Amagama Abafika KuDavide Egogobele EZikilagi
1Nanka amagama alabo abafika kuDavide ngesikhathi esagogobele eZikilagi, ngenxa kaSawule, indodana kaKhishi; ababephakathi kwamaqhawe ayelekelela empini. 2Babehlome ngeminsalo, bengamakhabe, bekwazi ukuciba nokuphonsa amatshe ngesokhohlo nangesokunene. Babengabafowabo bakaSawule, bevela kwaBhenjamini, okwakuyilaba: 3inhloko kwakungu-Ahiyezeri noJowashi, ababengamadodana kaShemaha waseGibheya; uJeziyeli noPhelethi, amadodana ka-Azimavethi; uBherakha, uJehu wase-Anathothi; 4u-Ishmaya waseGibheyoni, iqhawe elalingomunye wabangama-30, engamele abangama-30; uJeremiya, uJahaziyeli, uJohanani, noJozabhadi waseGedera; 5u-Eluzayi, uJerimothi, uBhehaliya, uShemariya, uShefathiya umHarufi; 6u-Elikhana, uJishiya, u-Azareli, uJohezeri, uJashobhehamu, amaKhora; 7uJowela noZebadiya, amadodana kaJerohamu waseGedori.
Abanye BakwaGadi Abaya KuDavide Ehlane
8KwabakwaGadi, abanye bazehlukanisa baya kuDavide enqabeni ehlane, amaqhawe anamandla, amabutho azilungiselele ukulwa, abakwazi ukuphatha isihlangu nomkhonto, ababuso babo bufana nobuso bezingonyama, abanejubane njengezinsephe ezintabeni: 9u-Ezeri inhloko, owesibili u-Obhadiya, owesithathu u-Eliyabe, 10owesine uMishimana, owesihlanu uJeremiya, 11owesithupha u-Athayi, owesikhombisa u-Eliyeli, 12oweshiyagalombili uJohanani, owesishiyagalolunye u-Elizabhadi, 13oweshumi uJeremiya, owe-11 uMakhibhanayi.
14Laba kwakungabozalo lukaGadi ababeyizinhloko zempi: omncinyane kubo wayelingana nekhulu, omkhulu elingana nenkulungwane. 15Yibo labo abawela iJordani ngenyanga yokuqala, lapho ligcwele lidla izindwani, ugu lonke lwalo luphuphuma amanzi. Yibo abaxosha bonke ababesezigodini, ngasempumalanga nangasentshonalanga.
Abanye BakwaBhenjamini NabakwaGadi Abaya KuDavide Enqabeni
16Abanye bozalo lukaBhenjamini nabakwaJuda bafika kuDavide esenqabeni. 17UDavide waphuma wayobahlangabeza, wathi kubo: “Uma nize lapha kimi ngokuthula, nizongisiza, sizobambisana, kodwa uma nizongiyengela ezitheni zami, uNkulunkulu wokhokho bethu makakubone lokho, abe nguMehluleli.”
18Kwase kwehla umoya phezu kuka-Amasayi, owayeyinhloko yabangama-30, wathi:
“Singabakho thina, Davide,
sinawe, wena ndodana kaJese;
ukuthula, ukuthula makube nawe,
ukuthula makube nabakusizayo,
ngokuba uNkulunkulu wakho ukusizile.”
Wayesebamukela uDavide, wabenza izinhloko zeviyo.
Ingxenye YabakwaManase Eyafika KuDavide
19Kwafika ingxenye yabakwaManase kuDavide, ngesikhathi izolekelela amaFilisti ukulwa noSawule, kodwa abawalekelelanga ngokuba abaholi bamaFilisti babonisana, bamkhomba indlela bethi: “Lo uyakuhlubukela enkosini yakhe uSawule, adayise ngathi, asibulale.”
20Ngesikhathi eya eZikilagi, abakwaManase abaqembuka beza kuye yilaba: u-Adina, uJozabhadi, uJediyayeli, uMikhayeli, uJozabhadi, u-Elihu, uZilethayi, nezinhloko zezinkulungwane zabakwaManase. 21Bamsiza uDavide ekulweni namabutho ayemhlasela, ngokuba bonke babengamaqhawe anamandla, bengabakhuzi bempi. 22Imihla ngemihla, kwakufika abazomsiza uDavide, kwaze kwaba yimpi enkulu enjengekaNkulunkulu.
Inani Lamabutho Aya KuDavide
23Nanti inani lezinhloko ezazihlomile ezeza kuDavide eHebhroni, ukuba ziguqulele kuye umbuso kaSawule njengokusho kwezwi likaSimakade. 24Kwabozalo lukaJuda ababephethe izihlangu nemikhonto, behlomele ukulwa babeyizi-6 800. 25Kwabozalo lukaSimeyoni, amaqhawe anamandla empini babeyizi-7 100. 26Kwabozalo lukaLevi babeyizi-4 600. 27UJehoyada wayengumholi wakwa-Aroni enezi-3 700, 28noZadoki, insizwa eyiqhawe elinamandla, nabakhuzi bempi abangama-22 ababevela endlini kayise. 29Kwabozalo lukaBhenjamini, abafowabo bakaSawule, kwakuyizi-3 000, ngokuba kuze kube namuhla iningi labo lisathembekile endlini kaSawule. 30Kwabozalo kuka-Efrayimi kwakuyizi-20 800, amaqhawe anamandla, amadoda ayenegama ezindlini zokhokho bawo. 31Engxenyeni yesizwana sakwaManase kwakuyizi-18 000 ezazibizwe ngamagama ukuba zifike zizobeka uDavide, abe yinkosi. 32Kwabozalo luka-Isakhare, labo ababeqonda ngezikhathi ukuba bazi okufanele kwenziwe ngu-Israyeli; izinhloko zabo ezazingama-200; bonke abafowabo balalela izwi labo. 33KwaZebuloni kwaphuma abayizi-50 000 ababekulungele ukuya empini, behlome ngazo zonke izikhali zokulwa futhi bekulungele ukusiza uDavide, benhliziyonye. 34KwabakwaNafethali kwaba ngabakhuzi bempi abayinkulungwane, benababephethe izihlangu nemikhonto abayizi-37 000. 35KwabakwaDani, ababekulungele ukuya empini, babeyizi-28 600. 36Kwabakwa-Asheri, ababevuthiwe bengaphuma baye empini, babeyizi-40 000. 37Ngaphesheya kweJordani, kwabakwaRubeni nabakwaGadi nengxenye yesizwana sakwaManase, babeyizi-120 000 ababehlome ngezikhali zonke zokulwa empini.
38Wonke lawa mabutho ayehlelwe ngendlela yokulwa, afika eHebhroni ngenhloso eyodwa, yokuzobeka uDavide ukuba abe yinkosi kwa-Israyeli, nabo bonke abaseleyo bakwa-Israyeli babenhliziyonye ukubeka uDavide abe yinkosi. 39Bahlala lapho noDavide izinsuku ezintathu, bedla, bephuza, ngokuba abafowabo babebalungisele. 40Nabakhelene nabo, kusukela kwa-Isakhare, kwaZebuloni, nakwaNafethali, baletha isinkwa ngezimbongolo, ngamakameli, ngeminyuzi, nangezinkabi. Baletha ukudla okusanhlamvu, izigaxa zamakhiwane, izigaxa zamareyizini, iwayini namafutha, izinkabi nezimvu eziningi, ngokuba kwakunokuthokoza okukhulu kwa-Israyeli.