IsiZulu 1959/1997 (NO) (ZUL59NO)
93

UJehova uyinkosi

931UJehova uyinkosi,

wembethe ubukhosi;

uJehova wembethe, ubhince amandla.

Nezwe limi liqinile, lingazanyazanyiswa.

2

93:2
Isaya 44:6
Isihlalo sakhe sobukhosi simi siqinile kwasendulo;

wena ukhona kwaphakade.

3

93:3
Isaya 17:12
Imifula iphakamisile, Jehova,

imifula iphakamisile ukuholoba kwayo;

imifula iphakamisa ukuduma kwayo.

4

93:4
AmaH. 65:7
89:9
UJehova ophakeme unamandla

kunokuholoba kwamanzi amaningi,

kunokuduma kwamadlambi olwandle.

5

93:5
AmaH. 19:7
Ukufakaza kwakho kuqinisekile kakhulu.

Ubungcwele buyifanele indlu yakho, Jehova,

kuze kube phakade.