1121
128:1
Haleluya!
Ubusisiwe umuntu omesabayo uJehova,
othokoza kakhulu ngemithetho yakhe.
2
IzA. 20:7
Inzalo yakhe iyakuba namandla emhlabeni;
isizukulwane sabaqotho siyakubusiswa.
3Ingcebo nemfuyo kusendlini yakhe;
ukulunga kwakhe kumi phakade.
4
Kuyabaphumela abalungileyo ukukhanya ebumnyameni:
umusa, nobubele, nokulunga.
5
IzA. 14:21
Luk. 6:34
Umuntu omuhle nguye onomusa, otshelekayo,
esekela izindaba zakhe ngokulunga.
6Ngokuba akayikugudluka kuze kube phakade;
olungileyo uyakukhunjulwa kuze kube phakade.
7
Akesabi imibiko emibi;
inhliziyo yakhe iqinile, iyethemba uJehova.
8
Imisekile inhliziyo yakhe, ayesabi,
aze azibuke izitha zakhe ziphansi.
9
2 Kor. 9:9
Uyaphana, uyabanika abampofu;
ukulunga kwakhe kumi kuze kube phakade;
uphondo lwakhe luyakuphakama ngodumo.
10
Omubi uyakukubona, acunuke,
agedle amazinyo akhe, abesephela;
isifiso sababi siyakubhubha.