Ukubusa KukaJehoramu Kwa-Israyeli
1Ngonyaka we-18 wokubusa kukaJehoshafathi, inkosi yakwaJuda, uJehoramu, indodana ka-Ahabi, waba yinkosi kwa-Israyeli eSamariya. Wabusa iminyaka eli-12. 2Wenza okubi emehlweni kaSimakade, nokho akafananga noyise nonina, wayisusa insika kaBhali ayeyenzile uyise. 3Nokho wanamathela esonweni sikaJerobhowamu, indodana kaNebhathi, onisa ngaso u-Israyeli; akasukanga kuso.
Inkosi UMesha Ivukela Inkosi UJehoramu
4UMesha, inkosi yakwaMowabi, wayengumfuyi wezimvu, wathela enkosini yakwa-Israyeli ngoboya bamawundlu ayizi-100 000 nobezinqama eziyizi-100 000. 5Kwathi ukuba ikhothame inkosi u-Ahabi, inkosi yakwaMowabi yayivukela inkosi yakwa-Israyeli. 6Inkosi uJehoramu yahlanganisa wonke u-Israyeli ngalolo lusuku, yaphuma eSamariya. 7Yathumela kuJehoshafathi, inkosi yakwaJuda, yathi: “Inkosi yakwaMowabi ingivukele, ungahamba yini nami siyokulwa nabakwaMowabi na?”
Wathi: “Ngizakwenyuka, njengoba nami ngiyafana nawe, nabantu bami banjengabantu bakho, namahhashi ami anjengamahhashi akho.”
8Wathi futhi: “Siyakwenyuka ngayiphi indlela?”
Yathi: “Ngendlela yasehlane kwa-Edomi.”
9Inkosi yakwa-Israyeli, eyakwaJuda, neyakwa-Edomi, asuka ahamba ngendlela ethathelayo eyawathatha izinsuku eziyisikhombisa. Kwakungekho manzi amabutho nawemfuyo ababehamba nakho.
10Inkosi yakwa-Israyeli yayisithi: “Maye, uSimakade uqoqe lawa makhosi amathathu ukuze awanikele esandleni sabakwaMowabi!”
11UJehoshafathi wayesethi: “Akekho yini umphrofethi kaSimakade ukuze sibuze kuye ukuthi uthini uSimakade na?”
Enye yezinceku zenkosi yakwa-Israyeli yaphendula, yathi: “Ukhona u-Elisha, indodana kaShafathi, okunguye owayegeza izandla zika-Eliya.”
12UJehoshafathi wathi: “Izwi likaSimakade likuye.”
Inkosi yakwa-Israyeli, uJehoshafathi, nenkosi yakwa-Edomi behlela kuye.
13Kepha u-Elisha wathi enkosini yakwa-Israyeli: “Nginandabani nawe mina? Hamba uye kubaphrofethi bakayihlo nakubaphrofethi bakanyoko.”
Kepha inkosi yakwa-Israyeli yathi kuye: “Hhayi, ngokuba uSimakade uqoqe amakhosi amathathu ukuba awanikele esandleni sabakwaMowabi.”
14U-Elisha wayesethi: “Ngifunga ngiyagomela phambi kukaSimakade Wamabandla engima phambi kwakhe, ukuba bekungengenxa yokuba ngihlonipha uJehoshafathi, inkosi yakwaJuda, bengingeke ngakubheka nokukubheka. 15Manje-ke ngibizeleni umshayi wogubhu eze lapha.”
Kuthe lapho eselubetha nje ugubhu, isandla sikaSimakade saba kuye. 16Wayesethi: “Usho kanje uSimakade, uthi: ‘Lo mfula wenze ube migodigodi.’ 17Ngokuba uSimakade uthi: ‘Aniyukubona moya, aniyukubona mvula, kodwa lo mfula uyakugcwala amanzi; niyakuphuza nina, nemfuyo yenu.’
18“Lokho kulula phambi kukaSimakade, uyakubanikela esandleni senu abakwaMowabi. 19Niyakuyibhubhisa yonke imizi ebiyelweyo, yonke imizi yekhethelo. Niyakugawula yonke imithi emihle, nivimbe yonke imithombo yamanzi, zonke iziqinti zomhlaba wakhona nizenze incithakalo ngamatshe.”
20Kwathi ekuseni ngesikhathi sokunikela umnikelo wempuphu, kwafika amanzi evela ngakwa-Edomi, izwe lonke lagcwala amanzi.
21Bonke abakwaMowabi bezwa ukuthi amakhosi enyukile ukuzokulwa nabo, kwase kubizwa bonke ababekwazi ukulwa, kusukela kwabancane kuya kwabadala, base bema belungela ukulwa emngceleni. 22Kwathi bevuka ekuseni, ilanga lase liphumile, likhanya phezu kwamanzi, kwathi lapho abakwaMowabi bebona amanzi ayeqondene nabo ebomvu njengegazi, 23bathi: “Impela, leli yigazi. Lawa makhosi alwe odwa abulalana, yileyo umakhelwane wayo; Mowabi, phuthumani impango!”
24Kwathi lapho sebefikile enkanjini yakwa-Israyeli, abakwa-Israyeli basuka bashaya abakwaMowabi, babaleka abakwaMowabi. U-Israyeli wangena ezweni labo, wababhubhisa abakwaMowabi. 25Babhubhisa imizi, iziqinti zomhlaba zonke ezinhle, kwaba yilowo nalowo wajikijela itshe lakhe, zaze zagcwala. Bavimba yonke imithombo yamanzi, bagawula yonke imithi emihle, kwaze kwasala kuphela amatshe aseKhiri Hareshethi. Kepha ababephethe izindwayimane balizungeza, balibhubhisa.
26Yathi ukuba ibone inkosi yakwaMowabi ukuthi impi inamandla amakhulu kuneyayo, yaqoqa amabutho angama-700 ahosha inkemba, azama ukujikijela ngayo inkosi yakwa-Edomi, kodwa ehluleka. 27Inkosi yathatha izibulo layo okuyilona elalizobusa esikhundleni sayo, yanikela ngalo ukuba libe ngumnikelo wokushiswa phezu kogange. Leso senzo sabacunula kakhulu abakwa-Israyeli, basuka lapho babuyela ezweni lakubo.