2 KwabaseKhorinte 3
UPawula Uyazincoma Ebandleni
1Ngabe sesiqala ukuzincoma yini na? Kumbe nathi sidinga izincwadi zokusincoma kini noma ezivela kini njengoba abanye bezidinga na? 2Nina niyincwadi yethu ebhalwe ezinhliziyweni zethu, eyaziwa futhi ifundwa ngabantu bonke. 3Nibonakalisa ukuthi niyincwadi kaKhristu eyenziwe ngokukhonza kwethu, elotshwe hhayi ngoyinki, kepha ngoMoya kaNkulunkulu ophilayo. Ayilotshiwe ezibhebheni zamatshe, kodwa ezibhebheni eziyizinhliziyo zenyama.
4Sinethemba elinjalo ngoKhristu kuNkulunkulu, 5kungesikho ukuthi kukhona thina esingakukhomba sithi kuvela kithi, kodwa amandla ethu avela kuNkulunkulu, 6okunguye owasenza safaneleka ukuba yizikhonzi zesivumelwano esisha kungesiso esomthetho, kodwa esikaMoya. Ngokuba incwadi ebhaliwe iyabulala, kodwa uMoya uyaphilisa.
Inkazimulo Yenkonzo Entsha Iyayidlula Eyendala
7Uma inkonzo yokufa eyayiqoshiwe ematsheni yafika inenkazimulo, kangangokuba abantwana bakwa-Israyeli babengakwazi ukububuka ubuso bukaMose, ngenxa yenkazimulo ephelayo eyayisebusweni bakhe, 8pho inkonzo kaMoya ayiyukuba nenkazimulo enkulu kunayo na? 9Ngokuba uma inkonzo yokulahlwa ibinenkazimulo, inkonzo yokulunga inenkazimulo enkulu kakhulu. 10Nalokho okwakhazimuliswa, kwakukade kungenankazimulo, uma kuqhathaniswa nale nkazimulo edluleleyo. 11Uma lokhu okuphelayo kwakunenkazimulo, pho kakhulu kangakanani inkazimulo yalokhu okumiyo njalo.
12Ngakho-ke sinethemba elinjalo, senza ngesibindi, 13asenzi njengoMose owamboza ubuso bakhe ngendwangu ukuze abakwa-Israyeli bangakuboni ukufiphala kwenkazimulo ephelayo. 14Kepha yaba lukhuni ingqondo yabo, ngokuba kuze kube yinamuhla uma kufundwa isivumelwano esidala, leyo ndwangu isalokhu ihlezi ingembuliwe, kodwa yembulwa kuphela kuKhristu. 15Yebo, kuze kube yinamuhla noma yinini lapho kufundwa uMose, indwangu isayimbozile inhliziyo yabo. 16Kepha lapho umuntu ephendukela eNkosini, indwangu iyasuswa. 17INkosi inguye uMoya, lapho kukhona khona uMoya weNkosi kunenkululeko. 18Kepha thina sonke ubuso bethu obambuliwe esibuka inkazimulo yeNkosi ngokungathi esibukweni siyaguqulwa, sibe njengalowo mfanekiso, kusuka kuleli zinga lenkazimulo kuya kwelinye, lokhu kuvela eNkosini enguMoya.
Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.
Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Books © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.