Umthetho Ngokumangalelana Nesijeziso Sowonileyo
1“Uma kukhona ukuxabana phakathi kwabantu, bese beya esigcawini sokwehlulela, kuthethwe icala labo, liyomthetha icala olungileyo, limlahle onecala. 2Uma onecala kufanele ukuba ashaywe, umehluleli uyomlalisa phansi, ashaywe ngomunye phambi kwakhe. Ubuningi bemivimbo buyoba ngangokwecala lakhe. 3Angamshaya imivimbo engama-40, angedluli lapho, funa imivimbo ashaywe yona ibe miningi kakhulu, bese umfowenu uyahlazeka emehlweni akho.
4“Ungayifaki inkabi isimfonyo, uma ibhula.”
Umthetho Wokungena Umfazi Kwabozalo
5“Uma abozalo behlala ndawonye, omunye wabo efa engenandodana, umfazi wofileyo akayukugana umfokazi ongaphandle, kodwa umfowabo wendoda yakhe uyakumngena, amthathe abe ngumkakhe, aphelelise wonke amalungelo endoda kuye. 6Kuyothi izibulo alizalayo lime egameni lomfowabo ofileyo ukuze igama lakhe lingesulwa kwa-Israyeli.
7“Uma indoda ingathandi ukumthatha umkamfowabo, umkamfowabo uyakukhuphukela kumalunga esangweni, athi: ‘Umfowabo wendoda yami uyala ukuvusela umfowabo umuzi kwa-Israyeli; akathandi ukungingena.’ 8Amalunga omuzi wakubo ayombiza, akhulume naye; uma emi emazwini akhe, ethi: ‘Angithandi ukumthatha,’ 9umkamfowabo uyosondela kuye phambi kwamalunga, akhumule isicathulo onyaweni lwakhe, amkhafulele ebusweni bakhe, athi kuye: ‘Makwenziwe kanje endodeni engayakhi indlu kamfowabo.’ 10Igama lakhe liyakuthiwa kwa-Israyeli ‘Indlu yosicathulo sikhunyuliwe.’
11“Uma amadoda amabili elwa, bese umfazi wenye esondela ukuyokhulula indoda yakhe esandleni saleyo eyishayayo, elule isandla sakhe, ayibambe ngomphambili, 12uyosinquma isandla sakhe, ungakhombisi sihe kuye.”
Umthetho Ngezilinganiso Nezisindo Ezilungileyo
13“Makungabi bikho esikhwameni sakho izisindo ezehlukeneyo, esikhulu nesincane. 14Makungabi bikho endlini yakho izilinganiso ezehlukeneyo, esikhulu nesincane. 15Uyokuba nesikali sesisindo esiyisona nesifaneleyo, futhi ube nesilinganiso seqiniso nesifaneleyo, ukuze izinsuku zakho zibe zinde ezweni uSimakade uNkulunkulu wakho akunika lona. 16Ngokuba bonke abenza kanjalo, bonke abenza ukungalungi, bayisinengiso kuSimakade uNkulunkulu wakho.”
Umyalo Wokuqeda Nya Ngama-Amaleki
17“Khumbula lokho akwenzayo kuwe u-Amaleki endleleni, lapho niphuma eGibhithe, 18ukuthi wakuhlangabeza endleleni, wakuhlasela kanjani ngasemuva, ebulala bonke ababebuthakathaka bekhathele, betotoba emva kwakho; akazange amesabe uSimakade. 19Kuyothi lapho uSimakade uNkulunkulu wakho esekuphumuzile kuzo zonke izitha zakho ezikuzungezile ezweni uSimakade uNkulunkulu wakho akunika lona ukuba ulidle, libe yifa lakho, bese ukuqeda nya ukukhunjulwa kwama-Amaleki phansi kwezulu. Ungakhohlwa yilokho.”