Isibingelelo
1UPawula, umphostoli kaKhristu uJesu ngokwentando kaNkulunkulu, kubo abangcwele abase-Efesu nakubo abakholwa nguKhristu uJesu: 2makube kini umusa nokuthula okuvela kuNkulunkulu uBaba wethu, naseNkosini uJesu Khristu.
UPawula Udumisa UNkulunkulu Ngenxa Yensindiso Asenzela Yona NgoKhristu
3Makabongwe uNkulunkulu uYise weNkosi yethu uJesu Khristu, osibusisile ezulwini kuKhristu ngaso sonke isibusiso sokomoya; 4njengalokhu asikhetha kuye ngothando ungakasekelwa umhlaba ukuba sibe ngcwele, singabi nasici phambi kwakhe. 5Wakumisa phambilini ukuba sibe ngabantwana kuye ngoJesu Khristu, njengalokhu kwaba kuhle kuye ngentando yakhe, 6ukuze kudunyiswe inkazimulo yomusa wakhe asinike wona ngesihle ngothandiweyo, 7esinokuhlengwa kuye ngegazi lakhe, ukuthethelelwa kweziphambeko ngokwengcebo yomusa wakhe, 8asiphe wona ngokwedlulele kukho konke ukuhlakanipha nokuqonda, 9esazisa imfihlakalo yentando yakhe ayimisile kuye ngokuthanda kwakhe, 10azokuphelelisa ngesikhathi esifanele, ukuhlanganisa konke kuKhristu, konke okusezulwini nokusemhlabeni; 11kuye futhi sabelwa ifa, njengokuba sasikumiselwe ngaphambilini ngokwecebo lalowo owenza konke ngokwentando yakhe, 12ukuze thina esethembele kuKhristu ngaphambilini, sibe ludumo lwenkazimulo yakhe. 13Kuye, nani senilizwile izwi leqiniso, ivangeli lokusindiswa kwenu, nakholwa nguye futhi, nabekwa uphawu ngoMoya oNgcwele wesethembiso 14oyisibambiso sefa lethu, kube ngukuhlengwa kwabangabakhe, ukuze kutuswe inkazimulo yakhe.
UPawula Ucelela Ibandla Ukuba Lazi Ubukhosi BukaKhristu
15Ngalokho nami, sengizwile ngokukholwa kwenu eNkosini uJesu nangothando kubo bonke abangcwele, 16angiyeki ukubonga ngenxa yenu, nginikhumbula emikhulekweni yami, 17ukuba uNkulunkulu weNkosi yethu uJesu Khristu, uYise wenkazimulo, aniphe umoya wokuhlakanipha nokwambulelwa, ukuze nimazi kangcono Yena, 18esekhanyisiwe amehlo enhliziyo yenu, ukuze nikwazi lokho okuyithemba lobizo lwakhe nokuthi iyini ingcebo yenkazimulo yefa lakhe kubo abangcwele, 19nokuthi makhulu kangakanani amandla akhe kithina esikholwayo, njengokusebenza kwamandla akhe amakhulu, 20asebenze ngawo kuKhristu emvusa kwabafileyo, wamhlalisa ngakwesokunene sakhe emazulwini, 21ngaphezu kakhulu kwakho konke ukubusa, negunya, namandla, nobukhosi, namagama wonke aphathwayo, kungekulesi sikhathi kuphela, kepha nakwesizayo. 22Wakubeka konke phansi kwezinyawo zakhe, wammisa ukuba abe yinhloko phezu kwakho konke kulo ibandla, 23lona elingumzimba wakhe, ukuphelela kwakhe okuphelelisa konke, kubo bonke.