Umphongolo KaNkulunkulu Ususwa EKiriyathi Jeharimi
1UDavide wahlanganisa amakhanda nabakhuzi bempi bezinkulungwane nabamakhulu, nabaholi bonke. 2UDavide wayesethi kulo lonke ibandla lakwa-Israyeli: “Uma kukuhle kini, futhi kuvela kuSimakade uNkulunkulu wethu, masiphume ngandlela zonke sithumele kubafowethu abasele ezweni lonke kwa-Israyeli, nabaphristi nabaLevi emizini yabo enamadlelo, ukuba babuthane beze lapha kithi. 3Masihambe siyowulanda siwubuyisele kithi umphongolo kaNkulunkulu wethu, ngokuba asizange siwufune ngezinsuku zikaSawule.”
4Ibandla lonke lathi makwenziwe kanjalo, ngokuba lokho kwakuthokozisa kubo bonke abantu.
5UDavide wambuthela ndawonye wonke u-Israyeli, kusukela eShihori eGibhithe, eLebo, kuze kube seHamathi, ukuba kuyolandwa umphongolo kaNkulunkulu eKiriyathi Jeharimi. 6UDavide wakhuphuka kanye no-Israyeli wonke, baya eBhahala, okungukuthi eKiriyathi Jeharimi kwaJuda, ukuze bakhuphule lapho umphongolo kaNkulunkulu uSimakade ohleli phezu kwamakherubhi, obizwa ngegama lakhe.
7Bawukhipha umphongolo kaNkulunkulu endlini ka-Abhinadaba, bawukhweza enqoleni entsha eyayishayelwa ngu-Uza no-Ahiyo. 8UDavide naye wonke u-Israyeli babethokoza phambi kukaNkulunkulu ngamandla abo wonke, behuba amahubo ngamahabhu, ngezingubhu, ngezigubhu, ngamasimbali nangamacilongo.
9Lapho befika esibuyeni sikaKhidoni, izinkabi zashelela, u-Uza wayeselula isandla sakhe ukuba abambe umphongolo. 10Intukuthelo kaSimakade yamvuthela u-Uza, wamshaya, ngokuba wayelulele isandla emphongolweni. Wafela khona lapho phambi kukaNkulunkulu.
11UDavide wathukuthela ngokuba uSimakade ehlasele u-Uza. Wayibiza leyo ndawo ngokuthi yiPherezi Uza, kuze kube namuhla.
12UDavide wamesaba uNkulunkulu ngalolo lusuku, wathi: “Pho ngingawungenisa kanjani kwami umphongolo kaNkulunkulu na?”
13UDavide akabange esawuyisa emzini wakhe umphongolo, kodwa wachezuka, wawuyisa endlini ka-Obhedi Edomi, umGithi. 14Umphongolo kaNkulunkulu wahlala izinyanga ezintathu nabendlu ka-Obhede Edomi, endlini yakhe. USimakade wayibusisa indlu ka-Obhede Edomi nakho konke ayenakho.