-Edomi
zaba netwetwe;
izikhulu zakwaMowabi zathuthumela;
zonke izakhamuzi zaseKhanani
zaphelelwa ngamandla.
16Behlelwe yingebhe novalo,
ngobukhulu bamandla engalo yakho,
bathulisa okwetshe,
kwaze kwedlula abantu bakho Simakade,
kwaze kwedlula abantu bakho
ozithengele bona.
17Uyakubabuyisa ubatshale entabeni eyifa lakho,
indawo Wena Simakade ozenzele yona
ukuba uhlale kuyo,
indawo engcwele Simakade,
emiswe yizandla zakho.
18USimakade uyakubusa phakade naphakade.”
19Kwathi ukuba amahhashi kaFaro, nezinqola zempi yakhe, nabagibele amahhashi bangene olwandle, uSimakade wawabuyisela phezu kwabo amanzi olwandle, kodwa abantu bakwa-Israyeli badabula behamba emhlabathini owomileyo.
20Kwase kusuka uMiriyamu umphrofethikazi, udadewabo ka-Aroni, wathatha ithamborini ngesandla sakhe; waphuma nabo bonke abesifazane emva kwakhe, bephethe amathamborini, besina. 21UMiriyamu wahlabelela wathi:
“Hlabelelelani uSimakade,
ngokuba uphakeme kakhulu,
ihhashi nomgibeli walo ukuphonse olwandle.”
Amanzi Ababayo AseMara
22UMose wabahola abantu bakwa-Israyeli besuka oLwandle Lomhlanga, baze bafika ehlane iShuri, bahamba izinsuku ezintathu ehlane, kodwa abatholanga manzi. 23Bafika eMara, kodwa abakwazanga ukuphuza amanzi eMara, ngokuba ayebaba, yingakho igama lendawo kwathiwa yiMara. 24Abantu bakhononda ngoMose, bathi: “Siyakuphuzani na?”
25Wakhala kuSimakade, uSimakade wamkhombisa umuthi; wawuphonsa emanzini, amanzi ayeseba mnandi. USimakade wabamisela khona lapho umthetho nesimiso, wayesebavivinya belapho.
26Wathi: “Uma nililalela ngokucophelela izwi likaSimakade uNkulunkulu wenu, nenze okulungileyo emehlweni akhe, nigcine imiyalo yakhe, nigcine zonke izimiso zakhe, angiyukunehlisela zonke izifo engazehlisela abaseGibhithe, ngokuba nginguSimakade oniphilisayo.”
27Bafika e-Elimu, lapho kwakukhona khona imithombo eyi-12 yamanzi, namasundu angama-70, bakanisa lapho ngasemanzini.