Umkhuleko kaDavide.
171
66:18
Yizwa ukulunga, Jehova,
ulalele ukukhala kwami,
ubeke indlebe emkhulekweni wami
ophuma ezindebeni ezingenankohliso.
2
Ukwahlulelwa kwami makuvele ebusweni bakho;
amehlo akho mawabheke okulungileyo.
3
IzA. 17:3
Uyalinga inhliziyo yami;
ungihambele ebusuku,
uyangihlolisisa, awufumani lutho;
ngiyahlosa ukuba umlomo wami ungaphambuki.
4Emisebenzini yabantu ngiyazilinda,
ezindleleni zezidlova ngezwi lezindebe zakho.
5
AmaH. 18:36
Izinyathelo zami zinamathela ezinyaweni zakho,
izinyawo zami azisheleli.
6Ngikhala kuwe, ngokuba uyangizwa, Nkulunkulu;
beka indlebe yakho kimi,
uzwe izwi lami.
7Bonakalisa isihe sakho esimangalisayo
wena osindisa ngesandla sakho sokunene
labo abaphephela kuwe kwababahlaselayo.
8
Ngigcine njengenhlamvu yeso,
ungisithe ethunzini lamaphiko akho
9kubo ababi abangilimazayo,
kuzo izitha zokuphila kwami ezingihaqileyo.
10
Bavalelwe ngamanoni abo,
bakhuluma ngokuzidla ngomlomo wabo.
11
AmaH. 10:9
Noma siyaphi, bayangizungeza;
amehlo abo bawabhekisa kukho ukungiwisa phansi emhlabathini.
12Unjengengonyama ehahela ukubamba,
njengebhongo lengonyama elilele ezindaweni ezisithekileyo.
13Vuka, Jehova, umhlangabeze, umwise phansi;
sindisa umphefumulo wami komubi ngenkemba yakho,
14
Fil. 3:19
nakubantu ngesandla sakho, Jehova,
abantu baleli zwe abasabelo sabo sikulokhu kuphila,
nabasisu sabo usigcwalisa ngengcebo yakho,
nabashiyela izingane zabo okusele kubo.
15
Math. 5:8
Joh. 17:24
1 Kor. 13:12
Joh. 3:2
Kepha mina ngiyakubuka ubuso bakho ekulungeni,
ngisuthe ngesimo sakho ekuvukeni kwami.