Ngezigqila
1Bonke abaphansi kwejoka lobugqila mababazise abanumzane babo njengabafanelwe yinhlonipho yonke, ukuze igama likaNkulunkulu nemfundiso kungahlanjalazwa. 2Izigqila ezinabanumzane abakholwayo, mazingabedeleli, ngokuba bangabazalwane njengazo, kodwa mazibasebenzele kakhulu, ngokuba bengabakholwayo nabathandekayo, labo abasizakala ngokusebenza kahle kwazo. Fundisa lezi zinto futhi ugqugquzele.
Isifundiso Masibe Ngesiqinisileyo
3Uma kukhona umuntu ofundisa okwahlukileyo, ephikisana namazwi aqinisileyo eNkosi yethu uJesu Khristu nemfundiso enokwesaba uNkulunkulu; 4esekhukhumele, ebe engaqondi lutho, enelukuluku lokuphikisana nokuba nengxabano okuvela kukho umona, umbango, ukuhlambalaza, ukudlinza okubi, 5ukuxabana okungapheliyo kwabantu abangqondo yabo yonakalisiwe, futhi abaphucwe iqiniso, abathi ukuzenzela inzuzo kungubuNkulunkulu.
6Yebo, ukumesaba uNkulunkulu nokwaneliswa kuyinzuzo enkulu, 7ngokuba asilethanga lutho emhlabeni, kusobala futhi ukuthi asiyukumuka nalutho. 8Kepha masaneliswe uma sinokudla nokokwembatha. 9Kodwa labo abathanda ukuceba, bawela esilingweni, ogibeni, nasezinkanukweni zobuwula eziningi ezilimazayo, ezikhalakathisela abantu ekufeni nasekubhujisweni, 10ngokuba ukuthanda imali kuyimpande yabo bonke ububi. Abanye ngokuyifisa kwabo bahlubuka ekukholweni, bazigwaza ngeminjunju eminingi.
Ukukhonza UNkulunkulu Ngesiminya; Ukufundisa Izicebi Nokuxwaya Isifundiso Samanga
11Wena muntu kaNkulunkulu, baleka kulezo zinto, kodwa phokophelela ukulunga, ukwesaba uNkulunkulu, ukukholwa, uthando, ukubekezela nobumnene. 12Yilwa ukulwa okuhle kokukholwa, ubambelele ekuphileni okuphakade owabizelwa kukho, wakuvuma ukuvuma okuhle phambi kofakazi abaningi. 13Ngiyakuyala phambi kukaNkulunkulu onika ukuphila kukho konke, naphambi kukaKhristu uJesu owavuma ukuvuma okuhle phambi kukaPhontiyu Pilatu, 14ukuba uwugcine lo myalo ungenasisihla, nakusoleka, kuze kube ngukubonakaliswa kweNkosi yethu uJesu Khristu, 15ngesikhathi ayakubonakaliswa ngaso obongekayo nokunguYena ongaphezu kwakho konke, iNkosi yamakhosi, noMbusi wababusi. 16Nguye kuphela ongafiyo, ohlala ekukhanyeni okungenakusondelwa kukho, ongakaze abonwe muntu, futhi ongebonwe. Makube kuye udumo namandla aphakade. Amen.
17Bayale abacebileyo kuleli lizwe lamanje ukuba bangazikhukhumezi, bangathembeli engcebeni ephelayo, kodwa bathembele kuNkulunkulu osipha konke, ukuba sithokoze ngakho. 18Bayale ukuba benze okuhle, bacebe ngokwenza imisebenzi emihle, baphane, futhi babelane. 19Ngalokho bazibekela isisekelo esihle sesikhathi esizayo, ukuze bazuze ukuphila okuyikho.
Isiphetho
20Thimothewu, londa lokhu okubekwe kuwe, ukugweme ukukhuluma okuyize nokuphikisana okuthiwa ulwazi kube kungesilo, 21okuthe lapho abanye bekwamukela, baphambuka ekukholweni.
Umusa mawube nani.