UPawula Uxwayisa Ngemisebenzi Yobumnyama
1Ngakho-ke yibani ngabalingisa uNkulunkulu njengabantwana abathandekayo, 2nihambe othandweni, njengoba uKhristu wasithanda, wazinikela ngenxa yethu, ukuba abe ngumnikelo; umhlatshelo, nephunga elimnandi kuNkulunkulu.
3Kepha ubufebe, nakho konke ukungcola, noma umhobholo, makungaphathwa neze phakathi kwenu, njengoba kufanele abangcwele, 4kanjalo nehlazo, nokubheda, nokulawula, okuyizinto ezingafanele; kodwa kunalokho, makube ngukubonga. 5Ngokuba yazini lokhu, nikuqonde ukuthi akukho sifebe, noma ongcolileyo, noma onomhawu okungukuthi okhonza izithombe, oyoba nefa embusweni kaKhristu noNkulunkulu.
Ukuhamba Ekukhanyeni
6Maningakhohliswa muntu ngamazwi ayize, ngokuba ngenxa yalokho ulaka lukaNkulunkulu lwehlela phezu kwabantwana bokungalaleli. 7Ngakho-ke ningabi ngabahlanganyela nabo.
8Ngokuba kade ningubumnyama, kodwa manje seningukukhanya eNkosini; hambani njengabantwana bokukhanya, 9ngokuba isithelo sokukhanya sisebuhleni bonke, ekulungeni naseqinisweni; 10nihlolisise ukuthi kuyini okuthandekayo eNkosini. 11Ningahlanganyeli emisebenzini yobumnyama engenazithelo, kodwa kunalokho niyidalule, 12ngokuba lokho okwenziwa esithe kuyihlazo ngisho nokukhuluma ngakho, 13kepha konke okubonakaliswa ngukukhanya kuyabonakala, 14ngokuba konke okubonakalayo kungukukhanya. Ngalokho kuthiwa:
“Phaphama wena oleleyo,
uvuke kwabafileyo,
uKhristu uzakukukhanyisa.”
15Ngakho-ke bhekisisani ukuthi nihamba kanjani, ningabi njengabangahlakaniphile, kodwa njengabahlakaniphileyo, 16nithengisise isikhathi, ngokuba izinsuku zimbi. 17Ngakho-ke ningabi yiziwula, kodwa qondani okuyintando yeNkosi. 18Ningadakwa yiwayini, ngokuba kulo kuvela ukuhuheka, kodwa nigcwaliswe ngoMoya, 19niphendulane ngamahubo, ngezihlabelelo nangamaculo okomoya, nicule niyihubele iNkosi enhliziyweni yenu, 20nimbonge njalo uNkulunkulu uYise ngakho konke, egameni leNkosi yethu uJesu Khristu, 21nithobelane ngenxa yokumesaba uKhristu.
Ukuphathana Kwabaganeneyo
22Abafazi mabathobele amadoda abo kube sengathi bathobela iNkosi, 23ngokuba indoda iyinhloko yomfazi, njengokuba noKhristu eyinhloko yebandla, Yena engumsindisi womzimba. 24Kepha njengalokhu ibandla lithobela uKhristu, kanjalo nabafazi mabathobele amadoda abo ezintweni zonke.
25Madoda, thandani omkenu, njengalokhu noKhristu elithandile ibandla, wazinikela ngenxa yalo, 26ukuba alingcwelise, alihlambulule ngokuligeza ngamanzi, nangezwi, 27ukuze azimisele ibandla elinenkazimulo, lingenasisihla nambimbi, nanto enjalo, kodwa libe ngcwele, lingabinacala. 28Kanjalo amadoda afanele ukuthanda omkawo njengemizimba yawo. Othanda umkakhe uzithanda yena. 29Ngokuba akekho umuntu owake wazonda umzimba wakhe, kunalokho uyawondla, awuphathe kahle, njengalokhu noKhristu enza kulo ibandla, 30ngokuba singamalungu omzimba wakhe. 31Ngenxa yalokho umuntu uyakushiya uyise nonina, anamathele kumkakhe; labo ababili bayakuba nyamanye. 32Le mfihlakalo inkulu, kepha ngikhuluma ngoKhristu nebandla. 33Ngakho-ke nani makube yilowo nalowo athande umkakhe, njengalokhu ezithanda yena, kodwa inkosikazi mayihloniphe indoda yayo.