IsiZulu 1959/1997 (NO) (ZUL59NO)
120

Umkhuleko wocela ukusizwa ekukhohliseni kwezitha

Igama lokukhuphuka.

1201Ekuhluphekeni kwami ngakhala kuJehova,

wangiphendula.

2Jehova, hlenga umphefumulo wami emlonyeni wamanga

nasolimini lwenkohliso.

3

120:3
Jak. 3:5
Uyakuvuzwa ngani, uyakwenezelelwani

wena lulimi lwenkohliso, na?

4

120:4
AmaH. 11:2
52:1
57:4
59:7
Imicibisholo ebukhali yeqhawe

namalahle omlilo.

5Maye kimi!

Ngokuba ngigogobele kwaMesheke,

ngihlezi ematendeni akwaKedari.

6Umphefumulo wami sekukade wahlala naye

ozonda ukuthula.

7Ngingowokuthula;

kepha uma ngikhuluma, bangabalwayo.