191
Ungcono ompofu ohamba ekupheleleni kwakhe
kunophambene ngezindebe zakhe eyisiwula.
2Futhi akulungile ukuba umphefumulo ungabi nakwazi;
oshesha ngezinyawo uyaduka.
3Ubuwula bomuntu buchitha indlela yakhe,
kepha inhliziyo yakhe iyamthukuthelela uJehova.
4
Imfuyo iyenezela abangane abaningi,
kepha ompofu uyashiywa ngumngane wakhe.
5
IzA. 21:28
Ufakazi wamanga akayekwa,
nophafuza amanga akayikusinda.
6Baningi abancenga izikhulu;
bonke bangabangane bomuntu wezipho.
7
Bonke abazalwane bompofu bayamzonda;
kakhulu kangakanani abangane badedela kude naye;
uyabaxosha ngamazwi,
kepha awasekho.
8Ozuza ukuqonda uthanda umphefumulo wakhe;
ogcina ingqondo uyakufumana okuhle.
9Ufakazi wamanga akayekwa,
nophafuza amanga uyakubhubha.
10
26:1
30:22
Ukutamasa akufanele isiwula;
kakhulu kangakanani akufanele ukuba inceku ibuse phezu kwezikhulu.
11
16:32
Ukuhlakanipha komuntu kubambezela intukuthelo yakhe;
kuludumo lwakhe ukudlula esiphambekweni.
12
20:2
Ukufutheka kwenkosi
kunjengokubhonga kwengonyama,
kepha isihhe sayo sinjengamazolo etshanini.
13
17:25
27:15
Indodana eyisiwula iyinhlupheko kayise,
nokuxabana komfazi kungukuconsa njalonjalo.
14
31:10
Indlu nemfuyo kuyifa elivela koyise,
kepha umfazi ohlakaniphileyo uvela kuJehova.
15
12:24,27
13:4
20:13
Ubuvila bushonisa ebuthongweni obunzima,
nesidenge siyalamba.
16Ogcina umyalo ulonda umphefumulo wakhe,
kepha onganaki izindlela zakhe uyakufa.
17
25:40
Onomusa kompofu utsheleka uJehova,
nomsebenzi wakhe uyawubuyisela kuye.
18
22:15
23:13
Yilaye indodana yakho,
lisekhona ithemba;
ungabhekisi inhliziyo yakho ukuyibulala.
19Onolaka olukhulu uyathweswa ihlawulo,
ngokuba uma umophula,
umelwe ukukuphinda.
20
Yizwa isiluleko, wamukele ukulaywa,
ukuze uhlakaniphe ekugcineni.
21
IzA. 16:1,9
Isaya 46:10
Kukhona amacebo amaningi enhliziyweni yomuntu,
kepha isiluleko sikaJehova siyakuma.
22
Ukuthandwa komuntu kubangwa ngumusa wakhe;
ompofu ungcono kunomuntu wamanga.
23Ukumesaba uJehova kungokokuphila;
onakho uhlezi anelisiwe,
akahanjelwa ngububi.
24
Ivila liyafaka isandla salo esitsheni;
alisibuyiseli nasemlonyeni walo.
25
Shaya isideleli, ongenalwazi uyakuthola ukuqonda;
sola oqondileyo, uyakuqonda ukwazi.
26
Ochitha uyise noxosha unina
uyindodana ehlazisayo nebanga amahloni.
27
Yeka, ndodana yami,
ukulalela ukulaywa,
uyakuduka emazwini okwazi.
28Ufakazi omubi uyadelela ukwahlulela;
umlomo wababi uyagwinya ukona.
29
20:30
26:3
Izahlulelo zilungiselwa izideleli,
nemivimbo umhlane weziwula.