Igama lokukhuphuka.
1281
119:1
Babusisiwe bonke abamesabayo uJehova,
abahamba ngezindlela zakhe.
2Ngokuba uyakudla umsebenzi wezandla zakho;
uyakuba nenhlanhla nempumelelo.
3Umkakho uyakuba njengomnqumo othelayo phakathi kwendlu yakho,
abantwana bakho babe njengezithombo zomnqumo,
bezungeza itafula lakho.
4Ngokuba bheka,
kanjalo iyakubusiswa indoda
emesabayo uJehova.
5
UJehova makakubusise eseSiyoni;
uyakubona inhlanhla yaseJerusalema
zonke izinsuku zokuphila kwakho.
6
Gal. 6:16
Uyakubona abantwana babantwana bakho.
Ukuthula makube phezu kuka-Israyeli.