Ukuvuka Kwabafileyo
1Bazalwane, ngiyanazisa ukuthi ivangeli enganishumayeza lona nalamukela, futhi enimi kulo, 2enisindiswa ngalo uma nibambelela ezwini enganishumayeza lona, ngaphandle kokuba ukukholwa kwenu kwaba yize.
3Ngokuba nganinika lokho okubalulekileyo kakhulu engakwamukela nami ukuthi uKhristu wafa ngenxa yezono zethu, njengokwemibhalo, 4nokuthi wambelwa, wavuswa kwabafileyo ngosuku lwesithathu njengokwemibhalo, 5nokuthi wabonwa nguKhefase, wayesebonwa ngabayishumi nambili. 6Emveni kwalokho, wabonwa ngabazalwane abangaphezu kwama-500 ngasikhathi sinye, iningi labo elisaphila namanje, kodwa abanye sebalala. 7Emveni kwalokho, wabonwa nguJakobe, wayesebonwa ngabaphostoli bonke; 8ekugcineni kwabo bonke, wabonwa nayimi enginjengozalwe kungakabi yisikhathi.
9Ngokuba mina ngingomncane kubaphostoli, engingafanele ukubizwa ngomphostoli, lokhu ngalihlupha ibandla likaNkulunkulu. 10Kepha ngomusa kaNkulunkulu ngiyikho engiyikho, futhi umusa wakhe kimi awubanga yize, kodwa ngasebenza kakhulu kunabo bonke; kodwa kungesimina, kepha kungumusa kaNkulunkulu okimi. 11Ngakho-ke noma yimina noma yibo, sishumayela kanjalo, nani nakholwa kanjalo. 12Kepha-ke uma kushunyayelwa ukuthi uKhristu uvusiwe kwabafileyo, bakusho kanjani pho abanye phakathi kwenu ukuthi akukho ukuvuka kwabafileyo na? 13Uma kungekho ukuvuka kwabafileyo, noKhristu akavuswanga. 14Uma uKhristu engavuswanga kwabafileyo, ukushumayela kwethu kuyize, nokukholwa kwenu kuyize. 15Yebo, sifunyanwa singofakazi bamanga ngoNkulunkulu, ngokuba sifakaze ngoNkulunkulu ukuthi wamvusa uKhristu, angamvusanga uma kanti abafileyo bengavuswa. 16Ngokuba uma abafileyo bengavuswa, akavuswanga noKhristu. 17Kepha uma uKhristu engavuswanga, ukukholwa kwenu akusizi lutho, nisesezonweni zenu. 18Yebo, nalabo asebalala bekuKhristu babhubhile. 19Uma sithembela kuKhristu kulokhu kuphila kuphela, singabokudatshukelwa kunabantu bonke.
20Kodwa manje uKhristu uvusiwe kwabafileyo, uwulibo lwabaleleyo. 21Ngokuba lokhu, ukufa kweza ngomuntu, nokuvuka kwabafileyo nakho kweza ngomuntu. 22Njengalokhu ku-Adamu bonke bayafa, kanjalo-ke nakuKhristu bonke bayaphiliswa. 23Kepha yilowo nalowo ngokwesigaba sakhe: uKhristu kuqala, bese kuba ngabakaKhristu ekubuyeni kwakhe, 24andukuba kufike umhla wokuphela, lapho ebuyisela umbuso kuNkulunkulu uYise, esechithile bonke ababusi, bonke abasemagunyeni, nabanamandla. 25Ngokuba Yena umelwe ukuba abuse, aze azibeke phansi kwezinyawo zakhe zonke izitha zakhe. 26Isitha sokugcina esiyakubhujiswa ngukufa. 27Ngokuba zonke izinto zithotshisiwe zaba phansi kwezinyawo zakhe.
Nxa ethi: “Izinto zonke zithotshisiwe phansi kwakhe,” kusobala ukuthi yena ozithobisileyo zonke izinto, akahlangene nazo. 28Kepha lapho zonke izinto sezithotshiselwe phansi kwakhe, nayo-ke iNdodana uqobo lwayo iyakuzithoba phansi kwalowo owathobisa zonke izinto phansi kwayo, ukuze uNkulunkulu abe yikho konke, kukho konke.
29Pho bayokwenzenjani labo ababhabhadiselwa abafileyo na? Uma impela abafileyo bengavuswa, babhabhadiselwani ngenxa yabo na? 30Thina-ke sizibekelani engcupheni umzuzu nomzuzu na? 31Bazalwane, ngiyaqinisa ukuthi mina ngifa imihla ngemihla ngenxa yokubongwa enginakho ngani kuKhristu uJesu iNkosi yethu. 32Uma njengomuntu ngalwa nezilo e-Efesu, pho nginanzuzoni ngalokho na? Uma abafileyo bengavuswa, masidle, siphuze, ngokuba ngomuso sizakufa. 33Ningakhohliswa; ukujwayelana nababi konakalisa ukuziphatha okuhle.
Imizimba Yabavuka Kwabafileyo
34Phaphamani, niziphathe kahle, yekani ukona, ngokuba abanye kabamazi uNkulunkulu; lokhu ngikusho ukuze nibe namahloni.
35Kepha omunye uyakuthi: “Abafileyo bavuswa kanjani na? Bavuswa benomzimba onjani na?”
36Silima ndini, lokho okuhlwanyelayo akutholi ukuphila uma kungafanga. 37Lokho futhi okuhlwanyelayo awuhlwanyeli umzimba ozakuba khona, kodwa uhlwanyela uhlamvu oluze, noma ngabe ngolukakolo, noma ngolokunye. 38Kepha uNkulunkulu ulunika isimo salo ngokuthanda kwakhe, kube yileyo naleyo mbewu, owayo umzimba. 39Inyama yonke ayifani: kodwa kukhona eyabantu, eyezilwane, eyezinyoni neyezinhlanzi. 40Ikhona futhi nemizimba yasezulwini nemizimba yasemhlabeni, kodwa inkazimulo yemizimba yasezulwini iyodwa, neyasemhlabeni iyodwa. 41Iyodwa inkazimulo yelanga, iyodwa inkazimulo yenyanga, iyodwa nenkazimulo yezinkanyezi. Yebo, enye inkanyezi yahlukile kwenye inkanyezi ngokukhazimula.
42Kunjalo nokuvuka kwabafileyo. Kuhlwanyelwa kunokubola, kuvuswa kungenakubola; 43kuhlwanyelwa kunokudelwa, kuvuswa kunenkazimulo; kuhlwanyelwa kunobuthakathaka, kuvuswa kunamandla. 44Kuhlwanyelwa kungumzimba wemvelo, kuvuswa kungumzimba womoya. Uma ukhona umzimba wemvelo, ukhona nowomoya. 45Kulotshiwe futhi ukuthi umuntu wokuqala u-Adamu waba ngumuntu ophilayo. U-Adamu wokugcina waba ngumoya ophilisayo. 46Kepha akusikho okomoya kuqala, kodwa okwemvelo, bese kuba ngokomoya. 47Umuntu wokuqala wavela emhlabeni, enziwe ngomhlabathi; umuntu wesibili uvela ezulwini. 48Njengokuba enjalo umuntu ongowenhlabathi, banjalo nabangabenhlabathi; njengokuba enjalo umuntu wasezulwini, banjalo nabangabasezulwini. 49Njengalokhu futhi sinesimo songowenhlabathi, siyakuba futhi nesimo songawasezulwini.
50Bazalwane, ngisho lokhu ukuthi inyama negazi akuyukulidla ifa lombuso kaNkulunkulu, kanjalo nokubola akunakulidla ifa elingukungaboli. 51Manje senginitshela imfihlakalo; asiyukulala sonke, kodwa sonke siyakuguqulwa, 52ngomzuzwana nje, ngokuphazima kweso, ngecilongo lokugcina. Ngokuba kuyakukhala icilongo, abafileyo bavuswe bengenakubola, thina siguqulwe. 53Ngokuba okubolayo kumelwe ukwembatha ukungaboli, nalokhu okufayo kumelwe ukwembatha ukungafi. 54Kepha lapho okubolayo sekwembethe ukungaboli, nokufayo sekwembethe ukungafi, kuzakugcwaliseka izwi elilotshiweyo, elithi:
“Ukufa kugingiwe kwaba ngukunqoba.”
55“Kufa, kuphi ukunqoba kwakho na?
Kufa, luphi udosi lwakho na?”
56Udosi lokufa yisono; amandla esono ngumthetho. 57Kepha makabongwe uNkulunkulu osinika ukunqoba ngeNkosi yethu uJesu Khristu. 58Ngakho-ke bazalwane bami abathandekayo, yibani ngabagxilileyo, abangaxegiyo, abavame njalo emsebenzini weNkosi, nazi ukuthi ukusebenza kwenu akusilo ize eNkosini.