Ningahlubuki UNkulunkulu Njengalokho Benza Abakwa-lsrayeli
1Angithandi bazalwane, ukuba ningazi ukuthi okhokho bethu bonke babephansi kwefu, bonke badabula olwandle, 2bonke babhabhadiswa kuMose efini nasolwandle. 3Bonke badla ukudla okufanayo komoya, 4baphuza okufanayo komoya, ngokuba baphuza edwaleni lomoya elabalandelayo, lelo dwala lalinguKhristu. 5Kepha uNkulunkulu akathokozanga ngeningi labo, ngakho-ke izidumbu zabo zasakazwa ehlane.
6Lezo zinto zenzeka ukuze zibe yisibonelo kithi, ukuze singafisi okubi, njengokuba bona bakufisa. 7Ningabi ngabakhonza izithombe njengabanye babo, ngokuba kulotshiwe ukuthi: “Abantu bahlala phansi ukuba badle, baphuze; basukuma, basina.”
8Masingafebi njengokuba abanye babo bafeba, bafa ngalusuku lunye abayizi-23 000. 9Masingamlingi uKhristu njengokuba abanye babo bamlinga, babhujiswa yizinyoka. 10Maningakhonondi njengokuba abanye babo bakhononda, babhujiswa ngumbhubhisi.
11Lezo zinto zenzeka kulabo ukuze zibe yisibonelo, ngokuba zilotshiwe ukusiyala thina, osekufike kithi izikhathi zokugcina. 12Ngakho-ke lowo othi umile, makaqaphele ukuba angawi. 13Anifikelwanga ngukulingwa okungenjengokwamuntu, kodwa uNkulunkulu uthembekile, akayukuvuma ukuba nilingwe ngokungaphezu kwamandla enu. Kepha kuyakuthi lapho nilingwa, anenze nibe namandla okuphunyuka, nibe namandla okubekezela.
Ningakhonzi Izithombe
14Ngakho-ke bazalwane bami abathandekayo, balekelani ukukhonza izithombe. 15Ngikhuluma njengakubantu abakhaliphileyo; nqumani nina ngalokhu engikhushoyo. 16Indebe yesibusiso esiyibusisayo, ayisiyo yini inhlanganyelo yegazi likaKhristu na? Isinkwa esisihlephulayo asiyiyo yini inhlanganyelo yomzimba kaKhristu na? 17Ngokuba isinkwa sinye, nokho thina esibaningi singumzimba munye, lokhu thina sonke sihlanganyela leso sinkwa sinye. 18Bhekani u-Israyeli ngokwenyama. Labo abadla imihlatshelo abasibo yini abahlanganyela ne-althare na? 19Pho ngichazani ngalokho na? Ngabe ngithi okuhlatshelwe isithombe kuwutho noma isithombe siwutho na? 20Qha, kodwa ngithi: lokho okuhlatshwa ngabezizwe bakuhlabela amadimoni, kabakuhlabeli uNkulunkulu. Kangithandi ukuba nibe nenhlanganyelo namadimoni. 21Anikwazi ukuphuza indebe yeNkosi kanye nendebe yamadimoni. Anikwazi ukuhlanganyela itafula leNkosi kanye netafula lamadimoni. 22Kanti senza iNkosi ibe nesikhwele na? Ngabe sinamandla yini kunayo na?
Inkululeko YobuKhristu; Uthando
23Konke kuvunyelwe, kodwa akusizi konke; konke kuvunyelwe, kodwa akwakhi konke. 24Makungabi bikho ozifunela okwakhe, kepha akube yilowo nalowo afunele omunye. 25Konke okuthengiswa esilaheni kudleni, ningaphenyi lutho ngakho ngenxa kanembeza, 26ngokuba umhlaba ungoweNkosi, nakho konke okukuwo. 27Uma omunye wabangakholwayo enimema, nithanda ukuya lapho, kudleni konke okubekwa phambi kwenu, ningabuzi mbuzo ngenxa kanembeza. 28Kepha uma kukhona othi kini: “Lokhu kuhlatshelwe izithombe,” ningalokothi nikudle ngenxa yalowo osho kanjalo nangenxa kanembeza. 29Angisho unembeza wakho, kodwa unembeza walowo muntu. Kungani inkululeko yami ithiywe ngunembeza womunye na? 30Uma ngidla ngokubonga, pho ngigxekelwani ngalokho engikubongayo na? 31Ngakho-ke noma niyadla, noma niyaphuza, noma nenzani nje, konke kwenzeleni udumo lukaNkulunkulu. 32Ningabi yisikhubekiso kubaJuda, kumaGriki, noma kulo ibandla likaNkulunkulu, 33njengalokhu nami ngithokozisa bonke ngakho konke, ngingafuni okuzosiza mina kuphela, kodwa okusiza abaningi, ukuze basindiswe.