IsiZulu 1959/1997 (NO) (ZUL59NO)
126

Ukutshala ngezinyembezi nokuvuna ngentokozo

Igama lokukhuphuka.

1261

126:1
AmaH. 14:7
Lapho uJehova abuyisa ukuthunjwa kweSiyoni,

sasinjengabaphuphayo.

2

126:2
Jobe 8:21
Umlomo wethu wawusugcwala ukuhleka

nolimi lwethu ukuhuba;

bathi phakathi kwabezizwe:

UJehova ubenzele izinto ezinkulu.

3UJehova usenzele izinto ezinkulu, sajabula.

4Buyisa, Jehova, ukuthunjwa kwethu

njengemifula yaseningizimu.

5

126:5
Math. 5:4
Luk. 6:21
Abahlwanyela ngezinyembezi

bayakuvuna ngokuthokoza.

6

126:6
Isaya 35:10
Ohamba ekhala izinyembezi,

ephethe imbewu yokuhlwanyela,

uyakubuya ngokuthokoza,

ephethe izinyanda zakhe.