1 USamuweli 31
AmaFilisti Alwa No-Israyeli
Ukubulawa KukaSawule Namadodana Akhe
1AmaFilisti alwa no-Israyeli. Abantu bakwa-Israyeli babaleka phambi kwamaFilisti, abanye babo bawa, basala enkundleni, entabeni iGilibhowa. 2AmaFilisti amhubha uSawule namadodana akhe. AmaFilisti abulala uJonathani, u-Abhinadaba, noMalikhi Shuwa, amadodana kaSawule. 3Impi yaba nzima kakhulu kuSawule; abacibayo bamfica esebuhlungwini obukhulu ngenxa yokugwazwa ngumcibisholo.
4USawule wathi odibini lwakhe: “Hosha inkemba yakho, ungigwaze ngayo, funa abangasokile bafike bangigwaze, bangijivaze.”
Kepha udibi lwakhe lwenqaba, ngoba lwesaba kakhulu. USawule wayesethatha inkemba yakhe, waziphonsa phezu kwayo. 5Kwathi lungabona udibi lwakhe ukuthi uSawule usefile, nalo lwaziphonsa phezu kwenkemba yalo, lwafa kanye naye. 6USawule wafa namadodana akhe omathathu, nodibi lwakhe, nabo bonke abantu bakhe ngalolo lusuku.
7Kwathi ukuba abantu bakwa-Israyeli ababephesheya kwesigodi nalabo ababengaphesheya kweJordani, babone ukuthi abantu bakwa-Israyeli bayabaleka, nokuthi uSawule namadodana akhe bafile, bashiya imizi yabo, babaleka. AmaFilisti afika, ahlala kuyo.
8Kwathi ngakusasa, amaFilisti abuya ukuyophanga ababebulewe, afumana uSawule namadodana akhe omathathu befele entabeni iGilibhowa. 9Amnquma ikhanda, athatha izikhali zakhe, athumela ezweni lamaFilisti ukumemezela yonke indawo endlini yezithombe zawo nakubantu. 10Abeka izikhali zikaSawule endlini ka-Ashitharothi, isidumbu sakhe asibethela ogangeni eBhethi Shani.
11Kwathi ukuba izakhamuzi zaseJabheshi Gileyadi zizwe ngokwenziwe ngamaFilisti kuSawule, 12kwasuka wonke amadoda anamandla, ahamba ubusuku bonke, asithatha isidumbu sikaSawule nezidumbu zamadodana akhe ogangeni eBhethi Shani, ahamba nazo, afika eJabeshi azishisela khona. 13Athatha amathambo abo awambela phansi komthamariske, eJabeshi. Azila ukudla izinsuku eziyisikhombisa.
Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.
Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Books © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.