2 KwabaseKhorinte 7
UPawula Uchichima Intokozo
1Bathandekayo, lokhu sinalezo zithembiso, masizihlambulule kukho konke ukungcola kwenyama nokomoya, siphelelise ubungcwele ngokwesaba uNkulunkulu. 2Sivuleleni indawo ezinhliziyweni zenu, asonanga muntu, asonakalisanga muntu, futhi asidlalanga ngamuntu. 3Lokhu angikusho ukuze nginilahle, njengalokhu nganitshela naphambilini ukuthi nisezinhliziyweni zethu; ukuba sife nani, siphile nani. 4Ngineqholo ngani, nginokuzigabisa okukhulu ngani, ngigcwele ukugqugquzeleka, futhi ngichichima intokozo phezu kosizi lonke olusikhungethe.
5Nangesikhathi sifika eMakhedoniya, imizimba yethu ayibanga nakuphumula, kodwa sakhathazeka nxazonke; kunezingxabano ngaphandle, nokwesaba ngaphakathi. 6UNkulunkulu oduduza abadangeleyo, wasiduduza ngokufika kukaThithu, 7hhayi nje ngokufika kwakhe kuphela, kodwa nangokugqugquzela agqugquzeleka ngakho ngani. Wasilandisa futhi ngokungilangazelela kwenu, nangokulila kwenu, nogqozi lwenu ngami; ngaze ngathokoza kakhulu.
8Nakuba nganidabukisa ngencwadi yami, angizisoli; nakuba ngangizisola, ngokuba ngiyabona ukuthi leyo ncwadi yanidabukisa noma kwaba yisikhathi nje – 9manje ngiyathokoza, kungengokuba nadabukiswa, kodwa ngokuba nadabuka kwaba ngukuphenduka, ngokuba nadabukiswa ngokukaNkulunkulu, ukuze ningalahlekelwa lutho ngathi. 10Ukudabuka okwenziwa nguNkulunkulu kuholela ensindisweni, umuntu angasoze azisola ngakho, kube ngukusindiswa, kodwa ukudabuka okuya ngokwezwe, kuholela ekufeni. 11Ake nibheke nje ukuthi ukudabukiswa kwenu nguNkulunkulu kwanenza naba nokukhuthala okukhulu kanjani; yebo, nokuziphendulela, ukuthukuthela, ukwesaba, ukulangazela, ukushisekela nokuphindisela. Kukho konke nizibonakalise nimhlophe kule ndaba. 12Nakuba nganibhalela, anginibhalelanga ngenxa yothile owonileyo, kodwa ukuze ukukhuthala kwenu ngenxa yethu kubonakaliswe kini phambi kukaNkulunkulu. 13Ngakho-ke siduduzekile, futhi ekududuzekeni kwethu sathokoza, ikakhulu ngenxa kaThithu omoya wakhe uhlunyeleliswe yinina nonke. 14Ngokuba uma bengizincoma ngani kuye, angidumazekanga, njengalokhu konke esanitshela khona kuyiqiniso, ngakho nokunincoma kwethu kuThithu kutholakale kuyiqiniso. 15Inhliziyo yakhe inilangazelela kakhulu uma ekhumbula ukulalela kwenu nonke nokuthi namemukela kanjani ngokwesaba nangokuthuthumela. 16Ngiyathokoza, ngokuba kukho konke nginesibindi kini.
Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.
Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Books © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.